Now Reading
UMabulala Emoyizela unqobe wezwelana nokhale ngaphansi abukela kuye
Dark Light

UMabulala Emoyizela unqobe wezwelana nokhale ngaphansi abukela kuye

UNtethelelo “Smilling Assassin” Magcaba uvuma ukuthi ukuzalwa emndenini odume ngesibhakela kuhlezi kumfakela inselelo ekutheni enze kahle uma engena eringini. 

Lo somankomane waseCator Ridge kwaXimba uhlobene noThabiso “The Rock” Mchunu ongadinge kuchazwa kakhulu, uNomvelo Magcaba-Shezi onguPhromotha ofike kwezakala, u-Alex “Nkalakatha” Mchunu owuqweqwe lomqeqeshi noMhlengi Maxase okwezokumaketha esibhakeleni sama-Amesha.

Ngeledlule uMagcaba ujabulise izinkumbi zabathandi besibhakela basesifundazweni iKwaZulu-Natal ngesikhathi enqoba ibhande leKZN Bantamweight. UMagcaba uhlule ngamaphuzu uNkosinathi “Captain” Sibisi waseMpangeni, lezi zimpi beziqhathwe iMvelo Boxing Promotions kaNomvelo.

“Inselelo ihlezi ikhona njalo uma ngingena eringini, ngoba abantu basekhaya bahlezi bengikhuthaza ukuthi ngenze kahle khani ngizophakamisa igama lakithi. Ingakho noma ngiziqeqesha, ngiyazimisela ngoba uma ngingenzi kahle lokho kungaba nomthelela ekutheni bese ngingene eringini ngibhacaze. Ngingasho ngithi ngibusisekile ukuqhamuka emndenini onothando lesibhakela” kusho uMagcaba oneminyaka yobudala engama-22. 

UMagcaba esibhakeleni esikhokhelayo uselwe izimpi ezinhlanu, uzinqobe zonke ngeledlule ubeqala ukufika kwimizuliswano eli-10 uhlezi enqoba izimpi ngomzuliswano wokuqala noma wesibili.

“Ukuqeda imizuliswano ngeledlule kungisizile kakhulu ukutshengisa ukuthi ngiyakwazi ukubekezela. Ngihlezi ngiqeda ngomzuliswano wokuqala, okuyinto leyo engeyinhle ngoba kwesinye isikhathi akwenzeki kusuke sekudinga ukwazi ukubhekana nobunzima” kusho uMagcaba.

UMagcaba ubeseqeqeshwa uSizwe “Bhubesi” Mthembu weLundonga Boxing Gym kodwa manje usebuyele ekhaya njengoba eseqeqeshwa uMchunu (Alex).

“Ngiyafisa ukukhuthaza intsha ekwi-Amesha ukuthi ibekezele, ngoba indlela yokufika esibhakeleni esikhokhelayo ayilula neze. Mina ngihlale khona iminyaka eminingi” ubeke kanje.

See Also

Leli bhokisa likhale ngoxhaso ukuze lizokwazi, ukuIlungiselela kahle ngaphambi kwezimpi. Uthe izifiso anazo ukunqoba ibhande likazwelonke, kuthi eminyakeni emibili ezayo aphande ibandle lomhlaba abalwe namabhokisa ahlonishwayo emhlabeni. 

Yize ngeledlule uMagcaba enqobile empini yakhe kodwa uMchunu (Thabiso) yena ukhale ngaphansi empini yeWBC Silver Cruiserweight ehlulwa uYamil Alberto Peralta Jara wase-Argentina.

ElaboHlanga libuza uMagcaba ukuthi ubona kusafanele yini ukuthi alwe umnewabo uthe: “UThabiso ungusomankomane oseqopheleni eliphezulu akekho umuntu ongamazi, uzakhelile igama lakhe kulo mdlalo. Usengaphinde abuyele eringini alwe, ukungenzi kahle kwakhe ngeledlule ingoba besekuphele iminyaka emibili agcina ukuba seringini” kuphetha uMagcaba.

Scroll To Top