Now Reading
Kusekhona okungenziwa ukubuyisa isithunzi kumaligi aphansi ebholeni
Dark Light

Kusekhona okungenziwa ukubuyisa isithunzi kumaligi aphansi ebholeni

Umqhudelwano  iNedbank Cup udinga ukushayelwa elikhulu ihlombe ngendlela ohleleke ngakhona. Lo mqhudelwano oxhaswe abebhange uNedbank, banikeza ithuba amaqembu amancane ukuthi adlale nadlala esigabeni esiphezulu. Awugcini lapho kodwa uvulela intuba abadlali abangaziwa, ukuthi nabo baziveze.

Lokho kwenzeka ngokuthi lo mqhudelwano odlalwa amaqembu angama-32, ali-16 ilawa aku-DStv Premiership, kuthi ayi-8 kube avela kuMotsepe Foundation Championship okuyisigaba sesibili. Amanye ayi-8 aqhamuka ku-ABC Motsepe League nokuyiligi yesithathu lapha eNingizimu Afrika.

Okungiphatha kabuhlungu ukuthi amaqembu agijima ku-ABC Motsepe League anakeka ngesikhathi edlala kuNedbank Cup kuphela. Umbuzo enginawo ukuthi kungani ngempela inganaso isithunzi le ligi ekubeni ingeyesithathu, uma usuka kuDStv Premiership?

Okubuye kumangaze ukuthi iningi labadlali balapha eNingizimu Afrika noma e-Africa yonkana lisuka lapha liye phesheya liyodlala phesheya kwezilwandle (Esigabeni esifanayo ne-ABC Motsepe), kodwa kulandelelwe ngabo. Lokho kuchaza ukuthi amaligi phesheya noma kuthiwa incane kangakanani kodwa ayanakekelwa.

Kubuhlungu nje ukuthi kuze kushaya lesikhathi leli khono eliku-ABC Motsepe League alinakwa. Eminyakeni edlule amaqembu aqhamuka kulesi sigaba atshengisile ukuthi, ayadinga ukunakwa njengoba ebehlula lamaqembu okuthiwa “makhulu” kuyona iNedbank Cup.

Ngonyaka wezi-2011 iBaroka FC yayingaziwa kodwa yazakhela igama ngokuhlula iKaizer Chiefs ngamabili kwelilodwa, yenza lokho nje yabe iqale yehlula iMoroka Swallows. Ngonyaka wezi-2013 iMaluti FET College yehlula i-Orlando Pirates ngamane kwelilodwa.

Kanti ngonyaka wezi-2017 i-Acornbush United yehlula iCape Town City ngelilodwa eqandeni.

Kule sizini nali iqembu elidlala ku-ABC Motsepe League eGoli, iDondol Stars igila izimanga. KuLast 32 yehlula iSupersport United, kuLast 16 yehlula AmaZulu FC kanti kuLast 8 isizotholana ne-Orlando Pirates okungaziwa ukuthi iyozala nkomoni kulowo mdlalo.

See Also

Impela kubuhlungu ukuthi kuhlonishwa iDStv Premiership kuphela kuleli, ngoba nayo iMotsepe Foundation Championship ayinaso isithunzi kangako.

Kunabadlali abaseke bagijima esigabeni esiphezulu asebedlala kuyona i-ABC Motsepe League abashoyo ukuthi le ligi inzima kakhulu ikhona futhi lapho okugcwele khona ithalente.

Izikhulu zeSouth African Football Association (Safa) okuyinhlangano ephethe unobhutshuzwayo kuleli kumele iqhamuke neqhinga lokuthi kusekwe leligi nayo ihlonipheke. Akubukelwe kwamanye amazwe ukuthi kwenziwa njani, vele angithi siyathanda ukubukela kwabanye kakhulukazi eNgilandi.

Scroll To Top