ABaholi Bomdabu baphonsele inselelo uRamaphosa
Emuva kweminyaka engama-30 izwe lathola inkululeko kusasinda kwehlela engxenyeni enkulu yabantu ikakhulukazi abasemazingeni aphansi empilo. Ukuntuleka kwemisebenzi, ukuphila ngezibonelelo zikaHulumeni, nokunyuka kokudla ngenye yezizathu eziholele ekutheni inhlangano yaBaholi Bomdabu ezibiza ngePan African Council of Traditional and Customary Authorities (PACTCA) ibhalele uMengameli uCyril Ramaphosa ukuba abeke izwe phambili kunepolitiki.
Encwadini evuthayo le nhlangano eyikhiphe ngesandla sikaSihlalo wayo uMntwana uThabo Moloi ithi ikhathazekile ngesimo esichaze njengesiphumile esandleni esiqhubeka ezweni.”Njengoba unolwazi iNingizimu Afrika inomlando omude wokulwa nobandlululo kuze kube izuza inkululeko, futhi abaholi bomdabu nabaholi bezenkolo bamahlelo ahlukene babesekhaleni kule mpi lapho izwe lisagubuzelwe yifu elimnyama,”
Le nhlangano ithi sekuyisikhathi sokuba zibuyele emasisweni ngoba uMengameli uRamaphosa usekhombise ukwehluleka ukufeza izinhloso uKhongolose owabe usungulelwe phezu kwazo. UMntwana uMoloi uthe uguquko luhamba ngonyawo lonwabu. “Kungalesi sizathu sikuphonsela inselelo yokuba ushenxe esikhundleni ngoba sekucacile ukuthi izinkulungwane zabantu bakuleli zisasilele emuva ngentuthuko.
Incwadi yale nhlangano iqhuba ithi ikuqonda kahle ukuthi isicelo sayo singazwakala siyihaba, kepha kodwa ifinyelele kuso emuva kokubheka izinto eziningi. Uthe njengenhlangano yaBaholi Bomdabu bakholwa ukuthi ubuholi obuqotho abusho nje ukungena emandleni, okumqoka ukulalela izwi labantu emazingeni aphansi. UMntwana uMoloi uthe abakayitholi impendulo ephuma eHhovisi likaMengameli.