Ugonyuluka ngobunzima adlule kubo ecwile ezimbizeni umdlali
Uphumele obala ngokubhekana nenkinga yophuzo oludakayo uSinalo Jafta ogijima eqenjini lesizwe lakuleli labesifazane, AmaProteas.
Le ntokazi edabuka e-East London e-Eastern Cape isanda kusiza iqembu lakuleli lafinyelela kowamanqamu eNdebe yoMhlaba yeT20.
Elakuleli liguqiswe yi-Australia ngama-runs ali-19 kowamanqamu obuseNewlands Stadium, eKapa.
UJafta ubeyi-wicketkeeper kulo mdlalo omkhulukazi. Exoxa nelaboHlanga uvule isifuba ngokubhekana nenkinga yezimbiza zikaFaro.
“Yinto engingayifihli ukuthi ngike ngabhekana nenkinga yophuzo oludakayo. Kumqoka ukuthi uma ubhekene nenkinga ungasabi ukukhuluma ngayo. Lena iyona indlela yokulungisa inkinga nokunika ithemba kwababhekene nenkinga efanayo kodwa abasabayo ukuphumela obala. Ngemuva kwamaCommonwealth Games abebanjelwe kwelaseNgilandi ngonyaka odlule ngishayeke kakhulu ngokomoya. Angizange ngidlale kahle kulo mqhudelwano. Ngigxekwe kakhulu ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokungenzi kahle. Lokhu kugxekwa kungiphazamisile emqondweni. Ngigcine sengizinikela otshwaleni. Bengizitshela ukuthi leli yilona khambi elizongelapha kule nkinga ebengibhekene nayo,” kulandisa uJafta.
Kwelesizwe udlale kuzona zonke izinhlobo zekhilikithi. Useyibambe imidlalo eli-16 emidlalweni yosuku olulodwa kanti usehlanganise eli-18 kweyeT20. Ngonyaka odlule udlale okokuqala kweyama-Test elakuleli libhekene namaNgisi.
“Bengingazizwa kahle uma ngingaphuzile. Kulapho ngithathe khona isinqumo sokuhlaba ikhefu izinyanga ezimbili. Ngiye kolashwa esikhungweni sabantu abenenkinga yophuzo oludakayo. Ngihlale kulesi sikhungo izinsuku ezingama-58. Ngifisa ukubonga umama, yithimba lodokotela eqenjini lesizwe nabangani ngokungeseka kulesi sikhathi esinzima ebengibhekene naso. Iqembu lesizwe linginike ikhefu. Ngize ngabuya ngoZibandlela. Yize ngihlale isikhathi eside ngingadlali kodwa ithimba labaqoki likwazile ukukholelwa kimina ngaphambi kweNdebe yoMhlaba. Yilapho ngibone khona ukuthi uMdali mkhulu kangakanani. Ungalinge uvumele abantu noma izinkulumo ezishiwo ngawe zikudicilele phansi,” kuqhuba uJafta.
Ngowezi-2021, uke wangukaputeni weSA Emerging Squad ngesikhathi iNingizimu Afrika ivakashele iBangladesh. “Ngemuva kwamaCommonwealth Games bese ngizitshelile ukuthi ngithatha umhlalaphansi ekudlaleni ikhilikithi. Bese ngikulungele ukugxila kwezinye izinto empilweni. Ngizitshelile ukuthi okuhlanganisa mina nekhilikithi kuphelile,” kubeka uJafta.
Njengamanje ugijima eqenjini leWestern Province, eKapa. Unenkontileka neqembu lesizwe. Uyithole ngowezi-2021 ngemuva kokushaya into ecokeme kuWestern Province. “Sengihlukene nophuzo oludakayo. Ngicishe ngangena obishini ngenxa yalo. Bese ngingaphuzeli ubumnandi. Anginankinga notshwala noma abantu ababusebenzisayo. Inkinga mina bese ngibusebenzisa ngendlela ebhedayo. Ngijabule ukuthi ngikwazile ukulwisana nedimoni ebengibhekene nalo,” kuchaza uJafta.
AmaProteas aqophe umlando eba yiqembu lokuqala kwabadala ukufinyelela emdlalweni wamanqamu kusukela iNingizimu Afrika yabuyiselwa emidlalweni yamazwe ngowe-1992 kulandela izimpi zobandlululo. “Isifiso sami manje wukwenza isiqiniseko sokuthi nginqoba iNdebe yoMhlaba neqembu lesizwe ngaphambi kokuthi ngithathe umhlalaphansi. Iqembu liyadlondlobala ngendlela eyisimanga. Eminyakeni emibili eyedlule siphume kowandulela amanqamu. Kulo nyaka sifinyelele kowamanqamu. Eminyakeni emibili ezayo kumele sibe ngompetha. Singakwenza kwenzeke. Sesidlale ndawonye isikhathi eside,” kuphetha uJafta.
Le ntokazi nezakhe zenze iNingizimu Afrika yonke yaziqhenya ngebanga abalihambile njengosokhaya eNdebeni yoMhlaba. Yize begcine bedliwe kowamanqamu kodwa abazange bazihlaze nakancane ngendlela abadlale ngayo.