Uzidlele amahlanga uMbenge kuFonseca kwezamankomane


Ugaqele izimpi zomhlaba uThulani “Evolution” Mbenge osanda kungqimuza umshayisibhakela wase-Argentina.
NgoLwesihlanu uMbenge umuhluze uLeonardo Fonseca empini ehambe imizuliswano eyishumi e-Olive Convention Center.
Lo mshayisibhakela odabuka eMdatsane unqobe ngamaphuzu kule mpi ebihlelwe yiMvelo Boxing Promotion kaNomvelo Magcaba Shezi.
Exoxa nelaboHlanga ngemuva kwempi, uMbenge utshele leli phephandaba ukuthi usefuna enye imbangi yaphesheya.
“Ngizizwa ngijabule kakhulu. Sidinga uhlobo lwezimpi olufana nalolu ukuze sizibeke ethubeni lokulwa ngaphandle kwaseNingizimu Afrika. Sike salithola ithuba lokulwa nebhokisa laseNamibia naseBotswana kodwa sazinqaba lezo zimpi ngoba bezizoba lula kakhulu,” kuchaza uMbenge.
UMbenge ulwa esigabeni seSuperflyweight.
“Uma ufuna ukuyolwa izimpi zomhlaba awukwazi ukuthatha izimpi ezilula. Besiqonda ukuthi le nsizwa ebengibhekene nayo ibizosebenzisa isitayela sokulwa saseMexico. Ngizizwa ngijabule kakhulu. Lolu yilona uhlobo lwezimpi esiludingayo ukuze ngibe ngumpetha womhlaba,” kuqhuba uyena.
Bese kuphele unyaka uMbenge agcina ukuba seringini kodwa akazange akhombise ukuthi sekunesikhathi engalwi ngesikhathi ehlula uFonseca.
“Into ebengukhiye ekutheni nginqobe wukumkhathaza emzimbeni. Bengazi zisuka amagqozo ukuthi kumele ngimphuthume ngokushesha. Ngasekuphele kwempi ngithe ukuhlehla kancane. Ngiyithandile lempi. Ibimnandi,” kubeka uMbenge.
Ngemuva kokuhlala izinyanga eziyishumi nambili, uMbenge akasazimisele ngokuphinde ahlale isikhathi eside.
“Inhloso yami wukubuyela eringini ngoNhlaba. Angisazimisele ngokuhlala isikhathi eside kodwa lokho akusho ukuthi kumele ngithathe noma yini. Ngiyazidinga izimpi zezinga lomhlaba,” kusho uMbenge.