Now Reading
Sebemi ngomumo ngoweMbabazane Emahaqa wangeSonto
Dark Light

Sebemi ngomumo ngoweMbabazane Emahaqa wangeSonto

Kulindeleke ukuthi ugijinywe ngabasubathi abasezingeni umjaho iPrince Mangosuthu Ultra Marathon 52km, ozokuba ngeSonto usukela eDundee uze uyosongwa eNquthu. 

Lo mjaho ozobe ugijinywa okwesine kulo nyaka, ungomunye wekhula ngesikhulu isivinini njengoba ungenelwa ngabasubathi abaphuma emazweni angaphandle lapho kubalwa abaseZimbabwe, eLesotho, eMozambique naseSwazini.

UBongumusa Mthembu ozakhele igama ngokunqoba umjaho weComrades Marathon amahlandla amathathu, naye uzobe eyingxenye yalo mjaho.

ElaboHlanga libe negxoxo ekhethekile nenyamazane ewuNdumiso Sokhela ongomunye igama lakhe elibhekiwe ukuthi lenze kahle kulo mjaho. Ebuzwa ngamulungiselo  uthe: “Ahambe kahle kakhulu amalungiselelo, sengilindele lona iSonto. Anginayo ingcindezi etheni okubalulekile ukuthi ngigijime kahle ngiqede umjaho. Engibhekene nakho ukuthi ngenze isiqiniseko sokuthi ngiqeda nabali-10 abasekuqaleni, ukunqoba kobe sekuyibhonasi” usho kanje.

USokhela ogijima ngaphansi kweXcel Running Club ungowokudabuka eDundele, eMpendle, kanti uneminyaka yobudala engama-26 uzowugijima okwesibili lo mjaho, ufuna ukuzolungisa iphutha elenzeka ngokwedlule ngokuthi angawuqedi umjaho aphume esegijime ibanga elingama-35km. 

Kulo nyaka ugijime umjaho omkhulu iTwo Oceans Marathon waphuma endaweni ye-12 ngeskhathi esingama-03:16.07, iCapital City Marathon ebangeni lama-21km waphuma endaweni yesibili. 

Kowabe useThekwini obizwa ngeBest of the Best Marathon kuwona waphuma endaweni yesikhombisa. Emasontweni amathathu edlule ubegijima iHarry Gwala District Marathon nalapho aphuma khona endaweni yesibili ngesikhathi esingama-2:20.04, elandela u-Ayanda Ngcobo owaqeda ngesikhathi esingama-2:18.09.

Ugila lezi zimanga nje uqeqeshwa umqeqeshi onamava uXolani Mabhida, ophinde aqeqeshe noMthembu. “ Kimina kusho lukhulu ukuqeqeshwa nguMabhida. Ngiqale ukuhlangana naye ngowezi-2013 lapho wabona ukuthi kukhona engingakwenza kwezokusubatha. Ukuba ngaphansi kwalo mqeqeshi sengizuze izinto eziningi, umzekelo sengike nganqoba imijaho eminingi lapho ngingabala iSA Track & Field 10 000m, iCross Country 8km, iMandela Marathon neHarry Gwala Marathon. Okuhle ukuthi uyangiqonda kukhona konke usefana nomfowethu, amava anawo ungewafanisa nalutho” kusho uSokhela.

Ngaphandle kokusubatha uyafunda e-UNISA wenza iBCom Tourism Management. 

Uveze ukuthi uzimisele ukwenza kahle koweComrades ezokuba mhla zingama-28 kuNcwaba. Izosukela eCity Hall, eMgungundlovu, isongwe eMoses Mabhida Stadium. 

“Kuzobe kungokokuqala ngigijima iComrades, ingakho ngifuna isikhathi esanele sokuphumula ngoba akumele ugijime umqhudelwano onzima kanjeya ukhathele. 

See Also

Inhloso enkulu ukufunda ngeComrades, angibazi ubunzima bakhona. Uma kungase kuthiwa ngibalwa nabali-10 abazoqeda kuqala kobe kuyinto enkulu kakhulu leyo kimina kwazise kuzobe kungokokuqala ngiyigijima,” usho kanje.

ElaboHlanga liphinde lakhuluma noPetros Ngubane oyiMeya yaseMzinyathi. Uthe bafuna ukuba umklomelo ngonyaka ozayo unyuke. 

“Lo mjaho sawuqamba ngomuntu ohlonishwayo uMntwana waKwaPhindangene, ingakho unyaka nonyaka sifuna ukuthi izinga lawo linyuke. Sizokwenza konke ukuthi uhlonipheka ngokuphelele. Okujabulisayo ukuthi uhanjelwa ngisho nabantu bangaphandle. Njengoba ozonqoba ezogoduka nezinkulungwane ezili-R100 ngonyaka ozayo kumele agoduke nezinkulungwane ezingama-R200” kusho uNgubane.

Uthe lo mqhudelwano uzosiza kakhulu labo abanamabhizinisi ukuthi bekwazi ukwenza inkece kulesi sikhathi njengoba bebaningi abantu abazobe beqhamuka ngaphandle.

Izingqwele zizohlomula ngezi-R100 000, kwehle njalo kuze kufike kwabazongena endaweni ye-10. Lo mjaho uzohambisana ne-10km, izingqwele zawo zizohlomula ngezi-R3 000.

Scroll To Top