Now Reading
Lubunjwa luseva futhi ukhamba lufuze imbiza kuLuyanda noPhila
Dark Light

Lubunjwa luseva futhi ukhamba lufuze imbiza kuLuyanda noPhila

Njenganoma yiyiphi indima, igalofu lidinga ukuthi umdlali ofuna ukudlala emazingeni akhokhelwayo aqale esemncane. Kubukeka kunjalo kuLuyanda Gumede oqale ukudlala igalofu eneminyaka eyisi-6.

UGumede waseSavanna Park eNtshonalanga YeTheku, ukhombise ikhono nokuzimisela ngalo mdlalo ngesikhathi elala isithathu emncintiswaneni weSA Kids emdlalweni owawuseSelborne Country Club. Ukhamba lufuze imbiza kuLuyanda njengoba uyise, uPhila Gumede, yize eqale esemdala ukudlala igalofu, kunguye owenze ukuthi indodana yakhe ithande lo mdlalo. UGumede omdala odlalela i-EThekwini Golf Club waqala ukudlala igalofu ngowezi-2018.

ULuyanda Gumede, ophinde abe yilungu le-EThekwini Golf Club, ubengaqali ukuphumelela njengoba enezindondo eziningana.

Lo mndeni odlala igalofu uyasizana ngoba baphathelana izikhwama uma omunye edlala. UGumede uthe: “Lokhu sikwenza ngoba yize umfana enethalente, akumile kahle ngasezimalini”

Lo mdlali osemncane ofunda uGrade 2 eSimla Primary School unemincintiswano angakwazanga ukuyingenela ngenxa yezinkinga yezimali. E-Afrika ukleliswa waba ngowe-17 ngenxa yokuthi kunemidlalo abuye angayidlali. Ngonyaka odlule emncintiswaneni owawubanjelwe eSan Lameer ugwini oluseningizimu, uLuyanda waphuma isi-7. 

Ubaba kaLuyanda uzikhalela ngokuthi njengoba umama walo mdlali esashona, kunzima ukuthi akwazi ukukhokha izindleko zokudlala njengoba ebhekene nezingane ezintathu yedwa.

See Also

Okunye okubuye kukhinyabeze abadlali abasebasha begalofu, ikakhulukazi aboHlanga ngukuthi ezikoleni eziningi umdlalo wegalofu awukho.

ULuyanda othanda uTiger Woods noVezokuhle Ngcobo, uthe akanaye umqeqeshi. “Ngiyathanda ukuba nomqeqeshi ngoba kukhulu engingakuzuza, nezinga lami ngabe liphezulu kakhulu kunalokhu,” kusho uLuyanda.

Scroll To Top