Now Reading
UNkosikhona usebheke umphelandaba wosuku lweComrade
Dark Light

UNkosikhona usebheke umphelandaba wosuku lweComrade


Uthi sekukuningi akufundile ngalo mjaho futhi ubheke nokwenza kahle esikhathini azowuqeda ngaso


Inyamazane uNkosikhona Mhlakwana ithi isilindele usuku lo mhla zingama-28 kwephezulu lweComrades Marathon. Lo mjaho uzoba nesasasa elikhulu kulokhu kwazise wagcina ukubanjwa ngowezi-2019 ngenxa yokhuvethe. Kulokhu  uzosukela  eMgungundlovu eCity Hall bese usongwa kwelikabhanana eThekwini eMoses Mabhida Stadium.

 “Konke sekumi ngomumo, kuyimanje ngisekhempini ngilindele usuku lawo umjaho. Ngaphandle kwamathandabuzo akukho okunye engingathi ngiyakwenza manje, ngikwenze konke ukuzilungiselela” kusho uMhlakwana.

Le nsizwa yaseHowick izobe iyigijima okwesibili iComrades, okokuqala wayigijima ngonyaka wezi-2019. Waphuma endaweni ye-11, kulokhu uthe ufuna ukwenza kangcono. “Ngonyaka wezi-2019 ngiya kwiComrades Marathon nganginesifiso sokuthi ngiqede ngesikhathi esingaphansi kwamahora ayi-6, nebala lokho kwenzeka njengoba ngaqeda ngesikhathi esingamahora ayi-5 nemizuzu engama-53. Okubuhlungu ukuthi ngacishe ngaqeda kwabali-10 abaphambili kodwa kwangenzeka, ngikholwa ukuthi ngazenza mina. NgeComrades Marathon yami yokuqala ngafunda lukhulu, kuyangijabulisa ukuthi kulo nyaka lo mqhudelwano uzoba khona nakanjani” usho kanje.

Ebuzwa ngokuthi kulo nyaka ikuphi akubhekile uthe: “Ngifisa ukuqeda ngesikhathi esingaphansi kwalesi engaqeda ngaso ngonyaka wezi-2019. Noma ingabe kuthiwa ngiqeda ngamahora ayi-5 nemizuzu engama-52, kobe lifezekile iphupho lami. Okunye ngifuna ukuthi ngiphinde ngiqede endaweni engcono kunale engaqeda kuyo” kubeka uMhlakwana.

Uthe uyazi ukuthi kulo nyaka lo mqhudelwano uzobe wehla, abanye bake bathi unzima kodwa  ulwazi uselincelile kumqeqeshi wakhe ohlonishwayo kwezokusubatha uProdical Khumalo. “Ngiyaqonda kuzobe kungokokuqala ngigijima iComrades eyehlayo kodwa, lokho angikuboni kuzoba inkinga. UKhumalo amava akhe angiwangabazi izimfundiso zakhe zihlezi zingisebenzela nakulokhu zizongisebenzela nakanjani” kunaba uMhlakwana. 

UMhlakwana oneminyaka yobudala engama-28, kulo nyaka ugijime imiqhudelwano emikhulu efana neTwo Oceans Marathon nalapho waphuma kuyo endaweni yesibili ngesikhathi esingamahora amathathu nemizuzu eyi-9. IBest of the Best ashaya intambo kuqala kuyo, ngesikhathi esiwu (2:16). I-icon Journey Marathon engu-35km waphuma endaweni yokuqala nakhona ngesikhathi esiwu (2:2).

Ephawula ngokuthi  yini emkhuthaza kakhulu ukuthi agijime iComrades Marathon yakulo nyaka uthe: “Omunye wabantu engibahloniphayo kwezokusubatha, wathi iComrades Marathon ifana nesidakamizwa uma uke  wayigijima kanye ufisa ukuyiphinda. Nami lokho ngiyakubona kwenzeka, ngoba kule minyaka emibili edlule  umoya wami ubungemuhle ngoba ibingekho. Namanje ngisasho sengilulangazelele usuku lamhla zingama-28 kwephezulu” usho kanje.

“Ngibonga bonke abadlale indima ekutheni ngibe lapho engikhona namhlanje, ngibona iHollywoodbets engigijima ngaphansi kwayo okuyimanje ngisekhempini ngenxa yayo. Inkampani yaka-Adidas engigijima ngamateku ayo antofontofo” usho kanje.

Uphinde wabonga abaka-Orange Groove, i32Gi okuyinkampani yezikhuthazi ezivumelekile ukusetshenziswa abasubathi, iThreshhold okuyinkampani yamaphilisi amsizayo uma ethintekile, uShamim Khan ongudokotela wakhe. 

See Also

Umlando omncane weComrades Marathon

Umqhudelwano wokuqala waba ngonyaka we-1921 mhla zingama-24 kuNhlaba. Yasungulwa uVic Clapham.

Umjaho wokuqala wanqotshwa uBill Rowan kwabesilisa, kwabesifazane wanqotshwa uFrances Hayward.

Umjaho wokugcina ngonyaka wezi-2019 kwabesilisa wanqotshwa u-Edward Mothibi (5:31:33), kwabesifazane wanqotshwa uGerda Steyn (5:58:53).

Scroll To Top