Ukuqonelwa kwaboHlanga e-Afrika nase-America
Kuvela ekhasini lesi-5 ukwandulelwa ukuphathwa kwemibuso yaMakhosi ngabanye ababusi. Umphumela kwaba yiBritain neminye imibuso yase-Europe yokuhlakaza, yokwabelana, nokuhlukaniselana phakathi i-Afrika.
Abase-Europe bacindezela imiphakathi yamaNdiya, bayinqoba, bayiphuca umhlaba wayo nokunye kokuziphilisa. Zazingaphezu kwesigidi eziyisi-9 sezinyathi abazibulala ngokuhlelekileyo ekuqaleni kowe-1870,kwalandelwa wuhlelonsebenzo lokuhweba ngezikhumba zezinyathi.
Ngesikhathi isabalala i-Europe, umhlaba wabe usuyisakhiwosimo ngokwabase-Europe. Ngeminyaka yowe-1500, owaseBelgium ababethi ubaba wokudetshwa kwebalazwe lomhlaba, uGerhard Mercator. Wabhekana nenkinga ukuthi kwakunezinto ezimbili okwakufanele uma edweba ekuhlanekezele futhi wayezethemba njengoba wayengowase-Europe.
Wayemelwe ukubeka i-Europe eqhulwini emhlabeni. Nokuthi umhlaba ongasenyakatho nkabazwe wawakhiwe okubili ebuthathwini kwamabalazwe. Kuthi ongaseningizimu yenkabazwe wawuphindwe kabili ngobukhulu, wanciphiswa emkhathini owawususele.
Ngakho-ke, iGreenland yayibukeka ilingana ne-Afrika ngobukhulu, eqinisweni i-Afrika yayiphindwe ngokuyi-14 ngobukhulu. Waba nempokophelo yokuthola yokukala izilinganiso zomkhathi, zomhlaba, zamabalazwe amasha, aveza ukucabanga kwabaqoneli, i-Afrika ayabalutho ngendlela ababeyihlosile.
Abase-Europe bazishaya izifuba ngokuthola nokuqamba amagama amasha ezindawo abazibhala ebalazweni labo njengokuthi, i-East London, iBerlin, iQueenstown neKing William’s Town eNingizimu Afrika, kwaba iNew England, New Amsterdam abayibiza ngeNew York neNew Orleans e-America, yize kwakuvele kunabantu abahlala khona, ngenkathi befika izindawo zazinamagama azo ngokwabantu bakulezozindawo. Babanesihluku abaqoneli,abanqobi ngenkathi beqeda izilimi zebele kanye nezazikumele.
Ekhasini lesi-6, abanqobi nabaqoneli bahlakanezela, bafaka inkolo yobuKhrestu, imiqondonto yamahlelo amabandla abezimishini zobuKhrestu, zokuthuthuka namalungelo ngamunye. Lezi zihlanakezelo zokucabanga zazingezona ezokuthuthuka kodwa kwakuyisiphetho sakho.
Ngokuchaza komunye usomlando, ukusabalala kwe-England phesheya kwezilwandle kwakujutshwe futhi kwakuvunywe uMdali. Kepha abantu ababeqoniwe bazizwa bekhishwe inyumbazane ngaphandle.
Kwakuyikhulunyaka le-17, ngenkathi le-America neNingizimu Afrika beba ngabokuqala ukuqonelwa, ngenkathi womke umuntu wayezibona enngcono, umphakathi wabo, izenzo nezakhiwo zabo ngokwentando kaMdali. Lapho owayengelutho wayezozizwa kanjalo nje ngokufanele okungcono, igugu alikhathalele uMdali.
Kodwa ababeqoniwe bazibona bebandlululwa ngamabomu kokwakuzuzwa, bethathwa njengezixhwanguxhwangu nababengaphucuzekile, nabangenabuKhrestu, baphathwa ngendluzula.
Lwagqama uhlobo lokucabanga olwaziveza kwabanye ababeqavile ababekhanyiselwe e-America nase-Europe. Ngenkathi ababenhlakanipho yayijulile nababengabaklami bomzabalazo wase-America njengoJefferson noWashington, babalula ngamalungelo omuntu, nababelokhu bengabanini bezigqila, babezibandlulula izigqila nabendabuko base-America, emphakathini owawukhululekike wabase-America.
Ngakho-ke, izinhlelo ikakhulukazi zokusabalala kwepolitiki nentuthuko yomnotho ezathathwa yiBritain ne-America ngekhulunyaka le-19,zokuqinisa imicabangonto ngokubukelwa phansi kwabantu bendabuko bahlale bakholelwa ohlelweni lomphakathi wasentshonalanga ukuthi wawuphezulu,wawungcono.
Ngaleyo nkathi yentuthuko, kwakugxiliswa ukucwasa ngokobuzwe, ngokwebala ngokuthi kwakwamukelwe kuMdali.Abantu babekwa ngokwezigaba zamphakathi abakuwona ngwntuthuko lapho abangama-Anglo-Saxon beqhwakele phezulu esikhweleni sempucuzeko futhi abanye baphansi.
Abezizwe ezibala limnyama zazithathwa kwenye inkathi nezisondele ezilwaneni kunokuba zibe ngabasondele ebantwini. Umbhalo i-Edinburgh Review ngowe-1863, wabeka ukuthi wawungekho umehluko omkhulu phakathi kwenhlakanipho yamaBosjeman (Abathwa noma amaBushman), Oran-utan (isilwane saseMalay esifaniswa nomuntu, nathi), amaHottentot, kunokuba yiHottentot nenkawu eyisilima, ephetha umbhali.
Ngakolunye uhlangothi kwakunombhalo wowayekhonzwe kakhulu, wombusi uWinston Churchill eveza okwakucashile nokwakusondele kwiSocial Darwinism, bezibona bephezulu abasentshonalanga. Kwabulawa ngowe-1898, kwamabutho eSudan Mahdist e-Omdurman ngezikhali ezazintsha. Babeyizi-11000 ababulawa, babeyizi-15000, abalimala.
Elesi-7, waqhubeka uChurchill kafushane ngokuthi: Inani lezifiki lalimangalisa kanti abaqonelwa babesuka ebumnyameni bokungaphucuzeki beya empucuzekweni, ababanqoba baqhwaga konke okwabo,bakhohlwa nangamagama abo,ngisho nomlando wabo ongaqopha lemfucuza. Wabukela phansi amaNdiya njengabenobulwane nenkolo yabo,ayengakwazi ukuhlalisana nama-Afrika.