Now Reading
Imi ngomumo i-IFP ukwethula umqulu wezikhongi oLundi
Dark Light

Imi ngomumo i-IFP ukwethula umqulu wezikhongi oLundi

USihlalo we-Inkatha Freedom Party (IFP) KwaZulu-Natal uMnu uThami Ntuli uthi asephothuliwe amalungiselelo omcimbi wokwethulwa komqulu wezethembiso zokhetho esifundazweni iKwaZulu-Natal.

UMnu uNtuli udalule lokhu esithangamini sabezindaba ebesibanjelwe kwelinye lamahhotela aseThekwini namhlanje ekuseni. 

Ubalule ukuthi umcimbi wokwethulwa komqulu wezethembiso zokhetho esifundazweni iKwaZulu-Natal, uzobanjelwa enkundleni yezemidlalo eqanjwe ngoMntwana waKwaPhindangene iPrince Mangosuthu Buthelezi Stadium, oLundi.

Lo mcimbi kulindeleke ukuthi ube mhla ziyisi-7 kuMbasa. 

“Lo mcimbi siqoke ukuba siwenze Olundi, ngoba sifuna ukuyolanda amandla njengoba Ondini kuyilapho kunesigodlo seSILO uCetshwayo onomlando wokunqoba amaNgisi.   Kuphinde kube ilapho kuqhamuka khona uMntwana waKwaPhindangene ongumsunguli weqembu i-IFP. Lokhu kuzosipha ithemba elikhulu lokuthi vele njenge-IFP sike sasiphatha isifundazwe phambilini futhi asikaze sitholakale nogcobho wenkohlakalo. Uma abantu bengasinika ithuba lokuphatha isifundazwe siyathembisa ziningi izinguquko esizozenza,” kubeka uNtuli omele i-IFP kwesobuNdunankulu waKwaZulu-Natal. 

Ebuzwa uMnu uNtuli ngesehlakalo esenzeke eMhlathuze, sokudubulana konogada bezikhulu zikaMasipala uthe: “Asikabi nalo ulwazi oluningi kodwa siyazwelana nemindeni”.

See Also

Khonamanjalo i-IFP iphinde yethula amalunga amasha aqhamuka ku-Economic Freedom Fighters (EFF), ku-Abantu Batho Congress (ABC), nakuNational Freedom Party (NFP).

U-Eric Zungu obeyilunga leSishayamthetho aphinde abe usekela sihlalo esifundazweni iKwaZulu-Natal kuNFP, uKhanyisani Ntuli naye obekuNFP, u-Erick Buthelezi, u-Emmanuel   Shezi, uMbhekeni Mzimela, uThembinkosi Nyembezi noNelisiwe Ndlovu abasuka ku-ABC noRefiloe Ramatlapeng obeyikhansela laseKokstad ngaphansi kwe-EFF. 

Scroll To Top