Amava kaLuus aqhubeza ubukaputeni
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Uzoqhubeka ahole iqembu lesizwe lekhilikithi labesifazane uSune Luus njengoba kulimele ukaputeni walo uDane van Niekerk.
USune uhole iMomentum Proteas Women ekutheni idlale ikhilikithi esezingeni eliphezulu ibhekene nePakistan emidlalweni ebibanjelwe eKingsmead Stadium, eThekwini.
IMomentum Proteas Women yayinqoba yomithathu imidlalo ye-One Day International (ODI), emibili kweyeT20 International yabe isihlulwa kowodwa.
Kule mpelasonto iMomentum Proteas Women izoqala uchungechunge lwemidlalo ye-ODI neye-T20I, lapho izotholana phezulu ne-India.
Omunye umdlali olimele kanye noDane yisekela lakhe uChloe Tryon. Laba badlali bagcina ukubonakala emdlalweni owandulela owamanqamu emqhudelwaneni iT20 World Cup, lapho elakuleli lalibhekebe ne-Australia esikhathi esingangonyaka esedlule.
Leli qembu lizodlala imidlalo emihlanu ye-ODI, emithathu ye-T20I ne-India eyahlulwa emdlalweni wamanqamu eT20 World Cup.
Kubukeka kuzoba umqansa eqenjini lase-India ukuthi linqobe njengoba lagcina ukuthi lidlale ngawo umqhudelwano weT20 World Cup lapho elahlulwa khona i-Australia emdlaweni owawubanjelwe eMCG futhi owaba yingqophamlando njengoba waba nabalandeli abaningi kwedlula eminye.
USune uthe: “Ukuza lapha e-India kuhlezi kuyinto ejabulisayo, besingakholwa ukuthi kungagcina kwenzekile njengoba kade kwakuhlelwa. Kuzoshuba kakhulu, i-India ngeke uyifanise nanoma iliphi iqembu. Okukhombisayo lokho yahlulwa kowamanqamu eT20I World Cup. Imidlalo njengoba izosondelana nje kumele sikwazi ukuthi sihleleke futhi sikulungele ukubhekana nanoma iziphi izimo.”
Uqhube wathi: “I-India inabadlali bezinga eliphezulu lapho ngibala uMithali Raj, uHarmanpreet Kaur nabanye. Ngicabanga ukuthi sibahlelele kahle kakhulu, siwalindele amagalelo abo. Ngibona sinayo into engikholwa ukuthi ivuna thina, lokho ukuthi sisanda kuba nemidlalo nePakistan nayo eliqembu okungelula ukuba ulehlule.”
Yize imidlalo izocinana kodwa uSune uthe kungcono kunokuthi bahlale emakhaya bangadlali njengoba kwenzekile nyakenye ngenxa yokusabalala kokhuvethe.
Umqeqeshi weMometum Proteas Women uHilton Moreeng uthe: “Kuyajabulisa kakhulu ukuthi ekugcineni lolu hambo selugcine lube khona. Kusukela nyakenye besifisa ukuthi kwenzeke kodwa ngenxa yokhuvethe konke kwahlehla. Iqembu silimemezelile, liqine kakhulu. Awukho umehluko okhona kuleli nebelibhekene nePakistan. Esikulangazelele ukubona izintokazi zethu zizibonakalisa ngaphansi kwezimo zokudlala ezahlukile.”
Eqhuba uthe: “I-India ihlezi iyindawo enhle yokudlala uchungechunge kwazise lo mdlalo uyaphilwa khona. Silindele izigameko eziningi ezahlukahlukene kulolu chungechunge. Okumele sikwenze ukutshengisa ukuthi sike saba senkundleni, sidlala nezwe elibalwa namakhulu kulo mdlalo.” Elakuleli lihlale izinsuku eziyisi-6 ligonqile. Lizothola ezimbili zokuzilolonga ukulungiselela le midlalo.
Umdlalo wokuqala we-ODI uzoba mhla ziyisi-7, owesibili ziyisi-9, owesithathu mhla zili-12, owesine zili-14 owokugcina ube mhla zili-17. Eye-T20I owokuqala uzoba mhla zingama-20, owesibili ube mhla zingama-21 owokugcina mhla zingama-23.
Iqembu iMomentum Proteas ezobhekana ne-India lithakwe kanje:
USune Luus ongukaputeni, u-Ayabonga Khaka, uShabnim Ismail, uLaura Wolvaardt, Trisha Chetty oyiwicketkeeper, uSinalo Jafta oyi-wicketkeeper, uTasmin Britz, uMarizanne Kapp, uNondumiso Shangase, uLizelle Lee, u-Anneke Bosch, uFaye Tunniclife, uNonkululeko Mlaba, uMignon du Preez, uNadine de Klerk, uLara Goodall kube uTumi Sekhukhune.