Now Reading
Ukunqindwa kwamandla koNdunankulu boHlanga kuleli
Dark Light

Ukunqindwa kwamandla koNdunankulu boHlanga kuleli

Kwisahluko sesi-2, esiqala ekhasini le-14 kuye ekhasini lama-22, ngesihloko i-Africans in a Colonial Order. Lapho ekhasini le-14 kuthi: Amabandla, abezimishini nabaqoneli, bafanisa okwaboHlanga nokwakungaphucuzekile. Babona sisikhulu isidingo sempucuzeko nezimfuno zokwenza ngokwakukusha, ngokwakusanda, kwezimishini kukanye namasonto abo, izikole zabo kanye nemithetho eqinile eyayiwubhalomfihlo lwabo ngokuziphatha kwama-Afrika.

Kwakungezinye zezingcindezelo zoguquko ama-Afrika ayebhekene nazo. Ayesephucwe inkululeko yawo, kwenye inkathi umhlaba wawo, ayesehlala ezindaweni ezizodwa ngaphansi kukahulumeni, kwemibuso eyodwa eyayisibanqobile futhi kwakuyizikhathi okwakufanele babhekane nazo ngeqiniso lezepolitiki.

Kwasungulwa imibuso yobuqonelo owabizwa Ubunye beNingizimu Afrika yowe-1910,okwakuyiNyunyana yabamhlophe bodwa.Yayifake isibalo semibuso,samakhosi ayeyizimele ngaphambi kokuqonelwa, okwaholela kwezinganhlalo nasekusabalaleni ngezinye izindlela ngokwepolitiki.

Siqhubeke,ekhasini le-15,ngokuthi,amandla okuphatha umthetho ngokwabo ama-Afrika kwakungasekho ezandleni zawo, ezigodlweni zaMakhosi.Kwase kuphethwe yizinkantolo nezimantshi zasemadolobheni nasezindaweni ezazakhiwe ngabaqoneli.

Ngamanye amazwi,amacala ayedlula ezinkantolo nezimantshi kanye nakuhulumeni babaqoneli,ezifundazweni iCape,iPietermaritzburg, iBloemfontein,nePretoria,bonke babebika ngowe-1902 kwiBritish Colonial Office kunombolo we-13-14 Downing Street eLondon.

Zaziqinisekisa izimantshi kabanzi ezazakhiwe eKapa yabaqoneli, ukuthi umthetho owawubekwe owawuthweswe abantu abasebenqotshiwe, awuphazamisi ezobudlalwano bendabuko unomphelo. Abaphathi bemibuso yabaqoneli babeka ababayizinduna, imvamisa kwakuba ababekade bengaMakhosi endabuko, okanye ikakhulukazi eMpumalanga Kapa, kwakhethwa amakhansela.

Waphawula uJohn Landes ngokuthi, kwakunabaxhumanisi bepolitiki, phakathi kweziphathimandla zababeqonela kanye nemiphakathi yabendabuko. AMakhosi ayelawula ukuthula  nokubheka ukusebenza ezindaweni zawo ezabelweni.

Lolo hlelo lokubusa, lokuphatha ngokungagcwele lwalwenzelela engangokuthi lwaba nomthelela kuma-Afrika ekulahlekeni kwenkululeko yaboHlanga nokukhululeka ngokwepolitiki. Kwabalula akwaba ndabazalutho, kwangukushinga kwabaqoneli. Ngale ndlela yokuthi,ukuphatha kukaHulumeni kwenabela emazingeni aphansi omphakathi wama-Afrika, yize iningi lemiphakathi yama-Afrika yayingakaze ibabone abaphathimbuso babamhlophe. Ngesekuqaleni kowe-1884, induna yaseKamastone eduze kwase Queenstown yayizitshela izikhulu zemibuso ithi: Abanye bethu abakaze bayibone imantshi lapha, iphetha.

Iziphathimandla zabaqoneli zasezisuse aMakhosi nezinduna,noma amakhansela, emva kwezimpi noma kwemibono ngelomhlaba namalungelo. Iziphathimandla ezazibekiwe nababeyizibangi zaqhamuka ezifundeni ezazizintsha zaphambanisa, zaxova ezepolitiki, ezokuphatha ezindaweni.

See Also

Umbango owawuphakathi kwabaseBukhosini, okwakuwuSuthu olwaluholwa yiNgonyama uDinuzulu noNdunankulu wakhe uMnyamana wesizwe sakwaButhelezi, ukhokho kaMntwana uMangosuthu Buthelezi, nababeseka iBritain okwakuwuhlangothi uMandlakazi olwaluholwa uZibhebhu empini kaZulu ngowe-1879 kuya kowe-1884, kwakungezinye zezibonelo ezazimbalwa.

Wabeka u-Andre ekhasini le-16, kafushane ngencwadi kaNelson Mandela, iLong Walk to Freedom.Lapha uNelson Mandela wayebala isigameko sikayise, uGadla Henry Mphakanyiswa Mandela, owasuswa esikhundleni sobuNdunankulu yimantshi eminyakeni eyalandelayo. Wayengumbeki waMakhosi, ewuNdunankulu wendlu yaseBukhosini bamaThembu ngenkathi yokubusa kweKumkani uDalindyebo nebambabukhosi uJongintaba. NjengoMnyamana wayephethe isikhundla esifanayo sobuNdunankulu. Akayanga ngenkatolo ebizwe yimantshi, ubaba kaNelson owayekholwa ukuthi, uma kuziwa ezindabeni zabendabuko, wayengalawulwa imithetho yeNkosi yase-England kodwa yinkambo yabaThembu.

Leyo ndelelo, ngokwamaNgisi, kaGadla Henry Mphakanyelwa Mandela, yayingekhona nje ukuthunaza, kodwa kwakuyicala lokuphula umthetho. Ngenkathi imantshi izwa impendulo kaGadla, ubaba kaNelson, ngokuphazima kweso yamthwesa icala lokungahloniphi. Akubanga khona imibuzo noma uphenyo, ekubeni  izisebenzini zabamhlophe zikaHulumeni zazingenziwa lutho. 

Imantshi yamehlisa noma yamsusa esikhundleni ubaba wakhe,kwaba ngukuphela kobuKhosi bendlu yakwaMandela. Imiphumela yesenzo esinjalo yayivamise ukuba bucayi enduneni ethintekayo. Ingani uMandela omdala, walahlekelwa iSihlalo nomcebo ngokuphucwa cishe yonke imfuyo yakhe nomhlaba nenzuzo.

Scroll To Top