Yize sesikhululekile isasele insila esanidwa ngayo abaqoneli
Kufihlwa, kufihlwani,ngoba iqiniso laziwa ngosopolitiki ikakhulukazi boHlanga namaqembu epolitiki abo kanye nomphakathi waboHlanga wase- Afrika nalapha eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe. Ukuthi izwe kade labuswa ngokwendlela yabase-Europe, yabelumbi basentshonalanga mzukwana kugqokwa izicathulo ngendlela yabase-Europe. Kwasukela lapho ukuba izwekazi i-Afrika libange lisabuswa ngokwendlela yezilimi zebele zaboHlanga bakhona.
Sisaqhubeka ngayo indlela yabase-Europe ukwenza izinto emikhakheni eyehlukene yempilo e-Afrika. Akukho ngempela okubonakala kukusha, ukukhombisa ukuthi siyaqala manje ukukwengeza kabusha, ukukuqamba nokukusungula e-Afrika jikelele.
SingaboHlanga asizigqugquzeli ngendlela izilimi zebele zasemazweni ethu, ukuze zikhulunywe, zibhalwe, zifundwe, zicubungulwe ngabase-Europe abakwiNhlangano yeZizwe eziBumbene.
Ingani nabaseNingizimu Afrika abaya kobhaca, mzukwana babuya abanye babo bazibona bengcono kunabangazange baye ekubhaceni. Kwaba sengathi lwalulukhulu ababezolwenza olwehlukile emaBhunwini nakulamazwqe ababebhace kuwona.
Besaba abase-Europe ukugqugquzela, ukukhuluma ngezilimi zebele zasemakubo, zase-Afrika. Bese behumusha noma batolike abakukhulumile ukukhombisa ukuthi kufundiwe ngempela. Ngoba banalo lonke ithuba lokukwenza njengoba behlala bevela emithonjeni eyehlukene.
Akukho okunye, ngaphandle kwezilimi zebele, ngoba nolimi lunamathele emizimbeni yethu. Pho bazohlulwa yini ngempela ukuzifaka intshisekelo osopolitiki boHlanga. Uma ngikhuluma iqiniso,singaboHlanga balenkathi, asikakaqambi nokukodwa sikususa phansi ngokwendlela yethu yase- Afrika, phezu kokufunda imfundo nesikompilonhlalo ngokwase- Europe.
Naku okulula engabe aboHlanga abangosoplitiki, abasemabandleni, abasezikoleni eNingizimu Afrika nezinye izindawo. Bavunyelwa noma sivunyelwa ngumthethosisekelo isigaba sesi-6 (1) ngezilimi:
Njengokuthi: OwoHlanga kubaPedi ekhuluma isiLungu bese ehumusha, etolika ngolimi lweSepedi. OwoHlanga kubeSotho ekhuluma isiLungu bese ehumusha, etolika ngolimi lweSesotho. OwoHlanga kubeTswana ekhuluma isiLungu bese ehumusha, etolika ngolimi lwesTtswana.
Bese owoHlanga kubaVenda ekhuluma isiLungu bese ehumusha, etolika ngolimi iTshivenda, OwoHlanga kumaTsonga ekhuluma isiLungu bese ehumusha, etolika ngolimi iXitsonga.
Kube ngaboHlanga kumaSwati ekhuluma isiLungu bese ehumusha, etolika
ngolimi iSiswati. OwoHlanga kumaNdebele ekhuluma isiLungu bese ehumusha, etolika ngolimi isiNdebele.
OwoHlanga kumaXhosa ekhuluma isiLungu bese ehumusha, etolika ngolimi isiXhosa. OwoHlanga kumaZulu ekhuluma isiLungu bese ehumusha, etolika ngolimi nesiZulu.
Uma sithi isiSepedi, iSesotho, iSetswana, iTshivenda, iXitsonga, iSiswati, isiNdebele, isiXhosa nesiZulu, isiKhoi San nezinye akuhumushwa, akutolikwa. Azilime ziyetsheni, aboHlanga abazikhulume kuzwakale izilimi zebele. Uma singaboHlanga sithi izwe liphethwe yithina, aliphethwe isinyelela, esithe ngabakhuluma ulimi lwesiBhunu nesiLungu.
Ingani, abakhuluma isiBhunu nesiNgisi abayihumushi, abayitoliki inkulumo yabo ngezilimi zebele zaboHlanga baseNingizimu Afrika.
Abasiboni nakancane isidingo salokho, ngoba bayazi ukuthi bazozwa abolimi lwesiBhunu nolwesiLungu ukuthi bathini, bakhulumani ephalamende, komasipala nakwezinye izindawo.

