Sekubhekwe iMadrid kuChampions League kwawaseSpain
Aselele kuReal Madrid amathemba eSpanish La Liga kulandela ukuphuma kwezikhondlakhondla zamaqembu amabili adabuka eSpain ku-Uefa Champions League izolo ebusuku.
ISpain besimelwe ngamaqembu amathathu kuma-quarterfinal eChampions League.
IBarcelona ephethe izicoco ezinhlanu zeChampions League ikhishwe kabuhlungu kulo mqhudelwano ilotsholwa yiPSG ngo 4-1 emlenzeni wesibili.
AmaCatalans abehamba phambili ngo 3-2 kulandela ukunqoba umdlalo wokuqala. Izinto zijikile eCamp Nou ngesikhathi iPSG ibukisa ngeBarca ngo 4-1.
IBarcelona igcine iguqe ngo 6-4 sekuhlanganiswe umphumela womdlalo wokuqala nowesibili.
Amagoli ePSG osukwini lwayizolo avalelwe enethini ngu uKylian Mbappe oshaye amagoli amabili, Ousmane Dembélé noVitinha. Elikubika leBarca laqatshuliswe enethini nguRaphinha.
Khona izolo ebusuku i-Atletico Madrid iqunjwe phansi iBorrusia Dortmund ngo 4-2 emlenzeni wesibili we-quarterfinal yeChampions League emdlalweni obuseSignal Iduna Park. I-Atletico ibihamba phambili ngo 2-1 kulo mdlalo.
Igcine iguqe ngo 5-4 sekuhlanganiswe umphumela womdlalo wokuqala nowesibili.
Amagoli eDortmund abhanjiswe ezintanjeni nguJulian Brandt, Ian Maatsen, Niclas Fullkrung noMarcel Sabitzer kwathi owe-Atletico ashaywa nguMatt Hummels no-Angel Correa.
Namuhla ngo-9 ebusuku iReal Madrid izotholana phezulu neManchester City emlenzeni wesibili we-quarterfinal yeChampions League e-Etihad Stadium, eManchester.
La maqembu ashayane aze abukana emlenzeni wokuqala ebambana ngo 3-3. Azophinde ashukane namuhla ebusuku emdlalweni obhekwe ngamehlo abomvu.
ICity iyona evikela isicoco seChampions League eyinqobe ngesizini edlule. Kowandulela amanqamu yatitinya iMadrid ngo 4-0 e-Etihad ngemuva kokubambana ngo 1-1 neCity emlenzeni wokuqala.
IMadrid iyona esithwele amathemba amaqembu aseSpain kulandela ukuphuma kweBarca nomkhaya bayo i-Atletico.
Ihlalelwe yijoka lokukhipha umqeqeshi odabuka eSpain, uPep Gaurdiola.