Now Reading
OFaro badlule ngembobo yenaliti kweyamaqoqo
Dark Light

OFaro badlule ngembobo yenaliti kweyamaqoqo

Lidlule ngomcicimezelo elaseGibhithe ngesikhathi lizibekisela indawo esigabeni somkhumulajezi ku-Africa Cup of Nations (Afcon).

Ngemuva kwemidlalo emithathu elaseGibhithe liqoqe amaphuzu amathathu lase liqeda endaweni yesibili eqoqweni layo.

Izolo ebusuku ibambane neCape Verde ngo 2-2 emdlalweni obukumele yenze isiqiniseko sokuthi ayidliwa kuwona ukuze idlulele esigabeni somkhumulajezi. 

ElaseGibhithe belibeke namathemba alo kuMozambique ukuthi iyenzele ufefe ngokuqumba phansi noma ibambe iGhana.

Nangempela iMambas ikwazile ukubamba ama-Black Stars ngo 2-2. OFaro badlale ngokulingana kuyona yonke imidlalo yayo yamaqoqo. Babambane neMozambique ngo 2-2 kowokuqala kwathi kowesibili baphinde bacazelana amaphuzu bedlala ngokulingana ngo 2-2 neGhana. Nayizolo kuphinde kwaba ngesifanayo bebanjwa yiCape Verde ngo 2-2.

Leli lizwe eselibe ngompetha be-Afcon amahlandla ayisikhombisa belidlala ngaphandle kwesihlani salo somgadli uMohammed Salah osalimele. Umdlalo uwubuke ehlezi nezihlwele. 

ICape Verde iqede iqhwakele kuqoqo B ngamaphuzu ayisikhombisa emidlalweni emithathu. 

See Also

Izolo ebusuku iyona eye ekhefini ihamba phambili ngo 1-0. UGilson Tavarez ubhakuzise inethi ngomzuzu wama-45. Zithe zibuya ekhefini elaseGibhithe lifaka uTrezeguet ongene neminyakazo emihle.

Ngomzuzu wama-50 ushaye igoli lokulinganisa. UMostafa Mohammed ubezitshela ukuthi usewuntshontshile umdlalo ngomzuzu wama-93 kodwa iCape Verde yaqhamuka neminye imicabango wama-99. UBryan Silva Teixeira  Jr uwone wawuqeda umcimbi woFaro eshaya elokulinganisa ngomzuzu wokugcina. 

Ngenhlanhla elaseGibhithe likwazile ukudlulela esigabeni somkhumulajezi yize lingazange linqobe kweyamaqoqo.

Scroll To Top