Iconsisa amathe imiklomelo yeDurban International Marathon kulokhu



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kubukeka ziningi izizathu ezizoheha abasubathi abadumile emhlabeni ekutheni babe yingxenye yeDurban International Marathon yakulo nyaka.
Lokhu kugqame ngesikhathi kuthulwa ngokusemthethweni umjaho wakulo nyaka, emcimbini obuseRiverside Hotel, eThekwini. Umjaho wakulo nyaka kulindeleke ukuthi ube mhla zingama-28 kuMbasa, uzosukela eSiphingo usongwe eThekwini.
Okokuqala okuyikho okuzoheha abantu ukuthi imali ezotholwa abazonqoba inyuke ngamaphesenti angama-50, emalini ebinqotshwa nyakenye. Obedla umhlanganiso kulo mjaho ubegoduka nezinkulungwane ezingama-R50, nonyaka uzogoduka nezinkulungwane ezingama-R75.
Ngeke kugcine lapho kodwa namabhonasi aconsisa amathe kubasubathi abazokwenza izikhathi ezithize.
Nyakenye lo mjaho kwabesilisa unqotshwe uTebello Ramakgongona ngesikathi esiwu-2:10:11, kwathi kwabesifazane kwanqoba u-Annie Bothma ngesiwu-2:30:31.
Ngokwamabhosi onqobile washaya irekhodi ngemizuzwana engama-30 uzothola izi-R2 500 ngaphezulu, ozoqeda ngemizuzwana ephakathi kwengama-31 kuya kwengama-60 athole izinkulungwane ezi-R5. Imizuzwana engama-90 athole agoduke nebhonasi yezinkulungwane ezili-R10, owenze irekhodi ngemizuzu emibili uzothola izinkulungwane ezingama-R20.
Ozonqoba ngerekhodi lomehluko wemizuzu emithathu yena uzogoduka nezinkulungwane ezingama-R30.
Lokhu kuchaza ukuthi umuntu onqobile wabeka irekhodi engagcina egoduka nezinkulungwane ezili-R105.
Okunye okukhulu kakhulu ukuthi ngalo mjaho basubathi abazokwenza kahle kuwo bazothola ithuba lokumela amazwe abo kuma-Olympic Games azoqala ngoNtulikazi asongwe ngoNcwaba eParis, eFrance.
URamakongoana waseLesotho osubathela iXcel Running Club ukunqoba kwakhe kwamfaka eqenjini lakhe lesizwe ebelikumaWorld Athletics Championships eHungary lapho enza khona isikhathi esiwu-2:09. Lesi sikhathi asenze kumaWorld Champs simfake kuma-Olympic Games.
Ngaphandle kukaRamakongoana u-Isaac Mpofu waseZimbabwe unqobe lo mjaho (Durban International Marathon) ngowezi-2022 wafike wangena endaweni ye-10 kumaWorld Championships ayese-Eugene ngawo lowo nyaka.
Okunye umzila okuzobe kuhanjwa kuwona uzobe umuhle kakhulu.
Kuzoba khona ibanga lika-42km, lika-21km nelika-10km.