IBhele lindizisele phansi amafulegi likhombisa ukuzila
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Izwe iRussia lehlisele phansi amafulegi ngosuku lokuzila futhi labeka amacala amadoda amane ewasola ngokubulala inqwaba yabantu ekhonsathini engaphandle kwaseMoscow ngoLwesihlanu ebusuku esigamekweni esibulale abantu abaningi eRussia osekuyiminyaka engamashumi amabili.
UMengameli uVladimir Putin umemezele usuku lwayizolo njengosuku lwesizwe lokuzila ngemuva kokuzibophezela ukuthi uzobajezisa bonke abaphehla ukuhlasela, lapho kwashona khona abantu abali-137, okuhlanganisa nezingane ezintathu, kwathi abali-182 balimala.
Bangaphezu kwe-100 abantu abasezibhedlela, abanye babo basesimeni esibucayi. Izithombe zevidiyo zikhombisa uPutin obukeka equmbile ekhanyisa ikhandlela esontweni endaweni ahlala kuyo ngaphandle kwaseMoscow ngeSonto kusihlwa ukuhlonipha labo abashonile.
Phambilini ngeSonto, abantu babeke izimbali eCrocus City Hall, ihholo lekhonsathi elinezihlalo eziyi-6,200 ngaphandle kwaseMoscow lapho kungene khona amadoda amane abehlomile ngaphambi nje kokuba iqembu le-rock langesikhathi saseSoviet iPicnic licule ingoma yalo ethi “Afraid of Nothing”. La madoda adubule abhekisa kwizakhamuzi.
I-Islamic State ithi yiyona eyenza lokhu kuhlasela, kodwa uPutin akazange aphumele obala ngeqembu lamaphekula, athe belizama ukubalekela e-Ukraine. Uthe abanye “abasohlangothini lwase-Ukraine” bebelilungiselele ukungenisa oshayasibhamu ngaphesheya komngcele. I-Ukraine iphikile ukuthi inesandla kulokhu kuhlasela.
Inkantolo yesifunda saseMoscow iBasmanny ngeSonto igwebe abasolwa abane ngezenzo zobushokobezi mayelana nalokhu kuhlasela, ibabize ngoDalerdzhon Mirzoyev, Saidakrami Rachabalizoda, Shamsidin Fariduni, noMuhammedsobir Fayzov, ngokusho kwesiteshi esisemthethweni seTelegram yaseMoscow.
IRussia ithe lamadoda, ahlonzwe abezindaba baseRussia njengezakhamuzi zezwe elalingaphansi kwe-Soviet republic iTajikistan ahlala eRussia, azogqunywa esitokisini ngaphambi kokuqulwa kwecala kuze kube uNhlaba zingama-22. Abathathu kwabane bawavumile wonke amacala.