Lesi bekuyisangoma ebesibhula ngomthandazo
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Inkolo njengesiko bekuyinto emqoka empilweni yeSILO. Ngaphandle nje kokuthi sona luqobo sabe siyilungu leBandla lamaSheshi (Aglican Church of Southern Africa) nokuyinto enomlando omude eNdlunkulu, Ongangezwe Lakhe ubengazexwayi ezinye izinkolo kanye namahlelo. Akuyona imfihlo ukuthi ubudlelwano bakhe nabaholi bezenkolo, kanjalo namahlelo ehlukene ukusebenzise kakhulu ezinhlelweni zokubuyisana nokuthula emphakathini waKwaZulu-Natal.
Ukusebenzisana kweSILO namahlelo ahlukene kwaba nomthelela omangalisayo. Akugcinanga nje kuphela ngokubhula umlilo lapho kubhekene khona aboHlanga bebodwa, umkhonto ugwaza ekhaya kepha nezinhlelo zokubuyisana kwemiphakathi yezinhlanga ezahlukene nazo zahlomula. Nxa sikhuluma ngobumqoka bokusebenzisana phakathi kwabaholi bamahlelo ahlukene kanye nalokho esabe sicabanga ukuthi kuyindima yaso, iSILO sasithi siyakwamukela ukuthi iNingizimu Afrika “iyizwe lamasiko nezinkolo ezahlukene”. Ngendima esasiyiklama sasithi: “Okwami wukwenza isiqiniseko sokuthi wonke amasiko nezinkolo kuhlonishwa ngokulinganayo, mina angiyona iNkosi yebandla elithile kepha ngingowamabandla nezinkolo zonke.”
Yile nkulumo kanye nezenzo zeSILO okwenze ukuthi ngonyaka wezi-2013, iBandla lamaSheshi aseNingizimu ne-Afrika lisihloniphe ngendondo eyaziwa nge: The Order of St Michael and All Angels Award. Lena yindondo ewuphawu lokuhlonishwa okusezingeni eliphakeme kakhulu enikezwa yiDiocese of Zululand kulowo owenze umnikelo omkhulu.
Emcimbini owabe ubanjelwe oNdini, uSobaba uDino Gabriel wamaSheshi wancoma iSILO ngemizamo yaso yokuletha ukuthula esifundazweni kanjalo nokuhlale sisebenzela intuthuko yabantu bakayise.
ISILO akuthanga ngoba singuMkhrestu sabe sesivalela ngaphandle ezinye izinkolo. Njengohlelo lokuqinisa ukusebenzisana kubaholi bezenkolo namahlelo ahlukene, Ongangengezwe Lakhe wahambela zonke izinkolo namahlelo kanti futhi wayesikhiphela wonke amabandla, amahlelo nezinkolo isimemo sokuba baye eSigodlweni ukuyokhuleka uma kunesidingo.
IBandla lamaNazaretha, nesilitusa ngokukwazi ukuthi kule minyaka eyevile ekhulwini likwazile ukuqhakambisa ubu-Afrika labe lingapheli koMkhulu nasemisebenzini yesizwe. Empeleni sakhipha uhlelo esathi luyoma ungunaphakade, ukuthi njalo uma kuzoba noMkhosi WoSelwa, amaNazaretha kube yiwo ashanela amabala. Nembala ayefika kube mhlophe amaqele akwaNongoma.
ISILO saba yiNgonyama yokuqala emlandweni ukuba sethamele umthandazo wabeNkolo yobuSulumane eba njalo ngoLwesihlanu esikhungweni esidumile sabalandela le nkolo iJuma Masjid Mosque eThekwini. Okwalandela lapho kwaba zinhlelo ezahlukene nayilapho sabe sihambela abeNkolo yobuSulumane kanjalo nabo befika eSigodlweni. Siphawula ngesikhathi sihambele iJuma Masjid Mosque, sathi: “Sonke singabaNkulunkulu munye. Ukuthi uma simkhoza sikhuluma izilimi ezingefani, sevathe izingubo ezingefani kuye akulona iphutha kepha yisibuko sokuthi unguNkulunkulu wakho konke. Nami njengeNkosi yenu ngokuhambela zonke izinkolo ngilandela kulezo zimfundiso.”
Abenkolo yesintu bebengapheli olimini nasemisebenzini yesintu. Besihlale njalo sigqugquzela ukuthi bangashiywa ngaphandle ngoba nabo njengawo wonke amahlelo “bayisithako esimqoka” ekondleni abantu ngokomphefumulo nangokwengqondo. Sinanela ukugida kwezangoma nezayoni ezabe zihambele eSigodlweni ngomunye unyaka iSILO saphawula sathi: “Lesiya sigubhu, nalokhuya kuhlabelela kusikhumbuza indulo lethu. Akushabalalanga nje ngoba kwabe kuhlanzekile kuNkulunkulu. Inkolo yesintu sizalelwa kuyo futhi siyofela kuyo ngoba ukube yabe ingalungile ngabe kade yaphela. Okungalungile emehlweni kaNkulunkulu akuchumi.”
Saphinde sahambela nabenkolo yamaHindu, oningi labo kungamaNdiya. Nakhona besigqugquzela okufanayo, ubunye kubaholi namahlelo ahlukene. Ukholo nomkhukelo bekuyisisekelo nondondolo lweSILO samaBandla. Lokhu kwagqama nangemikhuleko enhlobonhlobo ebihlelwa koMkhulu ihanjelwe ngoNgangezwe Lakhe kanye nangokuphuma kwaso siye nakwezinye izifundazwe nxa kunenkonzo. Besiwazisa umthandazo, bekuyisangoma esibhula ngomthandazo ezinye zibhula ngamashoba.
Lolu daba lwashicilelwa okokuqala mhla ziyi-16 kuMbasa kowezi-2021.