Now Reading
Aphikisayo athi liphume nobomvu ngoMapisa-Nqakula
Dark Light

Aphikisayo athi liphume nobomvu ngoMapisa-Nqakula

Isisho sesiZulu esithi alikho ilanga elishona ngaphandle kwezindaba zalo sigcwalisekile izolo. Lithe liyozilahla kunina bese ememezele ukuthi uyashiya esikhundleni sikaSomlomo nokuba yilungu lePhalamende uNkk uNosiviwe Mapisa-Nqakula. 

Encwadini ayibhalile yokwesula ukucacisile ukuthi ukushiya kwakhe isigubhukane akusho ukuthi uvuma amacala. UMapisa-Nqakula ubhekene namacala ali-12 enkohlakalo nokwamukela intshontsho. Kuyo le ncwadi uveze ukuthi uyohlala njalo elilungu elithembekile le-African National Congress okungumbutho azihlanganisa nawo kwezepolitiki.

Izinsolo zokwamukela kwakhe intshontsho kuthiwa zenzeka ngesikhathi esenguNgqongqoshe Wezokuvikela. Usolwa ngokwamukela imali engaphezu kwezigidi ezi-4 kowayethola amathenda eMnyangweni. Ukusula kwakhe ngenxa yalezizinsolo kuzoshaya kuzwele eqenjini elibusayo niengoba kuyiwa okhethweni, kwazise ngesikhathi lezi zinsolo zivela okokuqala iqembu lakhe lamvikela. Embikweni wayizolo welaboHlanga liveze ukuthi uMapisa-Nqakula usehlamukwe nabakwabo. 

Ngempelasonto uSotswebhu we-ANC uNkk uPemmy Majodina ubesecula elinye iculo ngaye. Uthe uMapisa-Nqakula kumele azilwele yedwa amacala abhekene nawo. Izolo kube sekulandela ukuchithwa kwesicelo sakhe sokuvimbela ukuboshwa. 

UMehluleli obehlalele leli cala uthe isicelo sakhe asiphuthumi icala lasuswa ohlwini lwamacala. Lesinqumo sifane nokuthela usawoti esilondeni esibhibhayo. Emuva kokuzwakala kwezindaba zokusula kwakhe, iDemocratic Alliance ithe liphume nobomvu. UMkhulumeli waleli qembu uSiviwe Gwarube uthe bayakwamukela ukwesula kwakhe ngoba ngaphansi kobuholi bakhe iPhalamende bese lehlelwe yisithunzi. “Kithina kwenzeke ebesikulwela ngoba yithi esaphakamisa ukungabethembi ubuholi bakhe ePhalamende” kusho uGwarube.

See Also

Enwadini yakhe ubonge iqembu lakhe i-ANC ngokumethemba kuzona zonke izikhundla aziphathile. Uthe uthathe lesi sinqumo ngonembeza wakhe ukuze akwazi ukubhekana namacala asanda kuvumbuka amthintayo naphenywayo. “Ngilazisile neqembu lami ngalibonga nangokungethemba ekusebenzeleni abantu bakithi iminyaka.”

I-Economic Freedom Fighters ithe isakugcizelela ukuthi uMapisa-Nqakula kumele aboshwe, yathi ukushiya kwakhe kuzodala uzinzo nokuthi abantu bakwazi ukumelana nomsebenzi abasuke benikwe wona kuphinde kube nokuvuleleka kokwenzekayo. Leli qembu lithe kube yisinyathelo esihle ukuba aphume esikhundleni.

Scroll To Top