Now Reading
Indlela eya kwelomhlaba idlula kuNghonyama kuMahlase
Dark Light

Indlela eya kwelomhlaba idlula kuNghonyama kuMahlase

UNkosingiphile “The Prince” Sibisi uthi nakanjani uzolibamba ngezandla zombili leli thuba alitholile.

Lo somankomane waseMnambithi kodwa osezinze eDundee uthole ingqayizivele yethuba lokuzwela ibhande leSA Flyweight, lapho azoxhimfana khona noTrevor Nghonyama odabuka eGoli. Leli bhande lishiywe uJackson “M3” Chauke njengoba eseyingqwele ye-International Boxing Organisation (IBO). 

Impi kaSibisi noNghonyama ingeyosuku ezimpini eziqhathwe iHle-Jobe Boxing Promotions kaHlengiwe Sithole, lezi zimpi zizobanjelwa e-Escourt Town Hall ngoMgqibelo. 

“Ukuphatha ibhande likazwelonke elinye lamaphupho ami, ngoba sengilitholile ithuba lokulilwela ngeke ngiliyeke kuzomele ngilibambe ngezandla zombili. Amalungiselelo ami ahambe kahle kakhulu, ngingasho ngithi sengilindele uMgqibelo ngingene eringini” kusho uSibisi. 

USibisi uzoya kule mpi enokukhulu ukuzethemba njengoba ezimpini zakhe eziyisithupha engayazi induku. Ugcine ukungena eringini ngoZibandlela ezimpini ezaziqhathwe iHlula Dladla Boxing Promotions kaDkt Hlula Dladla, nalapho ahlula uSibonelo Maseko ngomnqimuzo womlalisa phansi (TKO). 

UNghonyama yena ugcine ukuba seringini ngoNhlangulana nyakenye nalapho ehlula khona uZelile Sibisi ngamaphuzu, ezimpini eziyi-7 unqobe ezinhlanu wahlulwa kwezimbili. 

See Also

“Ukulwela phambi kwabantu bakithi kuzongilekelela kakhulu ekutheni ngenze kahle. Ingcindezi inkulu kakhulu kimina, ngoba kuzomele ngingabaphoxi abantu baKwaZulu-Natal. Yize ngingazayi imbangi, kodwa ngizoyifunda khona eringini” usho kanje uSibisi.

Ubalule ukuthi ukunqoba kwakhe leli bhande kuzobe kuyisiqalo njengoba iphupho lakhe elikhulu ukuphatha amabhande omhlaba ahlonishwayo emhlabeni. 

Enye impi ebhekiwe ekaMxolisi “Teama Nation” Zuma noRamadhani Milonzi, labosomankomane bazobe bebanga ibhande leWBF Intercontinental Junior-Featherweight. 

Scroll To Top