Igwetshwe izinyanga eziyisthupha intatheli eDRC
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Inkantolo yaseDemocratic Republic of Congo ngoMsombuluko ithole intatheli yaseCongo uStanis Bujakera inecala lokusabalalisa imininingwane engamanga phakathi kwamanye amacala, yase iyigweba izinyanga eziyisithupha ejele, kusho ummeli wayo.
“Abehluleli bathole lowo esimmele enecala kuwo wonke amacala abekwe wona. Bakhiphe isigwebo esinzima kunazo zonke sezinyanga eziyisi-6, kanye nokukhokhwa kwenhlawulo yamaFrancs (imali yaseDRC) ayisigidi” kusho ummeli kaBujakera, uJean-Marie Kabengela, etshela izintatheli.
Uqhube wathi uBujakera, osebenzela imithombo yezindaba yamazwe ngamazwe okubalwa iJeune Afrique neReuters, kulindeleke ukuthi aphume ejele aboshwe kulo kusukela ngoMandulo odlule ngoLwesibili ngoba esesiqedile isigwebo sakhe.
Ummeli uthe, ngokuhambisana nezinqubo ezijwayelekile emacaleni alolu hlobo, ithimba labameli elimele uBujakera lizobuyela enkantolo ngoLwesibili, lizothola ikhophi yesinqumo bese likhokha inhlawulo ukuze akhululwe.
UBujakera, nowaphika wonke amacala, waboshwa enhlokodolobha iKinshasa ngezinsolo zokusabalalisa imininingwane engamanga ngokubulawa kosopolitiki owaziwayo eqenjini eliphikisayo odabeni olwashicilelwe yiJeune Afrique, okuyiphephabhuku lezindaba laseFrance.
Umshushisi kuleli cala ngasekuqaleni kwale nyanga wayecele inkantolo yaseKinshasa ukuba igwebe uBujakera iminyaka engama-20 ebhadla ejele. Izinhlangano ezilwela amalungelo endawo nezamazwe ngamazwe ezihlanganisa iReporters Without Borders kanye ne-Amnesty International zikugxekile ukuboshwa kukaBujakera, zakubiza ngokuthi ukuhlasela inkululeko yabezindaba. AbakwaReuters nabo bacele ukuthi akhululwe.