Amazwe ase-Afrika abanjwe ngamakhwahla
Ukumemeza nokwethuka amazwe aseNtshonalanga kusuke kuwumdlalo nje kubaholi base-Afrika, iqiniso lithi bahlale bebanjwe ngamakhwahla njengoba beyizicelankobe
IPOLITIKI yamazwe ngamazwe iyinto edinga ulwazi olunzulu kanjalo nokuqonda umphumela wezigameko ezithize nokuthi kambe zingaba namthelela muni emhlabeni jikelele. Kayifuni ihaba noma ukutatazela. Kungalesi sizathu abantu abasuke besebenza izindaba zamazwe ngamazwe bethola uqeqesho olunzulu ekukwazini ukunxenxa nokudayisa izwe lelo umuntu asuke elimele. Kubanjalo nasesigabeni sezithangami zamazwe ngamazwe ezifana ne-African Union (AU), European Union (EU), Arab League of Nations, no-United Nations (UN).
Okumqoka ngalezi zithangami wukuthi yilapho udaba lwezwe thizeni noma isifunda lungathola khona ukwesekwa ngokwezepolitiki kanye nangezimali. Isibonelo nje izinhlangano zezombangazwe zaseNingizimu Afrika zasekwa yi-Organisation of African Unity (OAU esiyi-AU) ngokwepolitiki nangezimali ngesikhathi ilwisana nePitoli. Lolu xhaso lwenza kube ne Liberation Committee eyayixhasa ngezimali namazwe angaphansi kwe-OAU avula amasango bakwazi ukubhaca abakuleli. Kanti esigabeni se-UN kuyakwazi ukuthi udaba ludingidwe kuze kube nesinqumo lapho amazwe exhasa lelo zwe ngezimali, isibonelo nje amazwe omhlaba ngaphansi kwe-UN ayakwazi ukuxhasa amazwe ahlaselwe yizimpi, wububha kanye nezifo.
Izwekazi lase-Afrika lingelinye lamazwe ancike kakhulu ekuxhasweni ngamazwe omhlaba. Lokhu kwabonakala kakhulu ngesikhathi lithola inkululeko ngoba amazwe kanye nezinhlaka ezifana ne-EU bathela izigidi zezimali ekwesekeni izinhlelo zentuthuko nezokwakha kabusha kuleli. Kunjalo nakwizinhlaka ezifana ne-AU njengoba zithola uxhaso. Kokunye lokhu kulihlazo futhi kwehlisa nekwethemba ezinye zezinto ezishiwo ngabaholi base-Afrika, abethuka amazwe aseNtshonalanga ekubeni babuye bakhangeze kuwo. Leli hlazo libonakala ezintweni ezifana nokuthi amahhovisi e-AU eTopiya akhokhelwa ngelase China njengoba amazwe ase Afrika ekhokha nje amaphesenti angama-40 nje kuphela kwi-AU kuthi amazwe ase-Europe kanye ne-United State bakhokhe ingxenye esalayo. Umbuzo uthi kambe ingakhonkotha yini nethambo?
Kungenzeka yini ukuthi amazwe ase-Afrika noma i-AU ingxeke iChina ibe ihleli ebhilidini elakhiwe yiwo amaShayina? Lo mbuzo ulukhuni ukuphenduleka ngoba iChina le ingumlingani omkhulu wamazwe ayizikhondlakhondla afana neNingizimu Afrika lapho amaShayina nawo kuthiwa anelungelo lokuhlomula njengabo Hlanga. OkweMelika kuze kuyahlekisa ngoba abaholi base-Afrika bayethuka iMelika kepha kusihlwa bese beya kuyo nobheseni befuna usizo. Isigigaba sakamuva nje kube yisenzo seMelika sokubamba elakuleli ngamakhwahla odabeni lokuhwebelana ngezinkukhu. Lithe noma lithi liyapaquza elakuleli lithi ngeke ligobe uphondo ngoba phela labo lamthuthu baseMelika bavalwe emazweni angama-40, kuphele eledlule selithambile. Uma ubuka iyodwa into ethambise elakuleli, ukuncenga ukungena kwezimali ezivela ezinkampanini zaseMelika. Elakuleli njengamanye aseAfrika ayaqhubeka nokubanjwa ngamakhwahla nokwenza kungabazise ukuthi lokhu kumemeza okungaka okwenziwa ngabaholi bethi iNingizimu Afrika izimele kuliqiniso yini. IsiZulu sithi kayikhonkothi nethanbo.