Now Reading
Abalazi ikusasa libaphatheleni abadlali abangenamaqembu
Dark Light

Abalazi ikusasa libaphatheleni abadlali abangenamaqembu

Zilinde ukuthi kuvulwe iwindi lokusayinisa abadlali, ukuze zizokwazi ukuzama inhlanhla emaqenjini ahlukahlukene izilomo zabadlali ezijika nelanga. 

Abanye balabadlali sekunesikhathi bengawatholi amaqembu kanti abanye bahlukane namqembu abebedlala kuwona ngesikhathi kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali ngoMasingana. 

ElaboHlanga libheka inqwaba yabadlali abajika nelanga, abanye abadlala emaqenjini amancane ngenhloso yokuba behlezi besesimeni esihle sokudlala. 

ULucky Mohomi, uSakhile Hlongwa, uMpho Mathebula noSinethemba Mngomezulu labadlali bakhonjwe indlela iRichards Bay FC ngasekuqaleni kukaNdasa bonke akukho lapho besayiniswe khona. 

UThamsanqa Gabuza odume ngamancoko, kusukela ehlukene neTS Galaxy akukho lapho okuke kwavela ukuthi uzama khona inhlanhla. 

USamkelo Mgwazela kusukela ahamba kuMazulu FC akuphindanga kwalunga njengoba waya kuRoyal AM kwabheda, uzame inhlanhla kuSupersport United, iTS Galaxy neCasric Stars alikho iqembu elimusayinile. 

USibusiso Mabiliso noMxolisi Kunene nabo bahlukane naMazulu FC ekuqaleni konyaka kuyimanje akukho lapho ababonakala khona. 

UKgaogelo Sekgota uhlukane neStellenbosch FC ngoNhlolanja walandelwa uDarrel Matsheke yena ohlukane naso emasontweni edlule. 

See Also

UMpho “Bibo” Makola, u-Eric Matoho, uLehlohonolo Majoro noHappy Jele yize iminyaka isihambile iminyaka kulabadlali kodwa akaze besho ukuthi sebewaphanyeka emgibeni amakhokho.

Nakuba laba badlali bekhathazekile ngokuthola amaqembu kodwa umthwalo usemahlombe eziMenenja zabo ezibafunela umsebenzi. Njengoba kuzovulwa iwindi izimenenja kuzodingeka zigijime, okungenjalo laba badlali bazoqhubeka nokuhlala emakhaya. 

Laba badlali kusengenza bathole elinye ithuba emaqenjini uma kuqala isizini ezayo njengoba amaqembu ebadinga abadlali abanesipiliyoni. 

Abanye abadlali abanganawo amaqembu uKeegan Ritchie, uSiyabonga Mbatha, uMzanele Mahashe, u-Ebrahim Seedat, uPhilani Zulu, uMwambe Musonda, uSanele Tshabalala, uYagan Sasman, u-Aubrey Ngoma, u-Evans Rusike, u-Alfred Ndengane, u-Ayanda Viki noSibusiso Maziko. 

Scroll To Top