Sibabaza ilumbo ngocansi oluzofundwa ezikoleni iSILO
Kunoma yisiphi isizwe siyafika isikhathi sokuzibuza ngomongo waso. Lo mongo kusuke kungumlando waso, izigemegeme zokunqoba, ukwehlulwa kanye nezinguquko ezibonakale ngesikhathi sezizukulwane ezahlukene. Okukhulu ngalesi sikhathi wukuthi kuba yisikhathi sokumbulelwa amaqiniso ngaleso sizwe. Indawo kanjalo nentaba iSandlwana ingemqoka kithi njengoZulu ngoba yilapho sizibuza khona ukuthi singobani, kuthi esimweni esejwayelekile siphinde siziphendule ukuthi simeleni. Kumuntu owazi uhlobo lwesitha esabe sibhekene naso ngonyaka we-1879 lapha, okwabe kuyisiqhwaga esabe sesidle abantu cishe wonke amagumbi omhlaba, uthatha wamukele ukuthi ngalolu suku lwamhla zingama-22 kuMasingana sabe singesodwa.
Akekho owayenganqoba leya mpi ngobuhlakani bakhe kuphela. Ngiyavuma ukuthi ubuhlakani bezinsizwa eSandlwana babe buseqophelweni eliphezulu. Bheka ngoba ingxenye eningi yabe ikhule ngesikhathi sezimpi zeLembe. Empeleni uma ubala iminyaka yokuguqa kweLembe kanye nalowo wempi yaseSadlwana uyathola ukuthi kwabe sekwedlule iminyaka engama-50 kwaguqa uNodumehlezi. Lokhu kumqoka ngoba kuchaza ukuthi ababesekhaleni lempi ngabantu ababazi ukuthi bazofunani, ukuthi bazovikelani nokuthi bangobani. Okumangalisayo nokumele kutuswe wukuthi babe lapha nje babengazilweli bona. Beza lapha bevela kuzo zonke izinkalo bezovikela izikhathi ezimbili ezabe zimqoka kubo. Esokuqala yindulo, leli abake baba yingxenye yalo. Njengoba ngishilo ukuthi iningi labo labe likhule ngezikhathi zezimpi zeLembe okusho ukuthi babazi ukuthi kuyini ukuphila ngaphansi koMbuso kaZulu okhululekile. Okwakubalethe lapha wukwazi ukuthi lokho okwabe kwakhiwe yiLembe kusengcupheni yokuphela, nokwabe kuphoqa ukuba bazidele amathambo.
Into yesibili eyabaletha lapha wukwazi ukuthi uma behlulekile izizukulwane zabo zaziyoba yizigqila nezinxibi zabafo. Ngenxa yothando lezwe, uBukhosi nesizwe lamadoda azidela. Abanye abavame ukungabalwa abenza umnikelo yimindeni yabo. Cabanga nje umnumzane efika esibayeni ebika ukuthi uya empini okungenzeka angabuyi kuyo. Cabanga isimomqondo sabo nokwamukela kwabo ukuthi inhloko yomndeni iyaphuma iyozidela amathambo. Yikho namuhla ngifisa ukungabongi nje la madoda kepha ngibonge nemindeni yabo kakhulu abafazi babo okwakusobala ukuthi uma bengabuyanga abayeni babo babezoba ngabafelokazi. Ngibonga abazali balabo ababeseyizinsizwa bengakaganwa abavuma ukuthi aziphume emzini yawo yise ziyoqopha umlando lapha eSandlwana. Ekuqaleni kwenkulumo yami ngithe la madoda nalesiya sizukulwane sangonyaka we-1879 babelwela izizukulwane ezizayo, nina laba. Uma sivumelana ngalokho kuyomele sizibuze ukuthi ngabe ukwenza kwethu kuyabahlonipha yini labo abasifela bazidela. Uhlobo lwabaholi esinalo ngabe ngokwenza kwabo bayabahlonipha yini abalala lapha.
AMakhosi ezizwe nezinduna ngezenzo zawo ngabe ziyabahlonipha yini oyise abalala lapha? Ngezimpilo zawo lamadoda ayevikela uhlobo oluthile losikompilo nosikonkolo. Babelwela ukuthi izingane zabo zikhuliswe njengamaZulu, njengama- Afrika. Babevikela amasiko nemikhosi ekhulisa lezi zingane ukuze zibe yizakhamuzi eziqotho. Egameni lamadodana kaZulu alala lapha minyaka yonke ngihola iMikhosi kaZulu eyabe iluhlobo oluthize lwezemfundo. Lolu hlobo lwemfundo (amasiko) lwabe lumnene lulungele ingqondo yengane yoMzulu noM-Afrika. Le mfundo yabe ihlonipha abantu, izimo kanye nezinhlaka zomndeni nomphakathi kanye nesizwe. Kungifikisela umunyu ukuthi eminyakeni eli-141 isizukulwane sala madoda singaphansi kwegcindezi yokwamukela imfundo efenyisa konke lokho okhokho babo ababekulwela badela imizimba nempilo yabo. Esikuzwa kwabezindaba ngohlelo lokufundisa izingane zethu ngocansi. Sizwa kuthiwa lezo zingane zizobe zisuka eBangeni Lesine (Grade 4). Lena yimikhuba, lawa ngamalumbo uqobo. Ngiyamangala ngoba labo abathi lokhu akwenziwe yibo abathi uma sibutha izintombi sihlukumeza amalungelo ezingane zethu. Le nto uma iqhubeka izohlukumeza ilungelo labazali abangothisha kanye nelezingane.
Cabanga isithombe lapho umzali onguthisha, ongugogo, ongumkhulu, ongumama noma ubaba kule ngane okumele ayifundise ngocansi. Sekuxoxiwe yini naye, wanikwa yini yena ithuba lokuphawula? Bona abazali nomphakathi lapho lezi zingane zivela khona kukhulunyiwe yini nabo? Kuyacatshangwa yini ukuthi osehlonyiswe ngolwazi singakafiki isikhathi angeke yini agajwa wukulangazelela komqondo agcine esedlwengule bona othisha laba ababemfundisa, esefuna ukubona phela ukuthi obekukhulunywa kuyikho? Sidelelelwani singuZulu, singama- Afrika nabantu nje? Ngezikabani lezi zingane okuzogilwa imikhuba phezu kwazo. Nithuleleni, aphi amadoda alesi sizwe? Baphi abafazi balesi sizwe esesidlala amaqhude okuzibeka?
Omunye umbuzo omqoka ngothi laba bantu abazofaka le nto ezikoleni nasezingane zaboHlanga zona ezabo izingane zizobe zikephi? Sekuvamile ukuthi ubuthi bufakwe lapha ezikoleni ezisemakhaya nasemadolobheni bese lezi ezizimele kuthiwa zona zizolandela uhlelo oluthile olwehlukile. NjengeNkosi yenu ngeke ngivume nidelelwe. NjengoCetshwayo ophilayo ngeke ngivume ukuba umnikelo wokhokho benu ufelwe ngamathe. Ngeke ngivume ukuba kuzochithwa uthuvi namanyala kuZulu. Ngeke ngivume ngezingane zami. Ngokulinganayo njengeNkosi yenu ngeke ngivume ukuba nenziwe amavezandlebe kwenu. Yizwe lenu leli, nguHulumeni wenu lo obusayo. Yintela yenu le uHulumeni ayabayo ngokwezidingo.