Now Reading
IDA ikhomba uKhongolose ngokuwuhloka kweziqiwi esifundazweni
Dark Light

IDA ikhomba uKhongolose ngokuwuhloka kweziqiwi esifundazweni

Ezifundazweni ezi-9 eNingizimu Afrika iKwaZulu-Natal idume ngokuhamba phambili ngezivakashi zakuleli neziphuma emazweni angaphandle. Ukunona kwelikaMthaniya ngomlando ohlanganisa nokubumbeka kwesizwe samaZulu, nokuba yisona kuphela isifundazwe esineNgonyama ngenye yezinto eziheha abavakashi.

Yize eWesten Cape nase-Eastern Cape benalo ulwandle nezindawo ezinhle ezikubudlile, kepha ngoZibandlela emabhishi aseThekwini kugcwala kuvalwe ngomuntu. Okunye okuheha abavakashi lapha ukuba nezilwane eziyintandokazi emhlabeni ezaziwa nge-Big 5, okuyibhubesi, indlovu, ubhejane, ingwe, inyathi. Lezi zilwane ziyigugu lesifundazwe. Ukuba yinoni kwesifundazwe kubavakashi kusengcupheni njengoba kuvela ukuthi abazingela obhejane ngenhloso yokuthola izimpondo sebengenise kulesi sifundazwe.

Ezinyangeni eziyisithupha ezedlule isifundazwe silahlekelwe ngobhejane abali-143, uma kuqhathaniswa nabangama-42 ababulawa esiqiwini iKruger National Park eMpumalanga ngesikhathi esifanayo. Kuthiwa akubona kuphela obhejane abawukudla kwezigebengu, kepha namabhubesi okuthiwa basuke befuna izinseka zabo ngenhloso yokwenza umuthi. UNgqongqoshe Wezamahlathi Nemvelo uNkk uBarbara Creecy uthi indlela abazingeli bezilwane abenza ngayo kukhombisa ukuthi sebesukile eKruger sebegxile KwaZulu-Natal eziqiwini zikahulumeni nezizimele.

Ngokusho kukaNgqongqoshe iNingizimu Afrika ilahlekelwe obhejane abangaphansi kwama-231 phakathi kukaMasingana noNhlangulana. Ngokwezifundazwe eLimpopo kubulawe abangama-20, eNorth West bahlanu, e-Eastern Cape bali-15 kwabulawa owodwa eWestern Cape. Lesi sibalo kuthiwa sehle ngobhejane abangama-28 ababulawa ngonyaka odlule kuzwelonke. Ilungu leDemocratic Alliance esifundazweni elingumkhulumeli weqembu kwezokuVakasha Nemvelo uMnu uHeinz de Boer, uthi kumele kubhekwe emuva kwabe-Ezemvelo KZN Wildlife okuyibo ababhekele imvelo neziqiwi esifundazweni.

Uthi kusuka ngonyaka we-2020 abe-Ezemvelo bebethembele ekubiyeni iziqiwi kungekho okunye okwenzekayo ukuqinisekisa ukuthi izilwane zivekelekile kubazingeli.

“Siyazwelana kakhulu nabaqaphi beziqiwi abasebenzela Ezemvelo nabasebenzi bonke bale nhlangano abahlale bebeka izimpilo zabo engcupheni kule mpi yokuzingelwa kwezilwane. Kukhona izinto ezingeke zisabekezelelwa ngaphansi kweZemvelo njengothango olubiyele izilwane oselugugile,” kusho uDe Boer.

Uqhuba uthi kuncane kakhulu ukungenelela kwezepolitiki okubonakalayo kuhulumeni wesifundazwe wokuphasisa umthetho, ukuhlinzeka ngesabemali, nokuqinisekisa ukuthi labo abayizimeneja bayaphendula ngokwenzekayo. Uthe uMphathiswa uSiboniso Duma nobekulesi sikhundla phambilini uNkk uNomusa Dube-Ncube kumele engabe baswele umgodi wokucasha ngokwenzeka kwabeZemvelo.

UNgqongqoshe uCreecy uthe zikhona izinhlelo eziqhubekayo zokuqinisekisa ukuthi lo mkhuba uyanqandwa. Uthe iminyango ehlangene kahulumeni kuzwelonke ibeke eceleni imali eyizigidi ezi-4 ukulungisa ucingo olubiye esiqiwini iHluhluwe/Mfolozi Park. Uthi lokhu abakwenzeli nje kuphela ukunqanda ukuzingelwa kwezinyamazane, kodwa nokuqinisekisa ukuthi umphakathi owakhele isiqiwi uphephile ngoba izilwane ziyeqa zibe uvanzi emphakathini.

Scroll To Top