Now Reading
Amabombo abheke eMabhida ngowamanqamu eMTN8
Dark Light

Amabombo abheke eMabhida ngowamanqamu eMTN8

Kuzodela uMakhasana emdlalweni wamanqamu weMTN8 kusasa ngelesi-6 kusihlwa uma sekubhuquzisana iMamelodi Sundowns neCape Town City enkundleni kanokusho, iMoses Mabhida Stadium eThekwini.

Womabili amaqembu asilangazelele lesi sicoco ngezindlela ezahlukene. Iqembu elizodla ubhedu lizokhala lemuka nesamba sezigidi eziyisi-R8 bese kuthi okhale ngaphansi ahlomule ngo-R800 000.

Intaka ibekelwe amazolo kule ndumezulo yomdlalo. Intatheli yelaboHlanga, uZipho Singela isibhekela amaphuzu ahlabahlosile ngalo mdlalo obhekwe ngamehlo abomvu.

Kungani lamaqembu efuna lesisicoco?
Ohlangothini lweMamelodi Sundowns:
Sekuphele iminyaka eli-14, iSundowns yagcina ukuphakamisa le nkomishi elwelwa ngamaqembu ayisishiyagalombili aqede phezulu kulogi. Selokhu yagcina ukunqoba lo mqhudelwano ngowezi-2007 icijwa nguGordon Igesund. Yashaya i-Orlando Pirates ngelilo-1/0 wegoli likaBrent Carelse.

Kusukela lo mqhudelwano waqala ukuxhaswa ngabakwaMTN, iSundowns ayikaze iwuphumelele. Yagcina ukuwunqoba usabizwa ngeSAA Super Eight.

Ithimba elisha labaqeqeshi beSundowns banqobe isicoco esisodwa kuphela ngesizini edlule. Akungatshazwa ukuthi kulokhu bangathanda ukuziqoqa zozine eziphambi kwabo. Emidlalweni yeligi bavele bayazenzela.

NgakuCape Town City:
ICity igaqele ukuqeda isomiso seminyaka emithathu ihlulwa yizicoco. Yize leli qembu lisungulwe ngowezi-2016 kodwa selizakhele igama ngokubalwa namaqembu ayingozi emiqhudelwaneni yemikhumulajezi. Ngowezi-2016, iCity yadla umhlanganiso kuTelkom Knockout iguqisa iSuperSport United ngama-2/1 eMbombela Stadium. Kusukela lapho ayibange isabheka emuva. Inqobe iMTN8 ngowezi-2018 khona eMabhida iguqisa iSuperSport. Selokhu igcine ngowezi-2018 ukuphakamisa isicoco.

U-Eric Tinkler nguyena owasiza iCity yanqoba isicoco sayo sokuqala. Njengamanje usethubeni lokuyisiza iqede isomiso sezindebe.

Abadlali ababhekwe ukuba kakhulu
kuMamelodi Sundowns:
uPeter Shalulile: Usephenduke isilwane ezitheni ngenxa yendlela aqhulula ngayo amagoli emidlalweni emqoka. Emidlalweni yeligi usehlohle amagoli amahlanu emidlalweni eyisikhombisa yeligi kanti kuMTN8, usabhakuzise amagoli amabili emidlalweni emithathu. Wonke amathemba eSundowns azobe ehlezi emahlombe kaShalulile oqokwe njengomdlali ovelele kuleli ngesizini edlule.

kuCape Town City
uTerrence Mashego: Usefomini eyisimanga kulezi zinsuku. Indlela adlala ngayo isimdonsele ngisho iso lomqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos. Emidlalweni emibili eyedlule yokuhlungela ukuzibekisela indawo kweyeNdebe YoMhlaba eQatar udlale yomibili iBafana iguqisa i-Ethiopia. NakuCity usephenduke isithenjwa. Muhle uma kumakwa kanti namabhola awagoba eqhamuka ngakwesokunxele emuva ayingozi.

Bafinyelele kanjani kowamanqamu?:
iMamelodi Sundowns:
kumaQuarterfinal:
iMamelodi Sundowns 2 (3) – 2 (0) iKaizer Chiefs.
ISundowns inqobe ngama-3/0 sekukhahlelwa amaphenathi.

Kowandulela amanqamu
Umlenze wokuqala:
IMamelodi Sundowns 1-1 iLamontville Golden Arrows

Umlenze wesibili:
IMamelodi Sundowns 3-0 iLamontville Golden Arrows

iCape Town City:
lumaQuarterfinal:
ICape Town City 2-1 AmaZulu

Kowandulela amanqamu:
Umlenze wokuqala:
ICape Town City 0-0 Swallows FC

Umlenze wesibili:
ICape Town City 4-0 Swallows FC

See Also

Irekhodi lamaqembu womabili kulo mqhudelwano:
iMamelodi Sundowns:
Ibe ngompetha kathathu: ngowe-1988, ngowe1990 nangowezi-2007.

Bashaywe kowamanqamu (6):
1992, 1994, 2001, 2002, 2008 nango-2016.
Cape Town City:
Ibe ngompetha kanye ngowezi-2018 yashaywa kowamanqamu ngowezi-2017

Bathini abaqeqeshi bamaqembu:
uRhulani Mokwena: “Iqembu lethu libophele abadlali abanesipiliyoni sokudlala imidlalo yamanqamu. Sibusisiwe kuleyo ndawo. Bayazazi lezi zimo. Ngaphezu kwalokho bawuqonda kahle umlando weqembu emidlalweni efuze le. Bayabazi ubumqoka bokunqoba lo mqhudelwano ngoba ngumqhudelwano osekuphele iminyaka usiphutha. Ilukuluku lokunqoba lo mqhudelwano alibuswa yingcindezi kodwa yimibandela esizibekele yona njengeqembu ngaphambi kokuthi kuqale isizini.”

u-Eric Tinkler: “ISundowns iyona ethwelwe ngeqoma kulo mdlalo. Thina siza kuwona njengeqembu elinganakiwe. Ngokucabanga kwami ngikholwa wukuthi lena yindawo emnandi kakhulu ukuba kuyona uma uya emdlalweni wamanqamu. Sisebenza kanzima kakhulu njengoba simatasa namalungiselelo omdlalo. Angingabazi ukuthi abafana ngeke basiphoxe ngosuku lomdlalo.

ISundowns siyilungele futhi siyehlelele. Bekumqoka ukuthi sinqobe ngempelasonto esiphuma kuyona. Lokhu kubambe elikhulu eliqhaza ekutheni abadlali bazicije ngokuzethemba. Ekhempini kuvunguza umoya wukuzethemba, ubumbano nokunqoba.”

Irekhodi lamaqembu eMabhida
iMamelodi Sundowns:
Ngowezi-2012 idliwe yiBloemfontein Celtic kowamanqamu weTelkom Knockout.
Ngowezi-2015 iguqise iKaizer Chiefs kowamanqamu weTelkom Knockout ngama-3/1.
Ngowezi-2019 iSundowns ithele othulini iMaritzburg United ngama-2/1 kowamanqamu weTelkom Knockout.

iCape Town City
Ngowezi-2017 iguqiswe yiSuperSport United kowamanqamu weMTN8.
Ngowezi-2018 ibuyise izinduku ishaya iSuperSport kowamanqamu weMTN8.

Scroll To Top