Ayikho indawo edlula ikhaya: intokazi yaseMabheleni



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umsubathi wesifazane osezakhele igama kwezokusubatha KwaZulu-Natal uJenet Mbhele uthi ukube kuya ngaye ubengeke abe yingxenye yeHarry Gwala District Marathon okuwumjaho ozokuba ngeSonto.
Le ntokazi yaseNew City eMzimkhulu ngaphansi kweSifunda iHarry Gwala, yazise elaboHlanga ukuthi lo mjaho iwugijima ngoba kayifuni ukuphoxa abantu bangakubo njengoba bezobe beyibheke ngabovu ekutheni iqhubeke nokwenza kahle.
“Uthando engilunikezwa abantu bangakithi lukhulu kakhulu, ngalokho ngeke ngakwazi ukungawugijimi umjaho wangasekhaya. Okuyimbangela yokuthi ngibe nongabazane ingoba ngilungiselela iTwo Oceans Marathon engizobe ngiyigijima okokuqala kulo nyaka,” kusho uJenet.
ITwo Oceans Marathon yalo nyaka izokuba mhla zili-13 kuMbasa, kusho ukuthi uzokuba semasontweni amabili ezayo.
Ebuzwa ukuthi uzibhekile yini ukuthi engaphuma kwabali-10 bokuqala kuyona iTwo Oceans Marathon uthe: “Umjaho omkhulu kakhulu lona ngeke ngizifakele ingcindezi, ngifuna ukuyofunda ngawo. Uma kungathiwa ngibalwa nabali-10 bokuqala ngabe ibhonasi leyo,” usho kanje.
Nyakenye kuHarry Gwala District Marathon le ntokazi iyona edle umhlanganiso ebangeni lika-21km (1:10:31) kwabesilisa kwanqoba u-Ayanda Ngcobo (1:02:00).
Ebangeni lika-42km kwabesilisa kwanqoba uJobo Khatoane (2:16:47) kwabesifazane uZinhle Shabalala (2:46:13). Ebangeni lika-10km uSibusiso Kubheka (28:09) noMolutubete Makatisi (34:21).
“Ngizimisele nakulo nyaka ukuphinde ngenze kahle, kumqoka ukuthi ngenze isiqiniseko sokuthi ngidla umhlanganiso ezintabeni zangakithi. Kongijabulisa ukwenza isikhathi esingcono,” ubeke kanje.
Kulo nyaka vele uJenet usenawo umqhudelwano awunqobile okuyiJoseph Shabalala Marathon eba seMnambithi.
NgoNhlangulana uJenet uzobe egijima iComrades Marathon okwesibili njengoba nyakenye wayigijima wabalwa nabali-10 kwabaphume phambili.