Now Reading
Abangcweki: Lishone isibhonga nenxeba eyaKwaDakw’udunuse
Dark Light

Abangcweki: Lishone isibhonga nenxeba eyaKwaDakw’udunuse

Yize isolwa iKhomishini kepha isinqumo siyivunile. UZuma kuthiwa akayoziphendulela kuZondo


Kukhanyela noma ngubani ukuthi sekufike kuvuthondaba. Esikhathini esiyizinyanga ezimbili umsebenzi weKhomishini ephenya ngokugwamandwa kwamandla ombuso neholwa nguMehluleli uZondo uyagoqwa. Cishe kuzo zonke izethulo ezenziwe lilodwa igama eligqamile – ngelikaloyo owayenguMengameli wakuleli uMnu uZuma. 

Izolo iNkantolo YoMthethosisekelo ngomlomo kaMehluleli uJafta ikhiphe isinqumo esivuna iKhomishini odabeni lapho ibikhuleka ukuba kube yiNkantolo lena ephoqa ukuba uZuma angagcini nje ngokuvela kuyo kepha aphinde angabi yisimungulu njengoba ayesabisile. 

Kufikwa lapha nje iKhomishini noZuma basemdonsiswaneni osuthathe isikhashana nomayelana nokubizwa kwakhe (uZuma) ukuba azochaza okuthile. Imikhonto icije kakhulu ngesikhathi uZuma ehamba esigcawini enganikwanga imvume nguMehluleli uZondo nokwahunyushwa yiKhomishini njengokudelelwa nguZuma. Iphendula lesi senzo iKhomishini yakhipha amasamanisi nayephoqa ukuba uZuma abuye.

Ethula isinqumo uMehluleli uJafta ngobumqoka bokuthi uZuma ayoziphendulela uthe: “Izinsolo eziphenywayo zibaluleke kakhulu ngendlela yokuthi, uma ziqinisekiswa, ukuba sengcupheni kwedemokhrasi yezwe esakhasa ngabe kwenzekile. Zonke izakhamuzi zaseNingizimu Afrika, kubandakanya nowayenguMengameli, zimazonzwane ukuba izinsolo ezikhona kuqedwe ngazo unomphelo,” kusho uJafta.

Uqhube wathi: “Ukuziphatha kowayenguMengameli kungqubuzana nenqubo yomthetho oyingxenye yoMthethosisekelo. Ohlelweni lwethu, akekho ongaphezu komthetho. Ngisho nalabo ababenamathuba okwakha imithetho banesibopho sokuhlonipha nokuhambisana naleyo mithetho. Uma nje imithetho isasebenza kufanele ihlonishwe.”

Kuvikisana izincwepheshi

Obekusobala ngaso sonke lesi sikhathi wukuthi zombili izinhlangothi bezikwazi ezikwenzayo futhi zigwema ukududulana mahlanze kunalokho zisebenzisa umthetho ukuzwa amanzi ngobhoko. Ngasohlangothini lukaZondo obekumqoka yisithunzi seKhomishini nesakhe luqobo njengowesibili ngamandla eNkantolo yoMthethosisekelo. 

See Also

Isinqumo sokuqonda ngqo eNkantolo yoMthethosisekelo besinobungozi kuye ngoba ukube ukhale ngaphansi bekuyosho ukuthi uchithwe ngabantu abangaphansi kwakhe. Lokhu bekuyosetshenziswa ngabanye ukuveza abangakuhumusha njengobuthaka ekuqondeni umthetho. 

Ubuchule abenzile uZondo kube ukuqonda ngqo kweyoMthethosisekelo ukuze icala leli lingabi nokudluliswa obekungenzeka uma bekuwukuthi udaba lukhulunywe enkantolo encane. Kanti ngakolunye uhlangothi, uZuma obekusobala ukuthi inhloso yakhe wukududulela iKhomishini enkingeni evele isibhekene nayo, yesikhathi. Ephawula ngokuncipha kwezinsuku zeKhomishini uMehluleli uZondo uthe kungahle kuphoqe ukuthi ubufakazi bethulwe ngisho kusihlwa ngoba asisekho isikhathi. Uveze nokuthi angahle ayokhala kuMengameli ukuthi imigomo yewashi ixegiswe kuKhomishini. 

Yize iNkantolo ivune iKhomishini kepha ngakolunye uhlangothi iyisolile ngesandla esilula njengoba emasamanisini ayizi-2 526 akhishelwe abanye kuZuma bekubhalwa kucishwa: “Ngokucacile, iKhomishini kufanele igxeke isimo ezithola ikusona. Asikho isizathu esinikeziwe sokuphathwa kahle kowayenguMengameli. IKhomishini ibikuqonda kahle ukuthi uMthethosisekelo ufuna ukuthi bonke ofakazi baphathwe ngokulingana ngaphansi komthetho. Ukube iKhomishini isebenzise amandla ayo empoqo zibekwa amadaka, ngabe akuzange kuqubuke kube nezimo eziphuthunyiswayo lapha,” kubeka uJafta. 

Emveni kwalesi sinqumo ingcindezi isingakuye uZuma ukuthi ngabe uzophambana yini noMthethosisekelo wezwe kanye neKhomishini eyakhandwa nguye.

Scroll To Top