Now Reading
Kungenzeka yini uCele neSAPS babeyisandla sesithathu ekuxabaneni kwe-EFF ne-IFP?
Dark Light

Kungenzeka yini uCele neSAPS babeyisandla sesithathu ekuxabaneni kwe-EFF ne-IFP?

Kufufusa ihlazo elingahle libeke iqembu elibusayo nohulumeni kwingcindezi. Lokhu kulandela ukuqinisekiswa ngokuthi abe-IFP ne-EFF bakwebhana nje kungenxa yomlomo kaNgqongqoshe wamaPhoyisa uJenene uBheki Cele. Umholi we-EFF uMnu uMalema  ucashunwe ethi nguCele obalume indlebe ngetulo lokusoconga uDlamini.

Lokhu kubuye kwaqinisekiswa ngokhulumela i-EFF uNks uLeigh-Ann Mathys othe akekho omunye obalume indlebe kepha nguCele. “NguCele osinike umbiko. Ukuthi uliqiniso noma cha seningabuza uCele.” 

Okhulumela i-IFP uMnu uMkhuleko Hlengwa uthe kuze kube yimanje abe-EFF basehlulekile ukuletha ubufakazi obubambekayo ngezinsolo zabo. 

UMashasha uthe, “I-IFP iyayamukela incazelo yabeSAPS yokuthi kabanalo ulwazi ngalombiko wetulo lokusoconga uNobhala Jikelele we-EFF.”  Uqhube wathi engxoxweni noCele, uNdosi uyazihlangula. Uthi abe-IFP bafisa uNgqongqoshe uCele aphumele obala achaze ngalezi zinsolo zetulo.

See Also

Lokhu uma kuqhubeka kungahle kuveze isithombe sokuthi amaphoyisa ayisandla sesithathu ekuxabaneni kwe-EFF ne-IFP. Lokhu kungakapakela naku-ANC ukuthi ngabe inolwazi yini ngalokhu nokuyinto engaphinde icijise imikhonto kuwo womamathathu amaqembu.

Scroll To Top