Izobhekana ne-India kweyeT20 iProteas


Umbango wejezi kuleli qembu ushubile njengoba izobhekana nelaseNdiya emidlalweni emihlanu ezobanjelwa ekuhambeni okusho ukuthi elakuleli lingaphansi kwengcindezi
Abophele izinsika zabadlali iProteas azogadulisana neqembu i-India emidlalweni emihlanu yeT20 ekuhambeni.
Elakuleli lilungiselela iNdebe yoMhlaba yeT20 ezobanjelwa e-Austra lia ekupheleni konyaka.
ElaboHlanga lixoxe nengwazi yeProteas, uJustin Kemp olibeke ngembaba elokuthi uMarc Boucher ocija iqembu uzothwala kanzima uma sekumele aqoke elabadlali abangu-11 azoqala ngabo umdlalo.
“Umbango wejezi kuleli qembu ushubile. Wonke umuntu kumele alwele indawo yakhe esikimini. Ngeneme ngefomu kaQuinton De Kock, uDavid Miller, u-Aiden Markram, uKagiso Rabada, uMarco Jansen no-Anrich Nortje. Ukudlala kwezinsika zethu ku-IPL kuzolisiza iqembu lesizwe. Iningi labadlali selidlale imidlalo eyishumi noma ngaphezulu. Manje sebezobhekana ne-India. Kuyinto enhle ukuthi badlale imidlalo eminingi yeT20 ngaphambi kweNdebe yoMhlaba,” kubeka uKemp.
Isikwati seProteas sakhiwe ngoTemba Bavuma, uDe Kock, uReeza Hendricks, uHeinrich Klaasen, uKeshav Maharaj, uMarkram, Miller, uLungi Ngidi, uNortje, uWayen Parnell, uDwaine Pretorius, uRabada, uTabraiz Shamsi, uTristan Stubbs, uRassie Van Der Dussen noMarco Jansen.
“UBoucher uzophathwa yikhanda uma sekumele aqoke iqembu azoqala ngalo. Kunabadlali abafana noReeza Hendricks abenze kahle emqhudelwaneni wasekhaya. Akuyena nguyena kuphela kodwa kunoTristan Stubbs. Lesi sikwati siqinile kuzo zonke izindawo. Sinama-spinner amabili okunguShamsi noMaharaj kanti kuma-All Rounder kukhona uPretorius, uStubbs, uParnell noJansen. Kubashwibi bamabhola asheshayo kukhona uRabada, uJansen, uNgidi noNortje. Kubadlali ababhetha ekuqaleni komdlalo kukhona uTemba, uReeza, uRassie, uMarkram noKlaasen. Kwaba kwazi ukuqeda umdlalo kukhona uMiller, uStubbs noParnell,” kuchaza uKemp owayeshwiba aphinde abhethe kuProteas.
IProteas ne-India bazotholana phezulu emidlalweni emihlanu. Owokuqala useDelhi mhlaka ziyisishiyagalolunye kuNhlangulana bese kuthi owesibili ubanjwe mhla ziyishumi nambili eCuttack, owesibili uzodlalelwa eVizag mhla ziyishumi nane kuthi owesine ube eRajkot ngemuva kwezinsuku ezintathu. Owokugcina useBengaluru mhla ziyishumi nesishiyagalolunye kuNhlangulana.
“Kimina imiphumela ayimqoka kangako kule midlalo. Into emqoka wukuthola iqembu esizogadla ngalo kweyeNdebe yoMhlaba. Lokhu sizokuzuza ngokuthi sinike abadlali abahlukene amathuba okuzibonakalisa yize ngingabhekile izinguquko eziningi emidlalweni emithathu yokuqala,” kubeka uKemp.
IProteas aboshelwe eqoqweni elilodwa neBangladesh, iPakistan, i-India kanti amanye amaqembu asazomenyezelwa ngemuva kwemidlalo yokuhlunga.
“Muva nje sisanda kudlala neBangladesh kanti sesizobhekana ne-India. Womabili la mazwe siboshelwe eqoqweni elilodwa nawo. Ukubhekana nawo kule midlalo kuzosinika isithombe sokuthi yini okumele sikulindele kuwona kweyeNdebe yoMhlaba. Ngokwami ngicabanga ukuthi sinalo ithuba lokudlulela kweyandulela amanqamu. Ngonyaka odlule sidlale kahle kweyoMhlaba ngoba sishaywe umdlalo owodwa kodwa saphuma ngenxa yomehluko wama-run obusiphika. Kumele sakhele lapho. Okunye engingathanda ukukubona kushintsha yindlela esidlala ngayo. Ngifuna ukubona indluzula eqenjini lesizwe. Iyona indlela esinganqoba ngayo iNdebe yoMhlaba,” kulandisa uKemp.
IProteas asathungatha iNdebe yoMhlaba yokuqala eminyakeni engama-30 kusukela abuyiselwa emidlalweni yamazwe ngowe-1992. Akakaze ayiphakamise eyoMhlaba.
“I-Australia iyinqobe iNdebe yoMhlaba ngoba ibidlala ngendluzula. IWest Indies nayo iyinqobe kanjalo eminyakeni eyedlule. Nathi sidinga ukudlala kanjalo.” kuphetha uKemp.