Bahleka bodwa abakhele uMgungundlovu ngeComrades



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Sekuqinisekisiwe ukuthi ngonyaka ozayo lomjaho uzobe kungonyukayo
Emuva kweminyaka emine abantu abakhele uMgungundlovu bebuzwa ngendaba ubumnandi bomjaho omkhulu iComrades Marathon, ngonyaka ozayo bazobe behleka bodwa ngoba sekuqinisekisiwe ukuthi uzophelela kuleli dolobha usuka eThekwini.
Idolobha okuphelela kulo umjaho yilo elihlomula kakhulu kwezomnotho ngoba abagijimi nezivakashi bagcina bephelele kulo. Kuphinde kuhlomule kakhulu nabadayisi basegwaqeni abasondelene nalapho umjaho uphelela khona njengoba uvothondaba lwawo liqala lapho sekusele ibanga elingamakhilomitha alishumi.
ITheku bekuyilona dolobha umjaho ophelela kulo selokhu wabuya ngonyaka we-2022, emuva kokudamba koKhuvethe.
Umjaho walo nyaka nawo wawubheke eThekwini, kwaba nesibalo esikhulu sabagijimi abaphuma emazweni angaphandle.
Emuva kokuzwakala kwezindaba zokuthi ngonyaka ozayo umjaho uzophelela eMgungundlovu kube nenjabulo kwizakhamizi ezakhele leli dolobha zibonga zinconcoza kubagqugquzeli bomjaho iComrades Marathon Association.
Kugcina ukubanjwa komjaho onyukayo kwakungowe-2019 owanqotshwa u-Edward Mothibi kwabesilisa, kwabesifazane umhlanganiso wadliwa uGerda Steyn bobili abangabakuleli.
Emjahweni wangonyaka ozayo kubhekwe ukuthi sande kakhulu kunakuqala isibalo sabazongenela lo mjaho njengoba isasasa likhula minyaka yonke.
Okuzobe kubhekwe kakhulu ukuthi ngubani ozoqopha umlando ngokunqamula intambo kwabesilisa nabesifazane emjahweni onyukayo. Nakanjani uMothibi uzoba ngomunye wabazofuna ukuvikela isicoco nerekhodi lakhe emjahweni onyukayo.
IBhodi leComrades Marathon Association ibanga kusazoba yilona elamakhilomitha angama-97. abagqugquzelo bomjaho baphindi bamemezela
nokuthi uzobanjwa ngeSonto, ziyisi-9 kuNhlangulana wezi- 2024.
USihlalo weBhodi uMqondisi Ngcobo, uqinisekise lezi zindaba ngemuva komhlangano weBhodi kuleli sonto, “Abasubathi
balinde ukuqinisekiswa ngomkhombandlela womjaho wangonyaka ozayo futhi kuyasijabulisa ukumemezela ukuthi iComrades Marathon yonyaka we-2024 izophelela eCity of Choice, eMgungundlovu. ”
UMqondisi Womjaho uRowyn James uthi, “Okwamanje sibheka izindawo ezifanele zokuqeda futhi sizoqinisekisa eminye imininingwane
lapho kwethulwa umjaho
wethu ngokusemthethweni ngasekupheleni kwalo nyaka.