Kuyakhula ukuzethemba kuBafana yize inganqobanga
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ukholwa wukuthi iqembu lakhe selikhule ngendlela yokuthi alikho iqembu elingeke lakwazi ukumelana nalo ezwenikazi i-Afrika.
Izolo ebusuku iBafana ibambane ne-Algeria ngama-3/3 emdlalweni obunconcisa amathe eNelson Mandela Stadium kwelase-Algeria.
Amagoli eBafana abaselwe enethini nguThemba Zwane obhakuzise enethini amagoli amabili no-Iqraam Rayners kwathi owe-Algeria ashaywa nguYaccine Brahimi noYassine Benzia oqhulule amabili.
Kowokuqala iBafana ibambane ne-Andorra ngeli-1/1 kulolu chungechunge lwemidlalo emibili yesihle.
“Kube ngumdlalo omuhle kuwona womabili amaqembu. INingizimu Afrika idlale ibhola eliseqophelweni eliphezulu. Sibhekane neqembu eliqinile. Uma ngiqhathanisa umehluko phakathi kwala maqembu ngokwezinga ubungekho. Lokhu kusidweba sicace bha isithombe sokuthi siyadlondlobala njengeqembu. Sikukhombisile lokhu ngesikhathi sidlala ku-Africa Cup of Nations ngenyanga edlule. Siphinde sakukhombisa lokho namuhla (izolo ebusuku). Sitshengisile ukuthi singamelana nanoma yiliphi iqembu ezwenikazi i-Afrika,” kuchaza uBroos.
Ku-Africa Cup of Nations (Afcon), iBafana ikhiphe iMorocco ebithwelwe ngeqoma.
I-Atlas Lions ibikleliswe endaweni yokuqala e-Afrika kanti emhlabeni iyibambe endaweni yeshumi nantathu. Ngowezi-2022 ifinyelele kowandulela amanqamu eNdebe yoMhlaba kwelaseQatar. EzikaBroos zigcine zibuya nendondo yethusi.
Kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba edlule iBafana iguqise amazwe afana noGhana, Zimbabwe ne-Ethiopia.
“Iqembu ligcwele ukuzethemba. Into engiyibone ku-Afcon wukuthi iqembu aligcine nje ngokubambisana ndawonye enkundleni kodwa nangaphandle kwenkundla liyimbumba. Kumqoka ngendlela eyisimanga lokho. Enkundleni kudlala abadlali abayishumi nanye. Ongokuthandayo wukuthi laba abasuke besebhentshini baseka laba abasuke bedlala. Sineqembu elihle kakhulu. Uma ungumqeqeshi lokho ngeke kungakujabulisi. Bakhombisile ukuthi bafuna ukulwela izwe nokwenza umsebenzi enkundleni,” kuqhuba yena.
NgoNhlangulana iBafana izoqhubeka nomskhikashika wokuzama ukuzibekisela indawo eNdebeni yoMhlaba ezoba seMelika, Canada naseMexico ngowezi-2026.
“Into esiyenze ku-Afcon siyenze namuhla (ngoLwesibili ebusuku) sibhekene ne-Algeria. Sikhula umdlalo nomdlalo njengeqembu.” kuphetha uBroos.