IKhomishini Yezingxoxo yaseSenegal iphakamisa ukuthi ukhetho lubanjwe ngoNhlangulana
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
INational Dialogue Commission yaseSenegal izophakamisa ukuthi ukhetho lokwengamela olubambezeleke lubanjwe zi-2 kuNhlangulana futhi iphakamise ukuthi uMengameli uMacky Sall ahlale esikhundleni kuze kufungiswe ozongena esikhundleni sakhe, kusho ilungu leKhomishini uNdiawar Paye ngoLwesibili.
Leli lizwe eliseNtshonalanga Afrika, okumele libe ngumkhiqizi kawoyela negesi ekupheleni konyaka, selingene enkingeni yezombusazwe engakaze ibonwe ngemuva kokuthi uSall ehlehlise ukhetho obeluhlelelwe ukuba lube ngoNhlolanja zingama-25.
Isiphakamiso sosuku silandela izinsuku ezimbili zezingxoxo ezihlelwe nguMengameli uSall njengendlela yokudambisa ukungezwani. Imizamo yakhe kanye nePhalamende ehlulekile ukuhlehlisa ukhetho obekufanele libe ngenyanga edlule (Nhlolanja) ngezinyanga eziyishumi kwaqubula iziyaluyalu kanye nezixwayiso zokuhlehla kwentando yeningi kwelinye lemibuso yentando yeningi ezinzile eNtshonalanga Afrika.
Izincomo zizothunyelwa kuSall ozothatha isinqumo esingujuqu, uPaye etshela abeReuters. Ekhuluma ngocingo uthe akwaziwa noma uSall uzosamukela yini lesi sincomo kodwa isinqumo sakhe singase siphume ngoLwesibili noma ngoLwesithathu.
Izingxoxo enhlokodolobha iDakar abaningi bamaqembu aphikisayo baziduba, abanye babo abafuna kubanjwe ivoti ngaphambi kokuphelelwa yisikhathi kwegunya likaSall zi-2 kuNdasa.
UPaye uthe iKhomishini ivumile ukuthi ekuqaleni kukaNhlangulana isikhathi esingaba sihle kakhulu sokuvota. “Inyanga kaNhlaba inemikhosi eminingi yezenkolo, ngakho ukhetho lwalungeke lubanjwe ngaleso sikhathi,” kusho uPaye.
Okwamanje bekungakacaci ukuthi amaqembu aphikisayo azophendula kanjani ngalolu suku oluhlongozwayo. Ukuphonselwa inselelo kwayo okungokomthetho okuyimpumelelo kokuhlehliswa kwasekuqaleni kwaholela ekubeni iziphathimandla eziphezulu zomthethosisekelo zinqume ukubambezeleka okungekho emthethweni futhi zacela uSall ukuthi athole usuku olusha ngokushesha.