Usephenduke izeze eliluma liqhashe uMaKhoza
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Umbiko ongamakhasi angama-24 uveza isithombe somholi olihlongandlebe
Kupolitki kukhona amakhono kanye nezigameko ezinconywayo kosopolitiki. Isibonelo nje kuba kukhulu ukunconywa komholi ngenxa yokuba yisikhuphekhuphe seqembu esemncane, akhulele kulo aze abe ngumholi walo. Nokho nakhona kupolitiki zikhona izigigaba ezidala umbuzo ngelungu noma umholi thizeni.
Muva nje le mibuzo ivela nxa kuqhamuka igama likaDkt uMakhosi Busisiwe Khoza. Izimpande zalo mholi zigxile kakhulu eqenjini elibusayo i-African National Congress (ANC). Uqale ukuba yilungu laleli qembu esemncane kakhulu nogcine eselimela ezinhlakeni ezahlukene koHulumeni Bendawo, eSishayamthetho sesifundazwe kanye nakuzwelonke.
EPhalamende udume kakhulu ngesikhathi sophenyo lwePhalamende mayelana nokungaphathwa kahle kwenhlangano yokusakaza iSouth African Broadcasting Corporation. Wazakhela ugazi kubantu baseNingizimu Afrika ngemibuzo ehlabayo ayeyiphosa ezikhulwini zeSABC ngaleso sikhathi.
Okunye okwabe kuhlaba abaningi umxhwele ngaye wuthando lwakhe lwemfundo njengoba engudokotela ngokwemfundo eneqhuzu leMasters kuSocial Science (Policy Development) kanye nelinye lePhD kwezokuphatha.
Sekungumlando ukuthi iqembu lobusha bakhe i-ANC kwahamba kwahamba walilaxaza emuva kokungaboni ngasolinye kwakhe nobuholi kanye namalungu athile. UDkt uKhoza wabe ebasola abe-ANC ngoba yisisulu sabaphangi nabavikeli ‘beqola’ elinguMnu uZuma nowayenguMengameli weqembu ngaleso sikhathi. Lokhu kuphawula kwakhe ngeqembu nabaholi balo kwamdalela amazinyo abushelelezi.
Kwathi kungaba muncu ubudlelwano neqembu lakhe wabe esephuma inxiwa wasungula iqembu nabanye baletha igama elithi African Democratic Change (ADeC).
Kwathi kusabhekwe lokho ngowezi-2018 okwabe kuyisikhathi esingangonyaka esule kuKhongolose wamemezela ukuthi uselishiyile leli qembu nakhona ehujwa ayeqale nabo iqembu kodwa akuphelanga sikhathi eside kwasuka uthuthuva, wagcina ngokushiya kulelo qembu.
Abasala neqembu bathi usula nje vele usexoshiwe kulandela ukungaziphathi kahle kwakhe (ngezinkulumo) nokwehlise iqembu isithunzi.
Ephawula ngalezi zinsolo nokumiswa kwakhe ngaleso sikhathi uDkt uKhoza wathi: “Abanye babengafanelekile ukuba ngamalungu e-ADeC yize babekhona emhlanganweni wokuqamba iqembu. Laba bakhombisa ubudlwembe. Sibavulele necala legazi,” kusho uDkt uMakhosi Khoza.“
Bayaziphindiselela ngoba bebecabanga ukuthi iqembu eliholwa ngowesifazane kuzoba wumsobo nje ukuthi balithathe,” kusho yena.
Ngaleso sikhathi igagasi lakhe (igama) labe liphezulu nokwathi uma esuka lapho wanqakwa yinhlangano entsha i-ActionSA neholwa nguMnu uHerman Mashaba esinqumweni esathathwa ngabaningi njengesiphusile nesingase sihlanganise abaholi ababili abanamandla okuguqula ubuso bepolitiki yakuleli. Sekungumlando ukuthi lobu budlelwano abusekho.
Umbiko wokuqondisa ubugwegwe umlahle ngecala uDkt uKhoza. Ikomiti ebelihlanganisa lo mbiko belihlanganisa uSihlalo u-Adv uGill Benson (owake waba yiBambamehluleli eNkantolo Enkulu) futhi washushiswa nguSihlalo We-ActionSA eWestern Cape uNks uVytjie Mentor.
IKomidi Lendlela Yokuziphatha Nokuqondisa Ubugwegwe lilahle, ngo-elethu, uDkt uKhoza kuwo wonke amacala futhi lancoma ukuba kuqedwe ubulungu bakhe enhlanganweni.
Ngokusho kwabe ActionSA, ubufakazi obuveziwe ngoDkt uKhoza bubandakanya okuningi akusho emphakathini nokuphawula kwabezindaba okungangabazeki ukuthi kwenziwa ngenhloso yokudicilela phansi isithunzi se-ActionSA.
“Ayikho incazelo ephusile yokuthi asebenzise budlabha iqembu, futhi aphokophelele ukukuchumisa. Njengelungu elisesikhundleni esiphezulu leqembu akanendaba nokulimala kweqembu ngoba efuna udumo nokuzinothisa. Ukwethembeka kwakhe akukho eqenjini i-ActionSA kodwa kusekuzikhuliseni yena kwezepolitiki elimaza kakhulu iziko lakhe ne-ActionSA.
Yize izinto zingahambi kahle okwamanje kulo mholi, akukho ukungabaza ukuthi eminyakeni ecela ema-40 kupolitiki nakulokhu uzobuya ngelinye igiya kupolitiki yakuleli. Umbuzo wukuthi uyovuka kuphi nokuthi nakhona uyothula yini noma uzoqhubeka nokuba yizeze elima kulokho elikholelwa kukho ngaleso sikhathi.