Now Reading
Ukwenze konke okufanele uNomusa kwabheda iqembu
Dark Light

Ukwenze konke okufanele uNomusa kwabheda iqembu

Umqeqeshi wamankomane uBasil Kotelo ubona uNomusa Ngema ezoliphatha ngelinye ilanga ibhande elikhulu.

UKotelo weKwaMashu Boxing Academy ukusho lokhu kade ekhuluma nelaboHlanga ngeledlule, ezimpini ekade ziseMgungundlovu zenziwe uNomvelo uKaMagcaba Shezi weMvelo Boxing Promotions.

UNomusa obeqala ukulwa esigabeni esikhokhelwayo umangaze abaningi enqoba kalula ngesikhathi ebhekene noLufuno Mutshayi odabuka eGauteng. Akuthathanga isikhathi esingakanani, umqeqeshi kaLufuno wabonakala ephonsa ithawula eringini okusho ukuthi uyabona usomankomane wakhe azingangaye.

Lezi zintokazi bekulindelwe ukuba zilwe kumzuliswano emine, kodwa akufikanga lapho. “UMashu, isifundazwe iKwaZulu-Natal kanye neNingizimu Afrika yonke isazoziqhenya ngoNomusa. Angingabazi ukuthi uzoliphatha ibhande elinye lamabhande ahlonishwayo emhlabeni. Indlela alwe ngayo ngeledlule ngikholwa ukuthi akade bekhona bazongifakazela ukuthi bekumfanele ukuthi aye eJapan ukuyomela elakuleli emqhudelwanweni ku-Olympics. Abantu ngiyabathembisa nje ukuthi abalindele okuningi okuhle kule ntokazi” kusho uKotelo oseneminyaka eqeqesha le ntokazi.

UNomusa okwenze wangaya eJapan ingoba iTeam Boxing SA ihlulekile ukuzibekela indawo yayo, kodwa yena wayesekwazile ukunqoba izimpi zokuhlunga.

“Ukunqoba kukaNomusa ngeKO akungijabulisanga kakhulu, mina ngikholelwa ekutheni umuntu umhlule mhlambe kumzuliswano wesine ukuze uzotshengisa abantu ukuthi unekhono. Ngelinye ilanga uzovele angamtholi ozofuna ukuwa zisuka nje, uzokwazi kanjani ukuqhubeka ngoba ujwayele ukuhlula abantu zisuka nje. Ngingasho ngaphandle kokungabaza ukuthi fuze ngabe kade waba kulesi sigaba uNomusa unethalente eliyisimanga,” kubeka uKotelo.

UNomusa enqoba izihlwele zivele zeza kuyena zazomubungaza, zimujabulela. Abanye bengakholwa ukuthi impi ebibhekwe kangaka ingathatha imizuzwana nje bese iyaphela.
ElaboHlanga liphinde lakhuluma nayo intokazi yakwaNgema. “Indlela engijabule ngayo ayichazeki, isifiso sami ngikholwa ukuthi sifezekile. Bengifisa ukunqoba impi yami yokuqala esigabeni esiphezulu lokho kumina bekuzongikhuthaza kakhulu, njengoba sekwenzekile nje ngikholwa ukuthi indlela yami ebheke phambili iyakhanya” kusho le ntokazi.

See Also

Isho ngaphandle kokusaba ukuthi ukusebenza kwayo kanzima kuyilethele imivuzo emihle. “Kukhona konke okwenzakalayo kumina ngibona ukuzimisela kwami. Ngivuka njalo ekuseni ngiyoziqeqesha, nantambama kube yiso leso. Lokho ngikwenza ngaphandle kokuyalelwa umqeqeshi wami, kodwa ngizenzela mina,” usho kanje uNomusa, obukela kuThulani Mbenge noMayweather.

Waqala ezamankomane eneminyaka eli-11 njengoba manje eseneminyaka engama-28 yobudala nje. Uthe uzimisele kakhulu ukwenza kahle ngoba uyawubona lo mdlalo ubeka isinkwa etafuleni. Kuzo ezithinta ezamankomane kule mpelasonto kuzoba nezimpi ezihlelwe iSiyathaba Boxing Promotions kaSandile Vilakazi. Le zimpi zizobanjelwa e-APN Portuguese Club, eThekwini. Zixhaswe uMnyango wezemidlalo oholwa umpathiswa uHlengiwe Mavimbela.
Enye yezimpi ezibhekiwe ekaNgcebo “Trouble Maker” Sibiya waKwaZulu-Natal le mpi eyokungcweka kuJunior Middleweight, uzoyilwa noJackson Kaptein waseFree State.

Ezinye izimpi ziqhathwe kanje:
USimiso Buthelezi noKwenzokuhle Qwabe (Lightweight- 6 rounds); uGcina Makhoba no-Enathi Stella (Junior Bantam-6 rounds); uMxolisi Sibiya noTitus Nyamela (Bantamweight-4 rounds); uNhlonipho Hlubi noMpendulo Gumede (Featherweight-4 rounds); uBrandon Naude noLubabalo Bokuva (Lightweight-4 rounds); uThabiso Mthembu noKhumbulani Duma (Junior Midleweight-4 rounds); uCelelihle Mpanza noLoyiso Basiya (Featherweight-4); uSizwe Biyela noNjabulo Buthelezi (Flyweight-4 rounds).

Scroll To Top