Now Reading
Uchungechunge lwegalofu: Imithetho yegalofu
Dark Light

Uchungechunge lwegalofu: Imithetho yegalofu

Kunemithetho eyahlukene kulo mdlalo wegalofu. Kunemithetho yokugqoka, eyokulidlala, eyokubala amagalelo, eyokuziphatha kubalwa neyo“kwedelela” ikilabhu. Eyokugqoka Abantu bahlale bebabaza ubuhle bezimpahla ezigqokwa egalofi ni. Kepha kunemitheshwana elawula ukuthi umdlali ugqoka kanjani uma ezodlala igalofu. Uma umdlali noma ngabe owabuphi ubulili egqoke isikhindi, kufanele aqinisekise ukuthi ugqoka amasokisi okungenani amboza amaqakala. Amajini, inyumfomu yokusebenza enjengama-ovaloli akuvumelekile. Izicathulo ezinezipikili ngaphansi azivumelekile eclubhouse. Okunye okungavumelekile ukufaka ikepisi noma isigqoko ngaphakathi eclubhouse. Owokwedelela ikilabhu Uma umdlali kwenzekile wathola ihole- in-one, okungukuthi ushaye ibhola kanye langena emgodini, uyahlawuliswa ngokuthi athengele iziphuzo bonke abadlali abakhona eclubhouse ngalolo suku.

Lokhu kwenziwa ngoba kuthiwa
ukhombise ukwedelela ikilabhu njengoba umongo wegalofu kuwukuthi ikilabhu ibeka imigoqo enjengezihlahla, amanzi, nezindawo ezinesihlabathi. Ngokufaka ibhola emgodini ngegalelo elilodwa umdlali, ngamanye amazwi, uthi ikilabhu ayiyazi into eyenzayo. Lokhu kungabonakala njengesihluku kodwa akunjalo, yindlela yokwenza umdlalo wegalofu ube mnandi. Ngenxa yokuthi iziphuzo lezi azishibhile, abadlali abaningi banomshuwalense wehole-in-one, okhokha isamba esithile uma kwenzekile umdlali wenza lokhu okungajwayelekile. Eyokuziphatha Miningana imithetho yokuziphatha egalofi ni. Lapha singabala owokuthi uma kuqedwa umdlalo, kufanele abadlali bakhumule izigqoko baxhawulane. Akukho nhlawulo uma ungakwenzanga lokho kodwa akubukeki neze ngoba kuba sengathi benikade nilwa. Omunye umthetho yilowo obeka ngokuthi izinduku zokudlala akufanele zedlule kwezili-15. Uma zedlulile uyahlawuliswa. Eminye imithetho ongahlawuliselwa yona yilena: ukudlala ibhola ekungelona elakho; ukusebenzisa induku ekungeyona eyakho; ukudlala ibhola olikhiphe ekhikhini ngoba elakho ungalitholi noma lingafi nyeleleki, ungashongo;

ukusebenzisa izinduku ezingekho emthethweni. Lokhu kwenzeka uma kukhona izinduku usosesheni wezegalofu ozivalile ngenxa yezizathu ezithile. Izizathu kungaba wukuthi lezo zinduku sezakhiwe ngendlela yokuthi umdlali angadlula abanye ngokungenabulungiswa. Isibonelo: Kunezinduku ezavalwa ngoba zinesipilingi ngaphakathi okwakusho ukuthi ibhola okungeyena owakho; Ukusayina ikhadimaphuzu (score card) elinezibalo ezingezona emgodini othile. Isibonelo: uma uthole isi-6 emgodini emine, kodwa ekhadini kwabhalwa isi-5 wasisayinela uyahlawuliswa. Eyokugcina isikhathi Ukugcina isikhathi kuyinto ebaluleke kakhulu egalofi ni. Umdlali kulindeleke ukuthi abesendaweni okuqalwa kuyo okungenani kusasele imizuzu eli-10 kuqale umdlalo. Uma efi ka ozakwabo sebeqalile ukudlala kodwa besasemgodini wokuqala, uvumelekile ukushaya ibhola lapho kusukelwa khona ajahe ozakwabo. Kodwa yilowo nalowo mgodi asebeqedile ukuwudlala, akakwazi ukube esawudlala kepha kufanele anikwe isibalo esimbi kunazo zonke ezitholwe ngozakwabo kulowo mgodi angasawudlalanga.

See Also

Lo mthetho wokufi ka emuva kwesikhathi uya ngohlobo lomdlalo enisuke niwudlala. Ngenxa yokuthi igalofu lidlalwa isikhathi eside, kubalulekile ukuthi kudlalwe ngendlela engalibazisi. Noma kungeve kuthiwa umdlali akaxhamazele kodwa kunethuba elingamukelekile elithathwa abadlali. Uma umdlali noma iqoqo labadlali kubonakala ukuthi badlale ngokunwabuluka bahlawuliswa ngaleyo ndlela ikilabhu noma usosesheni oyihlonzile.

Scroll To Top