Ithi inalo iqhingasu lokuvika izembe iMilford
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umqeqeshi ophinde abe ngumphathi weMilford FC uDkt uXanti Pupuma uthi bayazi ukuthi bazophuma kanjani ezembeni.
Leli qembu elingomakoti kuMotsepe Foundation Championship libalwa namaqembu asengcupheni yezembe. Kulogi ihlezi endaweni ye-14 inamaphuzu angama-20, ilingana neGallants nePlatinum City Rovers.
“Sihlale phansi sakhuluma nabadlali ukuthi ukuze siphume kule nkinga esibhekene nayo kumele sinqobe imidlalo esizoyidlala ekhaya. Lokho kuzosenza siphume ngaphandle sinokukhulu ukuzethemba. Sixoxile futhi ukuthi kule midlalo eyisi-8 esele sidinga amaphuzu amangakanani ukuze sisinde ekugawulweni izembe” kusho uDkt uPupuma.
Umdlalo olandelayo weMilford FC uzokuba kusasa ngoMgqibelo lapho izobhekana khona ne-Upington City, lo mdlalo usePrincess Magogo Stadium, KwaMashu ngalesi-3 ntambamba.
“Amalungiselelo akahle kakhulu sifike izolo lapha KwaZulu-Natal njengoba besidlala ekuhambeni, siqalile namhlanje (ngoLwesine) sazilolonga. Engikuqaphelile kule midlalo esihlulwe kuyona akukhona ukuthi sisuke singenzi kahle, siyawakhanda amathuba kube ukuthi asiwasebenzisi. Umdlalo engikhala ngawo kakhulu ingesikhathi sibhekene neHungry Lions, kwakumele sithole inqwaba yamagoli kodwa sagcina sihlulwa ngamagoli amathathu kwelilodwa. I-Upington City sizodlala nayo okwesithathu kule sizini, yasihlula koweligi sayihlula koweNedbank Cup yomibili le midlalo besiyidlala enkundleni yayo. Sifuna ibuyele emumva ilambatha” kubeka uDkt uPupuma.
IMilford FC igcine ukuthola amaphuzu agcwele mhla zili-19 kuZibandlela nyakenye nalapho yayibhekene khona neBlack Leopards.
“Ikhefu lemidlalo yamazwe silitholile kahle ngesikhathi kade silidinga kakhulu ukuthi siyohlala phansi siqhamuke namaqhinga amasha okuthi siphuma kanjani kule nkinga esibhekene nayo. Angikungabazi ukuthi sizowathola la maphuzu esiwadingayo kule midlalo esele,” kubeka uDkt uPupuma.
Isiyonke imidlalo yeMilford FC izobhekana:
ne-Upington City (6 Mbasa)
neGallants (16 Mbasa)
nePlatinum City Rovers (20 Mbasa)
neMM Platinum (27 Mbasa)
neCasric Stars (01 kuNhlaba)
neMagesi (05 kuNhlaba)
neVenda (12 kuNhlaba) kanye
nePretoria Callies (19 kuNhlaba)