Athe njo kuCAF amehlo omqeqeshi weChiefs
Umqeqeshi weKaizer Chiefs uCavin Johnson akalilahlile ithemba ngokuzibekisela indawo emiqhudelwaneni yeConfederation of African Football (Caf) ngesizini ezayo.
Amakhosi aphinde akhala ngaphansi kule mpelasonto equnjwa phansi yiRichards Bay FC emdlalweni weDStv Premiership.
USimphiwe Mcineka nguyena ovalele enethini igoli okunqobe ngalo iNatal Rich Boyz eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.
Njengamanje iChiefs isidlale imidlalo emihlanu inganqobi futhi ingalitholi igoli. Ihlezi endaweni yeshumi ku-log.
“Ngeke ngiliphonse ithawula imidlalo yeligi ingakapheli. Njengethimba labaqeqeshi kumele sisebenze kanzima. Akuphelile ngamathuba okuzibekisela indawo emiqhudelwaneni yeCaf. Abadlali bayakwazi lokho. Ingcindezi esibhekene nayo leyo. Nokho kumele sibhekane nayo njengoba injalo. Ayikho indlela yokuyibalekela,” kuchaza uJohnson.
Amaqembu amathathu azoqeda phezulu azozibekisela indawo emiqhudelwaneni yeCaf.
Ompetha beligi neqembu elizoyibamba endaweni yesibili bazodlulela kuCaf Champions League bese kuthi eliyibambe endaweni yesithathu nompetha beNedbank Cup bazitholele ithikithi elibheke kuCaf Confederation Cup.
“Kubuhlungu ukubona iqembu lingawatholi amagoli. Kunzima ukubhekana nendlala yamagoli. Lokhu kuholela ngaso sonke isikhathi uma nisejimini nigxile ekulungiseni inkinga yamagoli,” kuqhuba uJohnson.
NgoMgqibelo ngelesi-5.30 ntamabama, iChiefs izobhekana neSuperSport United bese kuthi ngoLwesibili idlale neMamelodi Sundowns.
“Namuhla sidlale eminye yemidlalo lapho izitha zithola ithuba elilodwa bese ziyalisebenzisa. Umdlalo besiwuphethe ngamaphesenti angamashumi ayisishiyagalombili nanhlanu kodwa sahluleka wukunqoba. Sizidinelwe thina ngalokho. Umdlalo bekumele siwunqobe ngesiwombe sokuqala. Esesibili besihlukile uma usiqhathanisa nesokuqala. Bekungelona usuku olwethu. Angingabazi ukuthi abadlali bami bayaphikisana ezindlini zokushintshela. Siyaqonda ukuthi kumele senze kangcono. Indlela okuyiyona ungafunga ukuthi iRichards Bay inqobe isicoco seligi,” kusho uJohnson.
Amakhosi ahlukaniswe amaphuzu ayishumi nambili neStellenbosch eyibambe endaweni yesibili.
“Kumele sibuyele emuva siyobhukula yize sisalelwe yimidlalo eyisithupha ngaphambi kokuthi kusongwe isizini. Amatafula kumele aphenduke. Lokho sizokwenza ngokuthola amagoli. Siyafika ezindaweni ezinhle. Nabadlali abafanele siyababophela.” kuphetha uJohnson.