Now Reading
Amakhwenkwe esabisa ukusoka ngenkani ngalo Zibandlela
Dark Light

Amakhwenkwe esabisa ukusoka ngenkani ngalo Zibandlela

Ukungenziwa kosiko lokusoka kulo nyaka ngenxa yemvalelwakhaya sekudale ingcindezi enkulu kubazali njengoba abafana besabisa ngokuthi bazoya ngenkani entabeni uma uHulumeni eqhubeka nokuthi kungasokwa. 

Lokhu sekufake ingcindezi nakubaholi bendabuko e-Eastern Cape okumanje bahlela umhlangano ophuthumayo noHulumeni kazwelonke ukuze kudingidwe lolu daba kubuye kubhekwe imigomo ezolandelwa uma kuvunyelwana ngokuthi kuvulwe ukusoka. 

Isifundazwe i-Eastern Cape esesiphumele obala ngokuthi kasihambisani nokumiswa kokusoka yize kuyiso esibhekene nengwadla yokushona kwabasokwa njengoba kwafa abali-17 nyakenye. 

Abafanyana abakhulume nelaboHlanga, abangathandanga ukudalulwa, bathe kumnyama kubovu bona bazoqhubeka nesiko ngoZibandlela kulo nyaka ngoba uma kuqhubeka isikhathi bengasokile bazoba nenkinga. 

“Kasihleli kahle kuyimanje emphakathini ngenxa yabanye bontanga yethu abalenzile leli siko abasibiza ngamagama athile nokuthi kasihloniphekile nakwabesifazane ngoba bayaziwa asebedlulile kulona nabangakalenzi,” kusho omunye wabo. 

Uthe kubuhlungu ukuthi ubuwazi ukuthi ngesikhathi esithile ubuzobe ungasacabangi njengomfanyana kepha   njengendoda kodwa leso sikhathi sidlule uhlale udelelwa noma ululazekile nakubantu. 

Yize omunye wabazali ethe bayawuhlonipha umthetho obekwe uHulumeni kodwa ukhale ngokuthi abahleli kahle ngoba bayazizwa izinkulumo emphakathini zokuthi kunabafanyana abathile abafuna ukuya entabeni ngenkani. 

“Kuyinkinga enkulu-ke lokho ngoba kungagcina kuthathe imiphefumulo yabanye ngoba bengenaso isipiliyoni sokuzigada nokuthi yini okufanele yenzeke ukuze impilo yabo iphephe,” kusho lo mzali.

Uthe bethanda bengathandi kukhona okuzokwenzeka kulo nyaka njengoba kumanje belala bevule amehlo begade izingane zabo nokuthi baqinisekise ukuthi ziyabuyela emakhaya ebusuku. 

“Kabehli ubuthongo uma indodana yami ingabuyanga ngoba angazi ukuthi ngizotshelwani ngosuku olulandelayo” kusho umzali ocele ukungadalulwa ngenxa yezimo zokuphepha. 

Ufakazelwe ibamba likaSihlalo Wendlu YobuHoli boMdabu, iNkosi uLanga Mavuso, ethe bacele  umhlangano noHulumeni ngoba besaba izinkinga ezingase ziqubuke ezifana nokwanda kwezikole zokusoka ezingekho mthethweni.

Igxeke ukuvulwa kwezindawo zokungcebelela nokuthi uHulumeni ubukeka engenandaba nesiko namalungelo alabo okufanele balenze.

Ithe ngeke bakhulume nabazali ukuthi babonise izingane zabo ngale ndaba njengoba edalule nezinhlelo asebenazo zokusoka uma kuvunywa ukuthi kuvulwe ngoZibandela. 

Phakathi kwazo ukuthi abasokwa bangeqi kwababili, bahlinzekwe ngezinsiza zokuhlanzeka nokuthi labo ababaqaphile nababasokayo bafundiswe ngokuhlanzeka ukubalekela ukuphambana nemigomo kakhuvethe. 

“Nanjengelungu leProvincial Initiation Task Team ehlanganisa uNdunankulu nabanye abaphathiswa okubalwa kubo owezempilo, owezemfundo nowezobuciko namasiko sesike sahlangana senza izinhlelo zokuthi kusungulwe ikomidi elibizwa ngeRisk Adjusted Strategy elizobhekana nobungozi obungase bube khona uma kwenziwa leli siko.

Leli komidi lizobhekana nokuthi kungangenelelwa kanjani ukuze kungabi bikho zinkinga uma kuqhutshwa isiko” kusho iNkosi uMavuso.

Ithe inkinga ukuthi sizokhula isibalo sabafana abazokhula bengasokiwe nokuzokwandisa izikole zokusoka ezingekho mthethweni eziyimbangela yokufa kwabafana. 

Uthe zikhona nezinhlangano ezingenzi nzuzo abasebenzisana nazo futhi bakhona nabanye abafuna ukuthi kuvulwe ukusoka njengamabandla ezenkolo,  iContralesa, izinyanga nezangoma neMoral Regeneration Movement.

See Also

Ikuchithile okushiwo uNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, uMnu uJackson Mthembu, ukuthi abasoka ngokwesiko lamaHlubi eKokstad kufanele basize izifundazwe ezibhekene nokufa kwabafana okubalwa ne-Eastern Cape.

“Noma sesithanda ngeke kwenzeke lokho ngoba amasiko awafani nokuthi-ke izigameko zokushona kwabafana esifundazweni sethu azenzeki lapho lenziwe kahle isiko kepha lapho elenziwe abantu abangenaso isipiliyoni asebeliphendule ibhizinisi.”

Ithe ihlukile indlela leli siko elenziwa ngayo okungenza kube khona ukushayisana.

USihlalo weNdlu Yobuholi BoMdabu KwaZulu-Natal, iNkosi uPhathisizwe Chiliza, uthe bebengekaxoxisani nabase-Eastern Cape ngokuthi abaseKokstad basebenze ngokubambisana nabo njengoba iSILO sanxusa kodwa kufanele bakuqonde ukuthi ngalokho sasingasho ukuvalwa kwesiko kodwa sasifuna lihlonishwe futhi kuhlonishwe nempilo yabantu. 

“Futhi kasibheke ukusebenzisana ne-Eastern Cape kuphela, zikhona nezinye izifundazwe ezinezinkinga zazo ezifana neMpumalanga neLimpopo esifisa ukuthi kusetshenziswane nazo kube khona nabezempilo,” kusho iNkosi uChiliza.

Inkulumo yeNkosi uChiliza yenanelwe nanguSihlalo weNdlondlo okuyikomiti elibhekelele ukusoka eKokstad, uMnu uBenny Khobo, othe yize nakubo kungekho kuhle ngalesi sinqumo kodwa abafuni ukuthi bafelwe abasokwa ngoba bebengakahlali phansi bacabange izindlela zokwenza ngoba babeka impilo yabafana kuqala. 

Yize kungeke kusokwe ngokwesiko lamaHlubi kulo nyaka kodwa elaboHlanga lnalo ulwazi lokuthi ukhona umhlangano ohlelwa yiNdlondlo noMnyango Wezempilo noWezindaba ZoMdabu ngenhloso yokudingida lolu daba. 

UNgqongqoshe woMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu, uDkt uNkosazana MaDlamini Zuma, uvumile ukuthi kunomhlangano azowubamba naMakhosi esifundeni i-OR Tambo kodwa wenqaba ukuchaza kabanzi ukuthi kuzobe kudingidwani kuwo. 

Scroll To Top