Now Reading
Kusenezinselelo ezinkulu kwabesifazane ezimayini
Dark Light

Kusenezinselelo ezinkulu kwabesifazane ezimayini

MASIQONDE ukuthi uMthethosisekelo iSahluko Sesibili unikeza amalungelo oluntu ayisisekelo kuwona wonke umuntu. ESigabeni sesi-9 uMthethosisekelo ulawula ukuthi akunamuntu onelungelo lokubandlulula omunye umuntu ngokungenabulungiswa ngezizathu ezibaliwe noma ezingabaliwe. Noma ngabe lokho kubandlulula kusobala noma kugubezelekile, akuvumelekile ngaphansi koMthethosisekelo. UMthethosisekelo uthi uHulumeni kumele makashaye imithetho evimbela zonke izigaba zobandlululo. Umthetho ovimbela ubandlululo ebudlelwaneni bokuqashwa kuthiwa uMthetho Wezobulungiswa Kwezokuqashwa (onguNombolo 55 we-1998). Ubandlululo ukuphatha umqashwa noma ingxenye yabasebenzi ngendlela ehlukile kwabanye okwenzeka bukhoma noma ngokugubezelekile. Kuba ubandlululo olungenabulungiswa uma ngabe izizathu zalokho kuphatha ngendlela eyehlukile kuyilezi ezinqatshelwe nguMthethosisekelo noMthetho Wezobulungiswa Kwezokuqashwa. Kuba ubandlululo olungenabulungiswa noma izizathu zalokho kuphatha ngokwehluka kungezona ezinqatshelwe kodwa ziyizizathu ezehlisa isithunzi sesidalwa somuntu noma eziyimpoqo.

Izizathu zobandlululo eziqagulwe ngumthetho njengezingavunyelwe yilezi ezilandelayo. UMthetho uthi kakuvumelekile ukubandlulula ngezizathu ezimayelana: nobuzwe noma nohlanga; nobulili; nokocansi; nokukhulelwa; nokuthi uganiwe noma cha; nezibopho zemindeni; nemvelaphi; umbala wesikhumba; nokuziphatha ngokocansi; neminyaka yobudala; nokukhubazeka; nenkolo; nengculazi; nonembeza; nenkolelo; nombangazwe; nosiko; ulwimi; nomlando wokuzalwa.

Kusenezinselelo kwabesifazane abasebenza ezimayini, okwenza kube lukhuni ukugwema ukubandlululwa. Ecaleni elinqunywe yiNkantolo Yezabasebenzi ngoNcwaba kophezulu kugqamile ukubaluleka kwalolu daba. Ababili besifazane abasebenza ngaphansi komhlaba babemangalele umqashi, Impala Platinum Mine, bekhala ngokubandlululwa ngezizathu zokukhulelwa. Umgomo womqashi uthi akuphephile ukusebenza kwabakhulelwe ngaphansi kwamathumbu omhlaba. Ngakho-ke bayofunelwa omunye umsebenzi ongaphezulu komhlaba. Umqashi wakwazi ukuhlelela ababili kuphela ababenamakhono okwenza eminye imisebenzi ngaphezu komhlaba. Abamangali babengabanye balaba abangenamakhono eminye imisebenzi ngaphandle kwalena esemathunjini omhlaba. Umqashi wabe esebayalela ukuba bathathe ikhefu lokuyobeletha eliyizinyanga ezine ezikhokhelwayo, futhi beqhubeke uma befuna belule ikhefu lokuyobeletha ngezinye izinyanga eziyisithuha ezingakhokhelwa ngokomgomo wokuqashwa.

Abamangali bemelwe yi-AMCU, bafaka icala kwaCCMA bekhala ngokubandlululwa ngenxa yokukhulelwa, befuna ukuphathwa ngokufanayo nabanye abasebenzi abakhulelwe. UKhomishana wavumelana nabo wanquma ukuthi nembala babebandlululiwe. Wahlawulisa umqashi imali yenhlawulo nemiholo yesikhathi abase besihlalile. Umqashi akeneliswanga yisinqumo sikaKhomishana wedlulisela icala eNkantolo Yezabasebenzi njengokuvunyelwa ngumthetho.

Isilicubungula iNkantolo yagcizelela ukuthi okokuqala kufanele kubhekwe ukuthi baphathwa ngendlela eyehlukile yini abamangali kuleyo okuphathwa ngayo abanye abakhulelwe. Babethi balwela ukuphathwa njengozakwabo abakhulelwe besebenza emathunjini omhlaba. Okwesibili ngokweNkantolo, ukubheka ukuthi lokho kuphathwa ngokwehlukile kuwubandlululo yini njengoba kuchaze uMthetho. Okwesithathu ukuthi lokho kubandlulula akunabulungiswa yini? Uma ubandlululo lungenxa yezizathu ezibaliwe, umthetho uthatha ngokuthi luwubandlululo olungenabulungiswa, bese kuba yinselelo kumqashi ukuthi atshengise ukuthi lunobulungiswa. Empeleni babephathwe ngokufanayo nozakwabo; kodwa behluka kozakwabo ngoba abamangali bona babengenawo amakhono eminye imisebenzi.

Lokho kuphathwa ngokwehlukile kwabamangali kwakungekhona ukubandlululwa ngenxa yokukhulelwa ngokuthola kweNkantolo. Kodwa kwakungenxa yesidingongqangi zemisebenzi engaphezulu komhlaba ababengenawo amakhono ayo. INkantolo yathola ukuthi abamangali behlulekile ukuletha ubufakazi bokuthi babandlululwa ngenxa yokukhulelwa. UKhomishana wayenqume nokuthi umqashi mayibuyekeze umgomo wayo wokubonelela abakhulelwe. INkantolo yamgxeka kakhulu uKhomishana ngesizathu sokuthi abamangali babengazange bekhale ngokuthi umgomo womqashi kawunabulungiswa ngoba uyabandlulula. Kodwa kwaba yisinqumo sikaKhomshana esasingasuselwa ecaleni elalikade lifakwe ngabamangali. INkantolo yafanisa necala lapho khona uMvikeli Womphakathi (uMkhwebana) wagxekwa izinkantolo ngokuzithathela izinqumo ezingaphezulu kwamandla akhe.

See Also

Okwacaciswa yiNkantolo wukuthi akunambandela ophoqa umqashi ukubai atholele abakhulelwe omunye umsebenzi ohambisana nesimo sempilo yabo. Nokwehluleka komqashi ukuthola omunye umsebenzi walaba abakhulelwe akusho ukuthi sekuwubandlululo olungenabulungiswa. Umgomo womqashi uthi abakhulelwe abasebenza ngaphansi komhlaba bayonikezwa omunye umsebenzi ngaphezulu komhlaba uma ukhona lowo msebenzi. Kusho ukuthi abakhulelwe kufanele bathathe ikhefu lokuyoteta.

Kuyacaca ukuthi kusenezinselelo kwabesifazane abasebenza ezimayini. Ubandlululo olungenabulungiswa lunenselelo edinga ukucatshangisiswa ngaphambi kokufaka icala elimayelana nayo. Okuqgamayo wukuthi kufanele uziqhathanise nabangafani nawe kodwa nibe nisebenza ndawonye. Abamangali baziqhathanisa nabanye abakhulelwe engabe baziqhathanisa nabangakhulelwe abasebenza nabo ngaphansi komhlaba. Okunye okuyinselelo kubasebenzi basezinyunyaneni ukucubungula imigomo nemithetho yokuqashwa ukuze kubhekwe ukuthi kakubandlululi yini. Ekugcineni iNkantolo yasiguqula isinqumo sikaKhomishana yakuchitha ukuthi babebandlululwe ngokungenabulungiswa.

– UMnu uBheki Khumalo ungumeluleki ozimele kwezomthetho wabasebenzi. Ubuye abengumahluleli nomxazululi emacaleli ngaphansi kweCCMA namaBargaining Councils ahlukene. Uyatholakala ocingweni, ku-imeyli nakuWhatsApp: 0828823067; bhekikhumalo102@gmail.com

Scroll To Top