Now Reading
Uthi ngeke babuye ngeyombangandlala e-USA bahlome ngokwanele
Dark Light

Uthi ngeke babuye ngeyombangandlala e-USA bahlome ngokwanele

nguSabelo Maphumulo


Kulokhu baphethe izingwazi ezinamava emiqhudelwaneni yamazwe


Kubhekwe lukhulu eqenjini lokusubatha, elizobe liyibambe kuWorld Athletics Championship okulindeleke ukuthi aqale namhlanje aze asongwe mhla zingama-24 kwephezulu. 

Lo mqhudelwano uzobanjelwa e-Oregon, e-United States of America (USA).

Emasontweni amabili edlule i-Athletics South Africa (ASA) eholwa uJames Moloi yamemezela abasubathi abangama-40 abazomela elakuleli e-USA. Kulaba basubathi kukhona abangama-27, bese kuba abali-13 besifazane. 

Ngempelasonto edlule kuvele izindaba ezijabulisayo zokuthi uCaster Semenya, uzoba seqenjini elizolibhekisa e-USA emva kweminyaka emihlanu agcina ukubonakala koweWorld Athletics Championship. 

UCaster ufakwe ohlwini kwabazogijima ibanga lama-5000m, sekuphele iminyaka emihlanu agcina ukugijima koweWorld Champions. Wagcina ukubonakala ngonyaka wezi-2017 eLondon nalapho anqoba khona indondo yegolide ebangeni lama-800m.

Iqembu elamenyezelwa i-ASA lithakwe kanje abesilisa, u-Akani Simbine, uGift Leotela, uClarence Munyani, uHenricho Bruintjies, u-Emile Erasmus, uLuxolo Adams, uShaun Maswanganyi, uSinesipho Dambile, uWayde van Niekerk, uZakithi Nene, uTshepo Tshite, uRyan Mpahele, u-Antonio Alkana, uSokwakhana Zazini, u-Adriaan Wildschutt, uPrecious Mashele, uMelikhaya Frans, uTumelo Motlagale, uWayne Snyman, uWerner Visser, uVictor Hogan, uJohan Grobler, uRuswah Samaai, uJovan van Vuuren, uCheswill Johnson, uLindokuhle Gora noDerrick Mokaleng. 

Kwabesifazane, uCarina Horn, uMiranda Coetzee, uPrudence Sekgodiso, uDominique Scott, uMarione Fourie, uZenéy van der Walt, uWenda Nel, uTaylon Bieldt, u-Ischke Senekal, uJo-Ane van Dyk, uGontse Morake, uPrecious Molepo, uShirley Nekhubui noCaster.

ElaboHlanga libe nengxoxo ekhethekile noMoloi, okade eqeda unyaka ngoNhlaba kusukela abanguMengameli. 

Sabelo Maphumulo (SM): Asikubingelele Mengamel

James Moloi (JM): Ngiyabingelela, ngiyabonga ngethuba ongipha lona.

(SM): Eqenjini elizosimela e-USA libukeka lithembisa ngabe siyalibona lenza kahle?

(JM): Ngaphandle kokungabaza sizokwenza kahle kakhulu e-USA, ngingasho ngithi iNingizimu Afrika izobalwa emazweni amahlanu kwangama-214 azobe ekulo mqhudelwano. 

(SM): Kungani unokuzethemba okungaka, njengoba kowokugcina ngowezi-2019 singabuyanga nandondo eDoha, eQatar?

(JM): Abasubathi abanjengoWayde van Niekerk, ongumpetha womhlaba kuma-400m, uza kulo mqhudelwano unqobe okokuqala kuTrack ebangeni lakhe. Ushaye intambo ngesikhathi esiyimizuzwana engama-44.58 kuStars and Stripes Classic, eGeorgia, e-USA. 

Kusho ukuthi ukuzethemba kuyena kukhulu kakhulu. USimbine ozogijima u-100m ne-4x100m naye amathemba ami akuyena, le nyamazane ngenyanga edlule ibe nesendlalelo esihle ngochungechunge iDiamonds League. Kanti emasontweni amabili edlule uSimbine unqobe umlenze obuseStockholm, eSweeden (10.02). Ngonyaka odlule ubeseqenjini elinqobe igolide ku-4x100m, kumaWorld Athletics Relay Championships, ePoland.

Abanye abangamathemba ethu u-Adams, ozobe egijima ama-200m, ngenyanga edlule unqobe kuma-100m kuRaymond Petit, eTomblane, eFrance (10.13). Kowandulela lo mjaho ema-200m eDiamond League, eFrance, uphinde washaya intambo ngemizuzwana eli-19.82. Impela sizokwenza kahle e-USA.

See Also

(SM): Sibonile kuvela igama likaCaster, ngabe kukhona esikubheke kuyena njengoba ehlezi enza?

(JM): Ngeke simfakele ingcindezi uCaster, siwazi amagalelo akhe kodwa asibhekile ukuthi enze kahle. Esikudinga kuyena ukuthi akhuthaze intsha ukuthi yenze kahle, sihamba nabasubathi abaneminyaka engama-20 kuya phansi. Izobe inokuthuka, ukuba khona kukaCaster kuzoyisiza kakhulu. Nomhlaba wonke nje ukuba khona kwakhe kuzokwenza iqembu lethu libe nesithunzi esikhulu.

(SM): Njengoba kade uqeda unyaka unguMengameli, iziphi izinqinamba obona i-ASA ibheke nazo?

(JM): Akukho okuningi kodwa kuTrack & Field, nakuRoad kumele sithole abaxhasi asihlezi siyazama ukusilungisa lesi simo. Okunye silwela ukuthi sibheke abasubathi ezindaweni zasemakhaya. Ngikholelwa ukuthi ompetha ilapho abagcwele khona emakhaya, uStephen Mokoka ungomunye wabantu abaqhamuka khona.

(SM): Oziqhenyayo ngakho kusukela unguMengameli ngabe ikuphi?

(JM): Ukuthi awukho umqhudelwano ongaboniswa kumabonakude. Nangeledlule i-Absa 10km ibiboniswa. Kuyimanje sikhuluma noSABC ukuthi nawo uyisakaze imiqhudelwano. Nanokuthi siyakwazi ukuxhumana sazise abantu ngakho konke okwenzakalayo kwezokusubatha. 

(SM): Siyabonga kakhulu konke engathi kungahamba kahle lapho e-USA.

(JM): Siyabonga kakhulu nathi, sizokwenza isiqiniseko ukuthi siyaliphephezelisa ifulegi loMzansi.

Scroll To Top