Ngomculo wayexoxa indaba uNosikhumbuzo Bosman
Ngenyanga ezayo kuzobe kuhlangana unyaka iNingizimu Afrika nezwekazi balahlekelwa ngobesethathwa njengensika emculweni wejazz kulandela ukuhamba kwezinkanka ezinjengoSipho Gumede, uWendy Mseleku, uSbongile Khumalo, uHugh Masekela. Nakuba uGloria Nosikhumbuzo Bosman wayeneminyaka yobudala engama-50 kuphela, kwababelandela umculo wakhe wayesefana nodondolo kulo mkhakha. Ngaphandle kokucula wayebuye abe ngumdidiyeli womculo futhi nezingoma zakhe eziningi wayeziqambela.
Wayengokuhlukile kubaculi abaningi ngoba wayengagcini nje ngokucula kodwa wayewufundisa umculo eNyuvesi yaseTshwane. Ngesikhathi kusabalala izindaba zokufulathela kwakhe mhla zizi-4 kuMbasa wezi-2023 uphiko lweDrama kule nyuvesi lwabhala kanje: “Ubengale kokuba yiciko emlandweni womculo eNingizimu Afrika, ngomculo ubexoxa indaba elondoloza ulwazi futhi ngawo edala inkulumongxoxo kubantu ngoba ubesabalalisa nolwazi esebenzisa umculo”. Umbhalo weNyuvesi wawuqhuba uthi lapho kwenzekile wazithola usegumbini elilodwa noGloria Bosman wawusuke uzuze inqabakutholwa ngoba nanihlukana usungomunye umuntu.
Yize leli ciko lingazange lakuthola ukuhlonishwa okusizengeni nokulifanele njengabangaphambilini uMirriam Makeba noSibongile Khumalo, kepha imisebenzi yakhe ayishiya ngemuva iyazikhulumela. Uzunywa ukufa nje wayesanda kukhipha i-albhamu yakhe ethi Live. I-albhamu yakhe ayikhipha ngonyaka wezi-2002 esihloko sithi, Stop and Think yadayisa kakhulu kuleli nasemazweni amaningi ezwenikazi.
Yiyo le-albhamu eyenza nezinye izinkampani zomculo zimbheke ngelinye iso waphenduka inoni esefunwa ngapha nangapha. abahlaziyi bomculo ngaleso sikhathi bamthwesa uphaphe lwegwalagwala okwaze kwafika lapho bebeka le-albhamu ezingeni lekaSbongile Khumalo iLive at the Market Theatre yowe-1998 nekaJudith Sephuma i-A Cry, A Smile, A Dance yowezi-2001. Ngaphandle kwethalenye lokucula lomzwilili wayephekiwe futhi eneziqu zomculo azizuza eTshwane University of Technology ngonyaka we-1996.
Ukukhulela emidlalweni yeshashalazi kwenza kwaba lula lapho esengena esiteji ecula. Lo mculi wazalelwa eMofolo, eSoweto. Uqale ukuzisondeza nezikaqedisizungu esafunda amabanga aphansi. Kuthe ngonyaka we-1993 waba yingxenye yomdlalo weshashalazi eMarket Theatre. Kukulo mdlalo lapho wakhipha khona amangwevu okwaholela ekutheni ababhali nabagqugquzeli bamtholele umfundaze wokuya enyuvesi ayocija ikhono lakhe emculweni.
USbongile Khumalo waba ngomunye wabaculi abaziwayo abamsondeza eduze emlolonga. Kungalesi sikhathi lapho wahlanganisa khona i-albhamu yezingoma zabaculi abadala bakuleli wazivusa zazintsha. Kule albhamu kukhona ingoma ka-Alam Silinga ethi Ntyilo Ntyilo, nethi Lizzy ka-Alpheus Nkosi. Noma esendela kwelamathonga i-albhamu yakhe yokuqala ethi Tranquility yonyaka we-1999 iyohlala iyisikhumbuzo sokuthi iNingizimu Afrika yayihlobe ngenoni leciko emculweni wejazz. Kule albhamu kwakuboshelwe izinkakha kusuka kumdlali wopiyano uPaul Hanmer, uLouis Mhlanga owayedlala isiginci, uLawrence Matshiza, uSteve Dyer noMcCoy Mrubata asebecule nabaculi abaningi, umshayi webhesi uHerbie Tsoaeli.