Now Reading
Mangakanani amathuba okuthi abe ngumengameli wakuleli
Dark Light

Mangakanani amathuba okuthi abe ngumengameli wakuleli

USEKELA Mengameli uRamaphosa akakuphiki akakuvumi ukuthi usuqalile umjaho obheke ebunhlokweni be-ANC. Uma ungumengameli we-ANC usemathubeni okuba ngumengameli wezwe njengoba yize izinkinga ziyikhungethe kodwa isenabo abathandi nabalandeli. Engifisa sikubheke lana ngukuthi mangakanani amathuba anawo uSekela Mengameli ekutheni abe ngumengameli waseNingizimu Afrika. Mhlawumbe ukuze sifike lapho sidinga ukuthi siqale sibheke ukuthi angawudla yini umhlanganiso engqungqutheleni ye-ANC yokuqoka ubuholi obusha eseMangaung kuZibandlela ngonyaka ozayo. Imbangi yakhe esiyilindele nayo engakafuni ukuyivuma eyombango ngowayengusihlalo we-AU uNkosazana Dlamini-Zuma.

Ngizoqhathanisa amathuba akhe nakaRamaphosa ukuze sibone ukuthi angafika yini kwesobumengameli bese sibheka uRamaphosa engihlose ukugxila kuye kulesi sihloko. Bakhona abasangawungenela umbango wobuholi be-ANC abanjengoPravin Gordhan oseyintandokazi muva nje, uBaleka Mbethe ovele unguSihlalo ku-ANC naseSishayamthetho sikaZwelonke, kanye noTokyo Sexwale okade wayesolwa ngokusifuna lesi sikhundla. Ngizobayeka laba engibabale ngenhla ngezizathu zokuthi akukacaci ukuthi ukwesekwa kwabo kungaqhamuka ngakuphi. USekela Mengameli uRamaphosa osesekwe ngumfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi iCOSATU kanye nenhlangano yokuvikelwa kwamalungelo yabengalo yomthetho nabasemajele iPOPCRU. UNkosazana Dlamini-Zuma yena uthola ukwesekwa yiqembu labesimame be-ANC i-ANCWL kanye neqembu lentsha i-ANCYL. Abasele abangase babe ngabacacisayo ukuthi ubani ongase adle umhlanganiso yinhlangano yamakhomanisi iSACP, igatsha le-ANC laKwaZulu-Natal elinobulungu obuningi ku-ANC kanye nelaseGoli elithathwa njengelibaluleke kakhulu kule nhlangano.

Inhlangano iSACP ingase ingeseki muntu njengoba ihlala ifuna ukweseka ophuma kuyo. Igatsha laKwaZulu-Natal akulula ukuliqagula njengoba seliholwa nguMhlonishwa uZikalala abanye abambiza ngosomathuba, mina engingathi angeke amseka ongase engamfaki kwelomkhulu le-ANC, ukumbiza ngosomathuba mhlawumbe sekuyihaba ngokwami ngimthatha njengomuntu osicabangisisayo isinqumo asithathayo.

Egatsheni laseGoli maningi amathuba okuthi lihambe noRamaphosa kwazise liholwa ngumhlonishwa uMashatile ehlekisana ihlomile noMengameli, uNkosazana Dlamini-Zuma angase athole lawo machaphazelo. Amathuba okuthi uRamaphosa abengumengameli singathi ayalingana nalawo kaNkosazana Dlamini-Zuma. UMaDlamini nginesiqiniseko sokuthi esenesithunzi sokuthi usebuya ekubeni ngusihlalo wezwekazi i-Afrika ku-AU. Mhlawumbe ukuthi ungowesifazane angeke kwamsebenzela kakhulu ku-ANC, kepha kungamsebenzela uma engase angenele esobumengameli wezwe njengoba enza nje noNkk uClinton wase-USA.

URamaphosa yena abanye esebembona njengongakwazi ukuguqula isimo somnotho, kungase kumsebenzele lokho nangaphakathi ku-ANC. URamaphosa ungokwehluke kakhulu kuMengameli uZuma owavikelwa ngumlando womzabalazo nangokungaphathwa kahle nguMengameli waphambilini uMbeki. Yize naye uRamaphosa enawo umlando wakhe kepha akawuqhakambisi njengoba ethathwa njengosomabhizinisi ohlakaniphile owakwazi ekusukeni kokuba ngummeli waba ngesinye seziqumama zalapha eNingizimu Afrika. Ugazi lwakhe ngaphakathi ku-ANC alwaziwa kodwa okusobala ngukuthi khona ngaphakathi ku-ANC sebefuna okwehlukile kanti uRamaphosa ungokwehluke kakhulu noZuma kanye noNkosazana Dlamini-Zuma abathathwa njengezithupha ziya egwayini. Ngaleyo ndlela uRamaphosa angase awudle umhlanganiso ku-ANC. Uma sithatha ngokuthi uRamaphosa unalo ithuba lokuhola i-ANC, ngiyafisa sibheke ukuthi unalo yini elokuhola i-Ningizimu Afrika. Kungulwazi olungafihliwe ukuthi inhlangano i-ANC ayiseyona leya ntandokazi eyayiyiyo cishe eminyakeni engamashumi kuya emashumini amahlanu edlule. Yize kunjalo ongoti bezepolitiki basayinika ithuba lokubuyela kuHulumeni.

Inkinga uRamaphosa unesigameko saseMarikana esimhlalele esingafuni ukuphela. Lesi sigameko esenzeka eminyakeni emine eyedlule sedlula nemiphefumulo yabasebenzi bemayini iLonmin Platinum abangaphezu kwamashumi amathathu sisasulelwa kuRamaphosa namanje yize iKhomishana yehluleka ukumthola enecala. Amaqembu aphikisayo anjengo-EFF okubonakala sabathinta kakhulu lesi sigameko okwenza baze bagqoke nemifaniswano yabo uma beya eSishayamthetho Sikazwelonke angeke bayeka ukubakhumbuza abantu. Yize kungekho okobenza bakhohlwe abantu yilesi sigameko kodwa uRamaphosa usesebenze ngobuhlakani ukulungisa igama lakhe.

See Also

Emveni nje kwaleso sigameko wabe eseqala umkhankaso wenani elincane elingaholwa (minimum wage). Waqala umkhankaso wokwenza kubesemthethweni ukuthi kube neholo elinncane elivumelekile kubasebenzi baseNingizimu Afrika. Esontweni eledlule ithimba lakhe lamemezela ukuthi licabanga inani lika-R3 500 okuyilona nani okufanelwe kuqalwe kulo uma kuholelwa umsebenzi. Abantu banake ubuhlakani bokumemezelwa kwalesi siqaloholo. Kuningi okunye asekwenzile uRamaphosa okuyobakhumbuza abantu uma esenxenxa amavoti okunjengokwethula ijazi lomkhwenyana elingehlukile kakhulu kunalawo adla ephaketheni athandwa yintsha.

Abantu bengakubona njengehlaya lokhu kepha ngokwepolitiki kusho ukuthi uzimisele ngokuguquqla isimo sezempilo kuleli, kwazise inhlangano yezempilo emhlabeni wonke jikelele iWorld Health Organisation (WHO) isalibeka phambili elakuleli kwabanegciwane lesandulela ngculaza. Kanti ukuba ngusomabhizinisi kwakhe kuyomsebenzela njengoba ongoti besho bethi ipolitiki yakuleli yiyona efadabalisa umnotho. Kanti uma sekungena usopolitiki ovele owaziyo umnotho kuyobe lenkinga isixazululekile. Singasho nje sithi uRamaphosa ubuye esikhathini esikahle kupolitiki lapho khona iNingizimu Afrika idinga umuntu ozotakula umnotho kudaleke amathuba omsebenzi.

  • UMnu uNtobeko Shozi ongumfundi wezePolitiki e-UKZN
Scroll To Top