Now Reading
Uya ngokuqonga oweMayoral Cup eNkandla
Dark Light

Uya ngokuqonga oweMayoral Cup eNkandla

USanele Cele ohlonza amakhono uxwayise abazali bezingane ukuthi baqaphele abantu abangamaqola ngokuthi bazolekelela izingane ngokuzitholela amadlelo aluhlaza.

UCele ungomunye okade behambele iNkandla Mayoral Cup ebengempelasonto edlule. Le midlalo ibibanjelwe eNkandla Municipal Stadium. UThamisanqa Ntuli oyiMeya yesifunda iKing Cetshwayo naye ubekhona kule midlalo. 

Izinhlobo zemidlalo ebezidlalwa unobhutshuzwayo wabesilisa nabesifazane, amankomane, ibhola lomnqakiswano, umlabalaba kanye nechess.

“Sesizizwe kaningi izigameko zokuhlukumezeka kwezingane, ngenxa yalaba bantu abangamaqola. Ngalokho ngiyafisa ukuxwayisa abazali ukuthi kuwukuthi ingane yakho ifunwa yinkulisa ethize aqale abheke ukuthi ibhalisiwe yini ngaphansi kwenhlangano ephethe unobhutshuzwayo kuleli iSouth African Football Association (Safa). Uma kuwukuthi ayibhalisiwe kusho ukuthi ayikho emthethweni leyo nkulisa. Baphinde bebheke ukuthi ngabe abaqeqeshi labo abafuna ingane banazo yini iziqu zokuqeqesha, ngoba ngisho baningi abantu abangosomathuba,” kusho uCele waseMthwalume. 

UCele ophethe uSafa D License wokuqeqesha uphinde wabalula ukuthi kuyamjabulisa ukubona umehluko weNkandla Mayoral Cup, uma iqhathaniswa neyedlule. 

“Izinga likanobhutshuzwayo likhuphuke kakhulu kulo nyaka, engibona kuyikho okuyisikhuthazi ukuthi kuMayoral Cup edlule senza isikwati sabadlali abangama-22 bahamba beyodlala nePlatinum City Rovers neBaroka FC. La maqembu womabili adlala kuMotsepe Foundation Championship kuRovers kwathathwa uNkanyiso Ndima, iBaroka FC yona yachazwa uNkululeko Myeza kodwa owagcina engasayinanga ngenxa yezizathu ezithize. Okuhle kakhulu ukuthi baningi abadlali abancane abadlala kulo mqhudelwano, okuyinto enhle ngoba inhloso ukuvulela intsha amathuba, kusho uCele oseke wasebenza kwiWitbank Spurs eyimenenja, usebenze noVusi Mkhatshwa noShakes Mashaba. 

Abadlali abathole amathuba angcono ngenxa yayo iNkandla Mayoral Cup uMyeza noSbongiseni Dlamini abakuFernie Battalion edlala ku-ABC Motsepe League eMpumalanga, uSanele Nzuza yena okuDlangezwa Hellenic yona nayo eku-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal. 

Nonyaka kuzophinde kwenziwe iBoot Camp yamasonto amathathu lapho abadlali abangama-20 bezoqeqeshwa abaqeqeshi bezinga eliphezulu. Bazobe sebethola ithuba lokudlala imidlalo yobungani edlala kwiSupersport United ne-Orlando Pirates kwiDStv Diski Challenge (DDC) neBaroka FC.

UMbhekiseni Biyela oyiMeya yaseNkandla uveze ukuthi ukuthuthukiswa kwamakhono kuyingxenye yohlelo lwentuthuko emphakathini. 

“Ngale midlalo senza isiqiniseko sokuthi sinikeza intsha amathuba, lokho asikwenzi kubulili obubodwa kuphela sikwenza kubona bobubili ubulili. Inhloso ukuthi senze isiqiniseko ekutheni akekho ancishwe ithuba kakhulukazi kwezemidlalo. Akade bekhona babonile intsha yesifazane yenza kahle kunobhutshuzwayo, negoli elishayiwe kowamanqamu liyakhombisa ukuthi ngelinye ilanga somukhiqiza uPortia Modise nathi. Nakweminye iminhla yezemidlalo sikhiqize abadlali abayovela kumabonakude” kusho uBiyela. 

See Also

Iqembu elidlel umhlanganiso kunobhutshuzwayo ligoduke nezinkulungwa ezili-R15, endaweni yesibili lihambe nezinkulungwabe ezili-R10 kwathi elale kweyesithathu lahamba neziyizi-R7 500.

“Ngokulandelayo imali ezonqotshwa sizoyikhuphula, besifisa futhi ukuthi kube khona iqembu lalapha eKing Cetshwayo iRichards Bay FC kodwa ngenxa yokuthi belidlala langaphumelela. Nakweminye iminxa siyafuna ukuthuthuka ingakho sizolanda abantu asebezibandakanye isikhathi eside kuyona yonke iminxa esiba nayo” kubeka uBiyela. 

Kwabanqobile kunobhutshuzwayo wabesilisa:

  • iPower united (ward 11)
  • iManchester (ward 4)
  • iStrikers (ward 12)
  • Abafana Begazi (ward 10)

Kwabesifazane:

  • iNkonisa Ladies(ward 10)
  • iPower Ladies (ward 11)
  • iKhombo FC (ward 4)
  • iStar Ladies (ward 8)

Ebholeni lomnqakiswano:

  • iDiamonds (ward 1)
  • iCollege (ward 5)
  • iThe Queens(ward 5)
  • iCrusaders (ward 11)
Scroll To Top