Itulo lokubhubhisa abamnyama ngoshevu
Uwotha ubomvu umphakathi owakhele amapulazi aseNkwalini eMelmoth ngakubize ngonya olwesabekayo abathi lwenziwe ngumlimi omhlophe
Lokhu kulandela ukuputshuka kwezindaba ezishaqisayo ngomnikazi wamapulazi cishe wonke aseNkwalini naseShowe, uMnuz Mark Channels zokuthi uyalele ozakwabo abaqashe amapulazi kuye ukuba bafakele abantu abamnyama uphoyizeni ongujuqu edamini abalisebenzisayo ukuze babhubhe kanye nemfuyo yabo.
UMnuz Ignus Bruyns ubikele iBayede ukuthi uMnuz Channells uqale ukubanikeza lo myalelo wokubhubhisa umphakathi omnyama kusukela ngomhlaka 8 kuNhlaba 2013. “Wasithumelela nama-E-mails athi asibaqothe ngophoyizeni abantu abamnyama abakhe eduze kwamapulazi akhe ngoba bafuna ukudla umhlaba wakhe,’’ kusho uMnuz Bruyns.
IBAYEDE inawo amakhophi ama e-mails uMnuz Channells abewathumela kozakwabo abamhlophe ukuba baqede ngabantu abamnyama endaweni. “Wayethe ufuna sifake lo phoyizeni ezitshalweni nasenyameni ebesizoyilahla ngaphandle kwepulazi ukuze idliwe yizinja kanye nezingane ukuze kuvalwe ngehlahla kulowo mndeni ozobe uyidlile,’’ kuqhuba uMnuz Bruyns.
UMnuz Bruyns uqhuba uthi ngenxa yokuthi abavumanga ukuthatha umyalelo kaMnuz Channells, lokho kubenze baba nyamanambana kuyena njengoba esethi akasabadingi nabo epulazini lakhe ngoba bakhombise ukumdayisa emphakathini omnyama.
“Empeleni uqale ngokuxosha inkampani yonogada i-Black Hawk Security ebiqashelwe ukuzoqapha emapulazini ngoba ethi akayethembi ingase imchake kuleli tulo lakhe njengoba ijwayelene kakhulu nomphakathi omnyama,’’ kuqhuba uMnuz Bruyns. Endaweni yayo uqashe i-Arrows Security Company kaMnuz Nelson Mhlongo odabuka eJozini. UMnuz Sipho Jiyane ongomunye wabanikazi benkampani i-Black Hawk ukuqinisekisile ukuthi bamiswe ngoNcwaba ka 2013 ngemuva kokunqanyulwa kwenkontileka yabo isigubhukane.
“Inkontileka yethu inqanyulwe ngemuva kokuba sesihlale izinyanga ezintathu singaholile futhi singachazelwa lutho,’’ kusho uMnuz Jiyane. UMnuz Jiyane ukuqinisekisile ukuthi uthole ukuthi banqanyulelwe inkontileka ngoba uMnuz Channells ezwakalise ukungabethembi, esaba ukuthi bazomchaka ngaleli tulo lakhe lokubulala ngophoyizeni umphakathi owakhele izindawo zaseNkwalini.
“Ubazi ukuthi besingeke sivume kubulawe abantu abamnyama abangenacala ngoba thina sinobudlelwano obuhle nomphakathi wakule ndawo,’’ kusho uMnuz Jiyane. Ingxenye ye-email ebhalwe nguMnuz Channells eyibhalela uMnuz Bruyns ifundeka kanje: “Inkosi yakule ndawo idayisa ngezindawo zethu ngokungemthetho, ukuze ihlalise abantu abamnyama. Ibadayisela ngo-R500 kanye nekesi likabhiya nebhodlela likagologo isiza sisinye ukuze bakhe amaqhugwane endaweni yami,’’ kufundeka incwadi.
Le ncwadi iqhuba ithi, yena njengomnikazi wamapulazi uzame kaningi ukuvulela iNkosi yendawo uThandazani Zulu amacala okudayisa ngomhlaba wakhe emaphoyiseni aseMelmoth kodwa awambophi ngoba emvikela. Ube esenxenxa labo zakwabo abamhlophe ukuba basebenzise uphoyizeni kulo mphakathi ukuze abasindile baphume baphele nemfuyo yabo endaweni yakhe.
“Ngicela ningabi naluzwelo kubo ningafaki omncane. Isivumelwano sami nani njengo-Farm Secure esokuba ningavumeli abantu emhlabeni wethu,’’ kuqhuba incwadi. UMnuz Channells uphinde aveze ukukhathazeka ngokuthi omunye wabaNtwana basebuKhosini baseNtembeni emhlanganweni owawuphakathi komphakathi nabalimi abamhlophe owawusendaweni yeGalofu eShowe ngo-2013 wabavezela itayitela eliqinisekisa ukuthi le ndawo uMnuz Channells azitshela ukuthi ngeyakhe empeleni indawo eyathengwa yiNkosi uSitheku kaMpande.
Kuzokhumbuleka ukuthi vele kule ndawo kunombango oshisa phansi phakathi kwesizwe saseNtembeni nabalimi abamhlophe. Umphakathi waseNtembeni ukhala ngokuhlukunyezwa ngabalimi abamhlophe ekubeni indawo kungeyeNkosi uSitheku. Ngo-2013 kuke kwasuka uthuli lwezichwe ngesikhathi umphakathi uvuka umbhejazana uxosha kwasani emhlophe endaweni ngoba ukhala ngokuthi abalimi abamhlophe sebevale umgwaqo ukuze abantu bangakwazi ukudlula epulazini uma beya emsebenzini nasedolobheni nokwakuhlukumeza nezingane zesikole ezase zivalelekile ukuya esikoleni. Kwaze kwasiza ukungenelela kweKomiti labaNtwana baseNtembeni nenhlangano yabamasonto i-KwaZulu-Natal Regional Christian Church (KZNRCC) ukuzodala uxolo phakathi kwabalimi abamhlophe nomphakathi omnyama.
Lokhu kwakulandela isigameko lapho umphakathi wavuka sekumbiwe omkhulu umsele emgwaqeni odabula epulazini. Kuthiwa uMnuz Channells wayeyalele inkampani i-Farm Secure ukuba imbe lo mgodi emgwaqeni ukuvimbela umphakathi omnyama ukuba ungabe usakwazi ukudlula epulazini. Phela lo mgwaqo yiwona osetshenziswa ngumphakathi wasezabelweni uma uya noma ubuya emsebenzini. Lo mgwaqo uphinde usetshenziswe nayizinqola zokuthutha umphakathi nezingane zesikole. Isizathu esabekwa njengesokuvala lo mgwaqo kwaba esokuthi umphakathi omnyama weba izithelo kanti nemfuyo iyamosha ezitshalweni.
Lesi senzo sika-Mnuz Channells sasusa omkhulu umsindo emphakathini omnyama owagcina usubhikishela ukuba abalimi abamhlophe baphume baphele endaweni yokhokho bawo. Kwaze kwasiza ukungenelela kwekomiti labantwana kanye KZNRCC ukudambisa isimo njengoba abalimi baxolisa base beyawugqiba umsele.
Ngo-2011 kuyo le ndawo yaseNkwalini, epulazini elibizwa nge-New Venture, umphakathi omnyama wabulala uMnuz Kenneth Lionel Eva ngokumhlahlela bamphihliza nangamawisa ngoba ebhidliza imizi yabantu ethi akasabafuni endaweni yakhe. Waphinde wanquma ukuba umuzi ngomuzi ukhokhe u-R1000 ngonyaka no-R100 inkomo ngayinye no-R10 ngembuzi ngayinye.
Lesi simemezelo sokukhokhiswa kanye nokubhidlizwa kwemizi sawuthukuthelisa umphakathi omnyama kwabanjwana ngezihluthu kwazise naye uMnumzane Eva wayengazibekile phansi edubula umphakathi ngomjojantaba.
UsiHlalo weKomiti labaNtwana, uMntwana uKhumbulani Zulu utshele IBAYEDE ukuthi bethukile ngonya olukhonjiswe nguMnuz Channells.