KwaHyundai bayenze ya-Grand kakhulu i-i10 bengeza neSedan
Emuva kokubikezela ngokufika kohlobo olusha lwe-Grand i10 Hatch ne-Sedan sekungumlando ukuthi umlenze wokugcina wethulwe KwaZulu-Natal emuva kokwethulwa kwayo eKapa naseGoli.
Njengokwejwayelekile kwaHyundai basebenzise umzila onqamula emigwaqeni emazombezombe ebheke eSinembe eMonkeyland. Lena bekuyimoto yokugcina ukwethulwa yile nkampani yaseKorea kulo nyaka ophezulu. I-hatchback iphuma ne-grille entsha, obhampa asebehlelwe kabusha namalambu ohlobo lweLED. Ingemuva layo line-reflector egcwele isinqe sonke. Engikuqaphelile kuyo ukuthi ngaphandle kokwengeza ubuhle kule moto, kodwa ihambisana nokuphepha ngoba imoto uyibona useza le kude. Ngaphandle nangaphakathi bayishintshile kodwa akukho abakwenzile enjinini kuleGrand i10.
Isaphuma nayo leyo njini engu-1.0-litre nengu-1.2-litres edonsa ngamasilinda amane. Akukho okukhulu ongakulindela ngamandla kule njini kwazise yimoto esesigabeni esiphansi kakhulu. Ezindabeni zaseCompensation uma usugudla epulazini iRain Farm kudingeka uwaxove ngempela amagiya ukuze ithole amandla.
Amandla enjini
Injini engu-1.0-litre ikhiqiza amandla afinyelela kuma-48.4 kW kanye ne-torque engama-94 Nm, kuthi akube ncoba nconywana ku-1.2-litre 4-cylinder ngoba yona ikhiqiza amandla afinyelela kuma-61 kW ne-torque engama-114 Nm. Izinjini zombili zidonsa ngogearbox ongu-5 speed oshintshwayo. Lena enesinqe iSedan ngolwasemzini yaziwa nge-Aura lapho yakhiwa khona e-India. Ithe ukuba yinde ngamamitha amane, kanti abayincishanga nesikhala sokufaka impahla esingama-402 litres. Njengoba ihlukene ngezinhlobo kukhona iMotion neFluid nezinto ezitholakala kuzo zithe ukwehluka.
Iphuma nani i-Motion?
Izinto ezitholakala kuMotion I-airconditioner, i-touchscreen infortainment system, i-multifunction steering wheel, amawindi asebenza ngogesi nezibuko, ivala ivulwe nge-remote central locking, ama-airbag ezinhlangothini kanjalo ne-ABS. IFluid isiphuma ne-cruise control, amasondo angu-15 inch nezibuko ezisebenza ngogesi.
Amanani
- 1.0 Motion hatch manual – R229 900
- 1.0 Motion panel van manual – R245 900
- 1.0 Fluid hatch manual – R264 900
- 1.2 Motion hatch auto – R269 900
- 1.2 Fluid hatch manual – R279 900
- 1.2 Fluid hatch auto – R309 900
- 1.2 Fluid sedan manual – R279 900
- 1.2 Fluid sedan auto – R309 900