Now Reading
Isikhungo sabasubathi singaba sendaweni efanelekile
Dark Light

Isikhungo sabasubathi singaba sendaweni efanelekile

UMengameli weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) uSteve Mkasi udalule ukuthi kuzokwakhiwa isikhungo sezemidlalo ngaphansi kukaMasipala iDr Nkosazana Dlamini-Zuma (NDZ) okunguMasipala ongaphansi kweSifunda iHarry Gwala. 

UMkasi udalule lokhu ngoLwesihlanu ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni iHarry Gwala District Marathon 2024 eMzimkhulu.

Lo mjaho wokuzibekela indawo kuComrades Marathon uzokuba mhla zingama-31 kwephezulu uzosukela e-Ibisi ngaphandle kwedolobha uMzimkhulu uphelele eXopo. 

“Sizwile isho iMeya uZamo Nxumalo ukuthi sebeqalile eMzimkhulu ukwakha indawo yokusubatha. Kodwa thina sizolandela umyalelo ophuma ePhalamende kubantu akade bejutshiwe ukuthi abayobheka indawo iNDZ, nabafike bathola ukuthi iyindawo enomoya ohlanzekile ongawufanisa nowase-Iten eKenya lapho okukhiqizwa khona ompetha bomhlaba. Le ndawo sifuna ukuthi kuzuze abasubathi baKwaZulu-Natal naseNingizimu Afrika yonke. Okuhle ukuthi le ndawo izobe isendaweni yasemakhaya, ngoba ayisizi le nto yokuthi abantu baye eThekwini kodwa imiphumela ijike ingabi mihle,” kusho uMkasi.

Indawo eyiHigh Performance Center kuleli isezindaweni ezimbili okuyiPitoli naseKapa.

“Sizohlangana nabantu baseNDZ bakhombe indawo lapho okuzwakhiwa khona isikhungo, okuhle noMasipala ukhombisa ukuyithakasela kakhulu le nto. Okunye sifisa kulungiswe nezikole ezingaphansi kweSifunda iHarry Gwala ukuze abasubathi bezofika bekwazi ukufunda ezikoleni ezithuthukile. Inhloso enkulu kakhulu, ukuthi sikhuphule izinga emabangeni aphansi okubalwa ibanga lika-100m, 200m, 5 000m nelika-10 000m. Sifuna ukugxila kuTrack & Field,” kubeka uMkasi.

See Also

ISifunda iHarry Gwala sesikhiqize abasubathi abazenzele igama kuleli lapho kubalwa uWillie Mtolo oseke wanqoba iNew York City Marathon waphuma endaweni yesibili kabili kuComrades Marathon, uBongumusa Mthembu onqobe iComrades Marathon kathathu, uThobani Chagwe oseke wanqoba iHarry Gwala Marathon noJanet Mbhele ophume endaweni ye-10 kuComrades Marathon nyakenye. 

UMkasi uphinde wagxeka abaqeqeshi basesifundazweni iKwaZulu-Natal ngokuba ogombela kwesabo. 

“Abaqeqeshi kabafuni ukudedela izingane abasuke sebezivundululile, le nto ibulala ikusasa lezingane. Uma unguthisha wamabanga aphansi ngeke ukwazi uphinde uyofundisa emabangeni aphezulu. Ngalokho kuhle umqeqeshi uma evundulule umsubathi kumele uma sekushaye isikhathi sokuthi athole amadlelo aluhlaza amdedele,” usho kanje. 

Scroll To Top