Ugixabezwe ngesobumeneja eqenjini lesizwe lomnqakiswano
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Iswele amazwi intokazi eqokelwe esikhundleni esikhulu eqenjini lesizwe lomnqakiswano labaneminyaka engaphansi kweli-19.
Leyo ntokazi nguLifalethu Khumalo okuvele ukuthi ngeledlule umenyezelwe njengeMenenja yeqembu lesizwe labaneminyaka engaphansi kweli-19. “Lezi zindaba zifike kimina njengombiko wokuthi sekudlule umuntu engisondelene naye, okuba nzima ukuthi ngiqale ngikholwe ukuthi lokho kwenzeke ngempela yini. Nami kushiwo igama lami ukuthi sengizoba iMeneja eqenjini lesizwe ngivele ngangazi ukuthi ngithini, ngijabule ngendlela eyisimanga” kusho uLifalethu ekhuluma nelaboHlanga.
Le ntokazi ibalule ukuthi izalelwe esifundazweni iKwaZulu-Natal, KwaNdengezi yakhulela eCanada kodwa manje ngenxa yomsebenzi isifihla ikhanda ePitoli.
Intokazi yakwaKhumalo kukhona konke lokhu ituse ukusebenza kanzima. “Ukuba yingxenye yeqembu lesizwe akuyona into olalayo uvuke ngakusasa usuyiyona kumele usebenze kanzima. Noma ingabe kuthiwa usebenza neqembu elincane kangakanani kodwa uma kungelesizwe kumele uziqhenye ngalokho ngoba usuke umele izwe hhayi iqembu nje. Nami ngicabanga ukuthi imivuzo yami yokusebenza kanzima iyaqala iyavela manje. Ukuthola leli thuba akusho ukuthi sekumele ngizithele ngabandayo muningi umsebenzi osangihlalele” kusho le ntokazi.
Ayilona ivukana eyakoKhumalo ekubeni yiMeneja, njengoba ibikulesi sikhundla kuTuks Netball Club kusukela eqenjini elincane kuya kwelikhulu elidlale umqhudelwano i-University Sports South Africa (USSA), iTshawe Netball, iqembu eligijima kuligi enkulu kuleli iGauteng Jaguars egijima kuligi iTelkom Netball League (TNL). IGauteng Jaguars esibe ngompetha beTNL ka-4 kusukela ngonyaka wezi-2017 kuze kube unyaka wezi-2020.
Iphinde yaba iMeneja khona e-University of Pretoria eqenjini leHockey labaneminyaka engaphansi kweli-13 nabaneminyaka engaphansi kweli-16.
ULifalethu uthe akazisolanga ukushiya phansi ukudlala umdlalo womnqakiswano waya ePitoli ukuyokwenza izifundo zeSport Science e-University of Pretoria. “Lo mdlalo ngikhule ngiwuthanda kakhulu ngawudlala ngadlala nabadlali abanekhono eliyisimanga, nganginethemba lokuthi ngizomela iqembu lesizwe izikhathi eziningi. Kodwa ngenxa yokubeka imfundo phambili ngeza lapha ePitoli ukuzoqhuba izifundo, nalapho ngafike ngathola khona amathuba amaningi” kusho uLifalethu.
Uthe udlale nabadlali abazakhele igama eqenjini lesizwe okubalwa uBongiwe Msomi okuyimanje ungukaputeni, uPrecious Mthembu noJessica Khomo ukusho abambalwa. Le ntokazi izobe ibhekwe ukuthi iqale ukusebenza emqhudelwaneni ozokuba mhla zintathu kuya mhla zili-13 kuZibandlela nonyaka. Lo mqhudelwano ubizwa ngokuthi i-African Union Sports Council (AUSC) Region 5 Games, uzobanjelwa eMaseru, eLesotho. “Ngiyakuqonda ukuthi abadlali bahlale isikhathi eside bengadlali ndawonye kodwa ngiyakholwa ukuthi bazokwenza kahle uma sebezilolonge isikhathi eside.
Lo mqhudelwano udlulisa iminyaka emibili bese uba khona ngiyajabula ukuthi uzoba khona kulonyaka ukhuvethe ngikholwa ukuthi ngeke luphazamise nhlobo. Ngikholwa ukuthi ukwenza kahle kwami kuzongiweza ekutheni nginyukele eqenjini elikhulu” usho kanje.
Le ntokazi ithe koyijabulisa uma kungathiwa iba y ingxenye yeqembu eliyobe limele iNingizimu Afrika emqhudelwaneni weNdebe YoMhlaba ezokuba ngonyaka wezi-2023 eCape Town. UBongiwe uthe kuyajabulisa ukubona abadlali basesifundazweni iKwaZulu-Natal bephakamisa isifundazwe. “Ngiyambongela kakhulu umkhaya wami. Sidlalile naye isikhashana, umsebenzi wakhe uyaziwa kakhulu njengoba esebenza neqembu elingompetha beTNL iGauteng Jaguars. Ngiyathemba kakhulu ukuthi uzokwenza umsebenzi omuhle aqhubeke nokuphakamisa isifundazwe” kusho uBongiwe.
Ngeledlule le ntokazi yaseHammarsdale kuvele ukuthi yona ijoyine inkampani kaJay-Z iRoc Nation esizophatha izindaba zayo. Lapho ijoyine ozakwabo uSiya Kolisi ongukaputeni wamaBhokobhoko, uThemba Bavuma ongukaputeni wamaProteas noChelsin Kolbe ongumdlali wamaBhokobhoko.