Now Reading
INdzenga Tours emkhankasweni wokulondolozwa kwamafagugu kaZulu
Dark Light

INdzenga Tours emkhankasweni wokulondolozwa kwamafagugu kaZulu

Ibe impumelelo iMeeting Africa Tour yokuqala kulo nyaka eyingxenye yochungechunge lemikhankaso yezokuvakasha ehlelwa yiNdzenga Tours.

Le Meeting Africa Tour ebiyenganyelwe yiSouth African Tourism (SAT) ngemvume yeSILO uMisuzulu kaZwelithini ekuqaleni kukaNdasa ivakashele esigodlweni kwaNongoma, nokuyilapho yamukelwe khona uMntwana uPhumuza obeyiso laso (iSILO) kwazise sona besengamele ukuvulwa kweSishayamthetho eMgungundlovu.

Engxoxweni ekhethekile ElaboHlanga elibe nayo noNks uMakhosi Msimang onguMqondisi weNdzenga Tours, uveze ukuthi uqale ukuhlela le mikhankaso kusukela kusukela eminyakeni eyisi-9 edlule nokuyilapho iSILO esidala oNgangezwe Lakhe abanikeza khona imvume nesibusiso sokuhola lo mkhankaso. Uqhube wathi umongo walolu hlelo iwukuqhakambisa uBukhosi bukaZulu namafagugu esintu, ukwakha ubudlelwano bezokuvakasha nokuhwebelana ngobuciko namazwe angaphandle avakashela kuleli nokuthuthukisa umnotho namakhono ikakhulu ezindaweni zaMakhosi.

INdzenga Tours yathola amalungelo aphelele okusingatha ezokuvakasha nokukhangiswa komlando waseBukhosini, amafagugu kaZulu iminyaka engama-99 ngesikhathi sokubusa kweSILO esidala Ongangezwe Lakhe. 

Ezindaweni ezingamafagugu kaZulu ezivakashelwe yizivakashi ebeziyingxenye yohambo lokuqala kwephezulu kwaNongoma, kube yisoLundi, Ophathe, Emakhosini, kwaba iliba leSILO uSenzangakhona nesigodlo seSILO uDinuzulu.

UNks wakwaMsimang uthe iNdzenga Tour ngalolu hlelo iphinde yakwazi ukwakha ubudlelwano obuhle bokusebenzisana eNdlunkulu ukuze kuzoqhubeka umsebenzi owaqalwa oNgangezwe Lakhe. “Uma siqala ngesikhathi kusaseneSILO esidala esasihleli eSihlalweni soBukhosi bukaZulu, sanikezwa ilungelo lokwakha ubudlelwano obuhle eNdlunkulu ukuze nezivakashi zizizwe zamukeleke ngemfudumalo. Kube yinjabulo kithi njengoba kulokhu samukelwe uMntwana uPhumuza neNyosi uMdletshe neNyosi uMncwango. Lokhu kukwenza ubone ukubaluleka kwalolu hlelo, ekuqiniseni ubumbano nendlela iNdlunkulu eqikelela ngayo ukulondolozwa komlando kaZulu.”

See Also

Ephawula ngesifiso sikaMdlokombane uthe wabe enephupho lezwe elibumbene; loBukhosi nesizwe esinamandla. Uqhube wathi iSILO besingananazi uma kuza ezindabeni ezithinta amasiko kaZulu, izindawo zaMakhosi, abesifazane nezingane, ezolimo, ukugcinwa komlando nokunye okuningi. Yingakho bezimisele ukuqhubeka nokuthungela izimfundiso zaSo nomlando nje wonkana waseBukhosini.

Ulwazi oluningi ngalomkhankaso luyatholakala kusizindalwembu ku: www.ndzengatours.co.za kanti abathanda ukuba yingxenye bangabeka indlebe ezinkundleni zokuxhumana njengoba beyaye bememezele ngaso sonke isikhathi uma bezovakashela izindawo.

Lokhu kuyaye kunikeze ozomabhizinisi bendawo namaciko ithuba lokuhweba ngemisebenzi yabo, nokuxhumana nezivakashi ezinentshisekelo yokusebenzisana nabo.

Scroll To Top