Umkhonto usajame enxebeni kolwakaCeza
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Emuva kwamasonto amathathu edlule kwenzeka isigameko esaphoxa uBukhosi noHulumeni elaboHlanga lingakuqinisekisa ukuthi asikabi bikho isixazululo.
Kuleli sonto ngoLwesithathu ithimba lakoMkhulu obekungaBantwana naMakhosi libe nomhlangano nabamele uHulumeni waKwaZulu-Natal abebeholwa nguNdunankulu uMaDube Ncube. Ngokuthola kwelaboHlanga komunye obekhona ngasohlangothini lukaHulumeni nocele ukuba angadalulwa uthe lo mhlangano ubuyisiqalo ekuqhamukeni nesixazululo ngomuga owenzeka kwaCeza.
“Njengoba sazi ukuthi iSILO sahlanganisa ithimba elifaka aMakhosi ukuba babheke lokho okungaba yisixazululo ekuxabaneni kukaMnu uDuma noMfu uButhelezi. NgoLwesithathu kube ngokokuqala izinhlangothi zixoxa ngokusemthethweni,” kusho yena.
Uveze ukuthi akukho okusha okuqhamukile kulo mhlangano. “NgakuHulumeni isinqumo simile ukuthi uMthombeni akonanga ngokugweba usopolitiki onguButhelezi. Wayeganga vele ezama ukwakha isithombe esibi ngoHulumeni neqembu elibusayo. Empeleni kuke kwaze kwaphela kungezwakalanga ukuthi ithimba leli leSILO belizothini,” kusho lo mthombo.
Kanti omunye obehamba nethimba leSILO ukhale ngobuthaka balabo abebethunywe yiSILO. “Awu lapha sifike inkundla seyilungisiwe nemigoga ibekiwe. Thina besazi ukuthi siyohlangana noNdunankulu simangele sesizwa ukuthi kanti sekuyithi ebese sibizelwe iKhabhinethi. Bese sihlaliswe njengamankankane nje .
“Kepha kukho konke ngisola aBantwana babe lula kakhulu. Sifikile endaweni yomhlangano, kwathiwa ngumhlangano weKhabhinethi, kuzoqhutshwa ngendlela yakho. Sekunohlu lwamagama adingekayo ukungena. uMdletshe nje iNyosi ivinjiwe ize yangena sekukade. Umbuzo uthi ubani onamandla okuzikhethela ukuthi ngubani okumele azomela iSILO, akuqhubeki yini ukudelela?
Uthe kuBantwana bekukhona uMntwana uVavana, uMntwana uVusumuzi waseMahhashini noMntwana uZeblon waseKuvukeni. Phakathi kwaMakhosi nguShinga, uSithole, eyakwaCebekhulu, eyaseMachunwini, eyakwaNgenetsheni, eyakwaMlaba naleyo yakwaMatizikana, eyakwaBhengu, eyakwaNdebele, eyakwaMpungose neyakwaGumede kwaMakhasa kanye neyakwaChiliza ebuye ibe yiphini likaNdunankulu.
Yomibili imithombo ivumile ukuthi umhlangano awuqhamukanga nalutho. AbakwaHulumeni bamile ekutheni uDuma noButhelezi babe sephutheni bobabili, khona lapho bathi iphutha likaDuma kwaba akwenza phambi kwaBadala hhayi ukubhula umlilo owabe ubaswa nguButhelezi.
Kuhlala lo mhlangano nje kulindele ukuba kuphume usuku lapho uDuma noma uHulumeni ayoshweleza.